Ubuyiselwe kwelakubo eNigeria
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Umholi waseNigeria wabahlubuki, uNnamdi Kanu, utholakele wabuyiselwa eNigeria ukuzobhekana necala lobushokobezi, kusho uNgqongqoshe wezoBulungiswa eNigeria, u-Abubakar Malami, esithangamini nabezindaba ngoLwesibili.
UKanu waduka ngesikhathi ehluleka ukuvela enkantolo ngowezi-2015 kanti akwaziwa nokuthi wayekuphi ngaphambi kokuboshwa. Izikhulu azidalulanga ukuthi waboshwa kuphi. UKanu uqale waboshwa ngomhlaka ziyi-14 kuMfumfu kowezi- 2015 ngamacala ali-11 asemaphethelweni obushokobezi, icala lokuvukela umbuso, ukuphatha umphakathi ongekho emthethweni, ukushicilelwa kwendaba ehlambalazayo, ukutholwa kwezibhamu ezingekho emthethweni nokungeniswa kwezimpahla ngendlela engafanele, phakathi kokunye okungamacala abhekane nawo.
