Inkululeko yangempela yaboHlanga ilele ekwazini okusifikise lapha



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Phezu komzabalazo owaliwa ngezingazi zamadoda nabafazi, aboHlanga basayizicelankobe, abafo bona basasendaweni engcono
Ezikhathini ezehlukene ngibalulile ubumqoka bomlando we-African National Congress (ANC) emlandweni wepolitiki yakuleli. Leli yiqembu elidala kunawo wonke kwaboHlanga elabe lilwela inkululeko. Izimpande zalo azikho nje kuphela kuleli kepha zasabalala ne-Afrika yonkana. Lena yinqola emasondosondo eyathwala umzabalazo cishe kuzo zonke izigaba zayo. Kuyo kuvele abaholi abanohlonze, abesilisa nabesifazane, intsha nabadala. Umnikelo wamalungu nabaholi bale nhlangano kawudingi kuphindwaphindwa ngoba waziwa yizizukulwane.
UKhongolose wabe ulikhaya laboHlanga. Bheka ngoba ngisho labo abagcina ngokuphuma awabo amanxiwa baqhamuka nezinhlangano zabo, kusuka kuPan Africanist Congress (PAC), i-Inkatha Freedom Party (IFP), i-United Democratic Movement (UDM), iCongress of the People (COPE) ngisho ne-Economic Freedom Fighters (EFF) bonke bagxeka ubuholi obusuke bukhona ngokusuka ezimfundisweni zikaKhongolose zokuqala. Ngisho namalungu ashiyayo aya kwamanye amaqembu asho okufanayo.

Ihlaya wukuthi ngisho abantu abafana noMnu uMaimane owake wahola iDemocratic Alliance (DA) nezakhe bake baba nesiqubulo sokhetho esithi:“I-ANC ayisefani” . Le nkulumo yisikhalo sabantu okuwukuthi babona abangasakuthandi entweni abayithandayo. Umsunguli we-IFP uMntwana waKwaPhindangene kakufihli ukuhlobana kwakhe noKhongolose, empeleni uze akuveze ukuthi Inkatha yabe iliqhingasu labaholi bakaKhongolose. Ukutusa kwakhe abaholi abafana nomsunguli kaKhongolose uSeme neNkosi uLuthuli yinto anganamahloni ngayo ngoba ngokwakhe yena unguKhongolose ‘wangempela’.
Akekho ongaphika ukuthi uKhongolose uyinkosana yamaqembu omzabalazo nepolitiki kanti futhi uliqembu elibusayo. Lobu bukhosana kuza nomthwalo, uma kukuhle siyancoma kepha uma kukubi sikhala kuwe izinduku. Kubafundi bezepolitiki, umlando wayo kanye nepolitiki yomnotho sebeqalile ukubuza imibuzo ngale nkosana yakwethu, ukuthi safa ikhona. Kungakuhle futhi ukuthi abaholi bale nhlangano namalungu basondele balalele ukuthi lo mbuzo ususwa yini nokuthi uyaphi. Umbuzo omkhulu lapha uthi ngabe uKhongolose kuseyiwo yini lo ongasithwala njengoba wenza njalo endulo? Usakuqonda yini okusixakileyo, usenawo yini amakhono okuselusa njengeqembu noHulumeni? Lona uhlobo lwabaholi asebephezulu lungasiweza yini noma nabo bafana nathi thina bontembuzana? Ngabe uKhongolose usefana yini, kuseyiyo lena inqola emasondosondo yoDube noSeme? Laba abawufelayo uma bengavuka basengavuma yini ukuwufela futhi?
