Umgudu wokugcina ekukhiqizweni kwencwadi
USphindile Mthethwa, uyingxenye yethimba lakwaShuter & Shooter Publishers
Phambilini besixoxa ngemigudu eyahlukene lapho umsebenzi obhaliwe odlula kuyona. Kwazise, umsusi wendaba kusuke kungumbhali osuke ebhale umsebenzi. Lo msebenzi uphekwa, unandiswe abantu abehlukene abasebenza ngokubambisana ukuze umsebenzi ugcine usuyincwadi efundekayo. Lokhu kwenzeka ngaphakathi enkampanini yokushicilela. Sesigoqa izingxoxo zethu; sesibuka ukusuka kwencwadi kubashicileli igcine isifinyelele emphakathini.
Incwadi isuka kubashicileli iya kubagayi
Incwadi inikwa abagayi ukuze igaywe. Ngaphambi kokuthi lokho kwenziwe, kumele kuqinisekiswe ukuthi yonke imininingwane ephathelene nencwadi icacile futhi iyiyona. Kule mininingwane kubalwa igama lencwadi, ukuma kwencwadi, uhlobo lwephepha (ngabe lilula, liqinile, liyashibilika njalonjalo). Kumele kucaciswe ukuthi izoba nemibala noma cha, ngabe izohlanganiswa iboshwe kanjani kanye nenani lamakhasi. Konke lokhu kunomthelela ezindlekweni zokukhiqiza incwadi. Lokhu kudalwa ukungabizi ngokufana kwezinsiza, izinhlobo zamaphepha zibiza ngokwehlukana, u-inki omnyama awubizi ngokufana noyimibala njll.
Uma siqhubeka nje, ngesikhathi uhlela incwadi yakho kumele uqinisekise ukuthi inani lamakhasi elibekiwe lanele imibhalo. Kuvame ukunganambithiseki ukubona incwadi enezikhala kanye namakhasi angenalutho. Lapha kudlelwa enqolobaneni ngoba phela uma yonke le mininingwane isicacile, kwavunyelwana ngayo, ithunyelwa kubagayi ukuze bagagule inani lokugaya leyo ncwadi.
Amaphutha akadingeki ngoba angenza umonakalo othinta inani lokudayiswa kwencwadi. Lapha abagayi babuka le mininingwane ebalulwe ngenhla esuke ivela kubashicileli ize kubona njengabagayi. Uma amaphrintazi esegagulile izindleko sokugaya, inkampani eshicilelayo nayo ibala izindleko bese ikhipha inani ezodayiswa ngayo incwadi.
Incwadi ifinyelela emphakathini
Sake sabalula phambilini ukuthi nakuwona lo mkhakha wokushicilela, izandla ziyagezana. Ngakho-ke, okulandelayo ukungenelela kwabakhangisi. Yibo abazisa umphakathi ukuthi incwadi isiyadayisa. Basabalalise imininingwane ephathelene nencwadi. Kungaba isifinyezo sencwadi, indawo edayiswa kuyona njll.
Zinqunywa amakhanda ziyekwe
Mhla siqala sicobelelana ngolwazi lomkhakha wezokushicilela, sithinte izihloko eziningi. Okubalwa izikhungo ezineminyango eqondene ngqo nokufundisa ngokushicilela. Sakhuluma ngamathuba ahlukene kuwo lo mkhakha, ukulawulwa kwamaphrojekthi okushicilela, omunye wemithetho elawula ukushicilela ilungelobunikazi. Saxoxa ngezibambiqhaza okubalwa umbhali, umhleli, umdwebi. Lezi zingxoxo bezifeza inhloso yokuhabulisana ngalo mkhakha obalulekile kodwa ongadumile ngenxa yolwazi olungandile. Imbiza ibila ngokukhwezelwa-ke bakwethu. Ingakho kumele sihlale siphakelana ulwazi, sikhumbuzisane ukuze sikhule. Okungapheli kuyahlola, siyema lapha.