Now Reading
IPhalamende laseSouth Sudan lihlakaziwe
Dark Light

IPhalamende laseSouth Sudan lihlakaziwe

Anathi Mtaka

UMengameli waseSouth Sudan uSalva Kiir ulihlakazile iPhalamende, okuyisinyathelo ebesilindelwe isikhathi eside sokuvula indlela yokuqokwa kwabashayimthetho abavela emaqenjini ayekade elwa ezweni. Lesi sinyathelo sasihambisana nesivumelwano sokuthula esasayinwa ukuqeda impi yezakhamuzi eyaqala ngowezi-2013.

UMengameli uchithe iPhalamende ngoMgqibelo kanti isigungu esisha sizokwakhiwa “ngokushesha, ngeke kuthathe isikhathi eside”, kusho okhulumela uMengameli u-Ateny Wek Ateny ngesikhathi ekhuluma nabezindaba.

Ngokwalesi sivumelwano esiqede impi yezakhamuzi, iPhalamende kumele linwetshwe lisuke kumalungu angama-400 liye kwangama-550 futhi kumele lifake amalungu azo zonke izinhlaka esivumelwaneni soxolo.

ISouth Sudan yathola inkululeko kuSudan ngowezi-2011 ngemuva kwamashumi eminyaka yempi yezakhamuzi. Kwaqubuka udlame ngasekupheleni kowezi-2013 ngemuva kokuthi uKiir, wohlanga lwamaDinka, exoshe iPhini likaMengameli uRiek Machar, wohlanga lwamaNuer.

La madoda amabili asayine izivumelwano eziningi zokuqeda impi okucatshangelwa ukuthi yabulala abantu abangaphezu kwezi-400 000. Babehlehlisa izikhathi ezibekiwe zokusungula uHulumeni wobumbano kuzwelonke, kepha ngowezi-2020 bagcina bekwenzile lokho. Yize kunesivumelwano sokuthula, udlame lusaqhubeka ezingxenyeni ezithile zezwe, ngokusho kwemibiko ye-United Nations (UN).

Leli lizwe likhungathwe yindlala

Leli lizwe  libhekene nezinkinga ezinkulu kakhulu zokutholakala kokudla emhlabeni jikelele. Abantu abalinganiselwa ezigidini eziyisi-7.2, abamele amaphesenti angama-60 abantu bakuleli lizwe kulindeleke ukuthi babhekane nokwentuleka kokudla phakathi kwamanje noNtulikazi wezi-2021, kusho inhlangano yesifunda sase-East Africa, i-Inter-Governmental Authority on Development (IGAD) Food Security and Nutrition Working Group.

Embikweni okhishwe ngoMsombuluko, iFood Security and Nutrition Working Group iveze ukuthi okuyizimbangela ezinkulu zokungabikho kokudla ezweni izingxabano, izikhukhula ezisabalele, ukhuvethe nenkinga yesikhathi eside yezomnotho.

Kubantu abayizigidi eziyisi-7.2 ababhekene nendlala, abalinganiselwa ku-108 000 kulindeleke ukuthi babe senkingeni nePibor County okulindeleke ukuthi babhekane nesimo “sendlala”.

See Also

Zilinganiselwa esigidini esi-1.4 izingane ezineminyaka yobudala engaphansi kwemihlanu okulindeleke ukuthi ziswele ukudla okunomsoco kakhulu kulo nyaka.

I-IGAD ikhathazekile ngokuthi yize amazinga okusongela impilo ngokusweleka kokudla nokunempilo eSouth Sudan, impendulo yokubhekana nalokhu isalokhu ixhaswe ngemali encane.

Kuzokhumbuleka ukuthi impi yezakhamuzi eyaqubuka ngasekupheleni kowezi-2013 ishiye abantu abangaphezu kwezi-400 000 beshonile kwathi abangaphezu kwesigidi basala dengwane.

Emasontweni amabili edlule, iWorld Food Programme ibike ukuthi ukungavikeleki kokudla esizweni esincane kunazo zonke emhlabeni kufinyelele emazingeni aphezulu kakhulu futhi angajabulisi neze.

Scroll To Top