Isigaba Sesibili
Omunye wabaholi bentsha kaKhongolose empeleni owaba nguMengameli wokuqala kaVukayibambe, uMnu uMuziwakhe Lembede wexwayisa aboHlanga lapho ethi: “Lowo ofuna ukwakha ikusasa, angakhohlwa yimuva”. Ukusungulwa kukaKhongolose ngonyaka we-1912 kwabe kuqala ikhasi elisha emzabalazweni waboHlanga ngoba kwazaleka lokhu engikubiza ngokuthi yisigaba sesibili somzabalazo. Uma sithi ngesesibili kusho ukuthi sikhona esokuqala. Phela esokuqala yileso esabe siholwa ngaMakhosi namafelankosi. Lona kwabe kuwumzabalazo wokuvukela umhlaba, zaliwa izimpi kwaXhosa, kwachitheka igazi emaMpondweni, kubaPedi, kubeTswana nakoSandlwane waze wajama umkhonto ngeMpi yaMakhanda ngowe -1906.

Umehluko phakathi kwesigaba sokuqala naleso sesibili wukuthi lesi sesibili sabe sesiphethwe futhi siholwa zifundiswa nabefundisi. Kwase kungakhulumi umkhonto kepha ipeni. Empeleni babazi laba besigaba sesibili ukuthi okwabo kwabe kuwukuqhuba into eyabe iqale esigabeni sokuqala. Ubufakazi balokho kwaba yisinqumo sabo ubuholi bokuqala bukaKhongolose sokuthi aMakhosi afana neNgonyama uDinuzulu enziwe uMengameli okhethekile kaKhongolose. Lokhu kwabe kuwukuqinisekisa ukuthi kunokuxhumana kwezigaba zomzabalazo. Uma ufuna ukuqonda kahle isikhalo salaba abathi ‘bona banguKhongolose wangempela’ noma bathi ‘uKhongolose kawusefani’ kumele uqonde lokho okwabe kuyizizathu zokubunjwa kwawo. Lokhu kumqoka ngoba yize izigaba lezi sithi ziyaxhumana kepha kukhona futhi lapho zehlukana khona.
Ukwehlukana kwezigaba
Isigaba sokuqala sabe simele ukufuna ukuvikela inhlabathi. Nembala zafa izinsizwa zivikela ifagugu okuwumhlaba. Nokho isigaba sesibili ngenxa belu yohlobo lwabaholi lwabe selwehluka nje kancane kulokho. Kwabe sekungena umoya ‘wamalungelo abantu’ nokwabe kuhamba phambili ilungelo lokuvota nelungelo lokwamukeleka njengesakhamuzi esinamalungelo afana nabelungu. Kuningi okwabe kudale lesi simomqondo sokuthambisa izimfuno zomzabalazo. Ebhukwini lakhe elithi: Magema Fuze: The Making of a Kholwa Intellectual, uSolwazi uHlonipha Mokoena uveza okumqoka ngesizukulwane esisha saboHlanga ngaleso sikhathi nesabe sesingenwe yinkolo nemfundo, abase bebizwa ngamakholwa.
Leli bhuku licwaninga impilo kaMagema Fuze futhi bese liphakamisa ukuthi ukuzihlonza njengekholwa kwakuyinto yangaleso sikhathi ethakaselwayo ngokusebenzisa okusizindaziningi, okuxhakathiswe, okunezindlela ezingenanhloso kwenye inkathi ezingqubuzanayo, okuxube okobukoloni nokwamasiko omdabu.
USolwazi umile ekutheni ikholwa alizinzile ngokwesiko nangokwepolitiki, njengoba kwaba kanjalo kwabaseBhodwe (Natal) nabakwaZulu (Zululand) behlukaniswa, kuba khona isethembiso sokulingana nokuba yingxenye yamakoloni kanti ngakolunye uhlangothi kukhona okulibophezela emasikweni nasendleleni yomdabu wawo yokuphila. Nokuthi amakholwa asebenzisa izinto eziqhubezela phambili ubukoloni – izaziso zezikhalo, izincwadi, amabhuku namaphephandaba – ukuze aveze agcizelele ukungahambisani nokucindezelwa nokuqonelwa.

Ukwenza nokucabanga kukaMagema kwabe kungehlukile kunabaholi bakaKhongolose ngaleso sikhathi abafana noMafukuzela Dube, uPixley KaSeme, uSamuel Msani (SQ) nabanye. Lesi kwabe kuyisizukulwane sabaholi ababezalwa ngabesigaba sokuqala kepha benombono owehlukile wokuthola inkululeko, kubo umkhonto neklwa kwajika kwayibhayibheli, isitifikeni semfundo nepeni.
Kulukhuni ukubasola laba baholi nesizukulwane sabo ngoba iqiniso lithi isizukulwane nesizukulwane sizikhethela sona umzabalazo waso kanjalo nendlela okumele sibhekane ngayo nalowo mzabalazo. Njengoba iNgobamakhosi yaqoma ukudla abafo eSandlwana nebutho lowe-1912 laqoma ukuba nezingxoxo nabafo. Sekungaphikiswana ngokuithi engabe lokho kwasebenza yini ngoba phezu kwakho baqhubeka aboHlanga bacindezelwa iminyaka engama-82 kusuka ngowe-1912 kuya kowe-1994.
Osodemokhrasi
Ngiyafisa ukubuyela odabeni lokulwela amalungelo nokwabe sekwenza phakathi kwaboHlanga nezinhlangano kwachuma abantu esingazibiza ngosodemokhrasi. Abantu abakubona kuwumsebenzi wabo ukuthi balwele ilungelo lokulingana hhayi lokubuyisa.
Lokhu kumqoka ngoba abazukulu besizukulwane sokuqala namuhla eNingizimu Afrika bahlukene phakathi odabeni lwalokho okwabe kuwumongo womzabalazo esigabeni sokuqala. Bahlukene phakathi ngodaba lomhlaba, kukhona abathi azibuye izinkomo ezebiwa (umhlaba) ngaphandle kwesinxephezelo abanye bathi awubuye ngendlela ethize elandela ukuhlonishwa kwelungelo labathatha umhlaba.
Lokhu kuphikisana kwaboHlanga akulona nje kuphela ihlazo nesethuko emzabalazweni wethu kepha kuyisifundo esibuhlungwana ngoba kuveza, okokuqala indlala yolwazi lwalokho okwabe kuwumongo womzabalazo. Khona lapho kuveza ukwehluleka ukuqonda ekuthini yini lena eyenza abantu abazabalaza iminyaka engaphezu kwama-400 baqhubeke nokuhlupheka.
Uma ungakholwa yilokhu zibuze ukuthi ngesinjani lesi sizwe esingehlulwa nje izinyanga ezintathu ukuphefumula? Yebo uMengameli wavala izwe ngenxa yokhuvethe aboHlanga, abaholi nezinhlangano zabo bembuleka izinqe ekutheni abakwazi nokuzondla. Isithombe sabo bemi ujenge beyokhangezwa, abanye baze bazifake engozini ngenxa yokuyofuna imali yezibonelelelo zikaHulumeni zaba wubufakazi bokuthi siphandle. Simandla ekulweleni ilungelo lokuphuza utshwala kunelungelo lokuba yingxenye yomnotho nokubuyelwa umhlaba.
AboHlanga uma kuyotholwa izijumbane bancama ukutheleleka yizifo kepha uma kuthiwa abaye emhlanganweni ekhuluma ngomongo womzabalazo kabatholakali, okuyisimo esifana ncamashi nalesi osibona uma bebizelwa ukuzozwa ngemfundo yezingane zabo, abezi!
Okungenziwa
Yonke indaba inesiphetho sayo. Umbuzo uthi sesikusho konke lokhu ngakho-ke kumele kwenziweni? Ngabe nginamanga uma ngithi nginempendulo enguzifozonke kepha engikwaziyo wukuthi amagama ashiwo nguLembede aliqiniso, ukuthi loyo ofuna ukwakha ikusasa, angakhohlwa yimuva. Isiqalo sisekuqondeni ukuthi sisukaphi nasekutheni kungani silapha. Lolo lwazi lungenza sazi ubumqoka bokusuka endaweni (embi) esikuyo siye kwengconywana. Ulwazi lungamandla ngoba uma usuwazi usuke ususethubeni lokuhlela ukuthi uzokwenzani. Ngamafuphi ngithi uma aboHlanga befuna ukuphuma kulo mgodi wehlazo kumele bayeke ukumba.