Now Reading
Umbango uya ngokudamba yize kusenemibhikisho eChad
Dark Light

Umbango uya ngokudamba yize kusenemibhikisho eChad

Umbutho wamasotsha aseChad umemezele ukunqoba ngeSonto empini yawo ethathe amasonto amaningi namavukelambuso asenyakatho okwaholela ekufeni kukaMengameli u-Idriss Deby enkundleni yempi.

Kodwa-ke, iqembu lamavukelambuso iFront for Change and Concord in Chad (FACT) lithe belingazi ukuthi impi isiphelile. Leli qembu “lizophawula uma linemininingwane ethembekile,” kusho okhulumela iFACT uKingabe Ogouzeimi de Tapol.

Iziphathimandla zamasotsha ezesikhashana ngaphambilini zazithe ziwanqobile amavukelambuso kepha ngemuva kwesikhathi ukungqubuzana kuqhubekile.

Ukungqubuzana nokungazinzi okubanzi kwezepolitiki kubhekwe kakhulu. IChad iwumbuso obalulekile enkabeni ye-Afrika futhi iwumfelandawonye wesikhathi eside wasentshonalanga ngokumelene namavukelambuso esifundeni saseSahel.

Izinkumbi zabantu enhlokodolobha iN’Djamena zijabule ngeSonto ngesikhathi amasotsha ebuya endaweni yempi ngombayimbayi kanye nezinye izimoto ezihlomile

“Ukunqoba kwamasotsha enkanjini namuhla kubika ukuphela kokusebenza nokunqoba kweChad,” kusho u-Abakar Abdelkerim Daoud ngesikhathi ekhuluma nabezindaba.

Enkanjini yamasotsha eN’Djamena, inqwaba yamaphekula athunjiwe ahlaliswe enhlabathini, ekhonjiswe abezindaba abebebuthene kule nkambu.

Amasotsha eFACT awela umngcele esuka eLibya ngoMbasa ukuyolwa noDeby, ngenxa yokungavumelani nokubusa kwakhe leli lizwe iminyaka engama-30. Ukushona kwakhe okwalandela ngenkathi evakashele amasotsha kwafaka izwe enhlekeleleni.

NgoMgqibelo, abezokuphepha badubule isisi esikhalisa unyembezi ukuhlakaza umbhikisho omelene nomkhandlu wamasotsha obusayo. Lo mkhandlu, oholwa yindodana kaDeby uMahamat Idriss Itno, uthathe amandla ombuso  ngemuva kokushona kukaDeby, wathembisa ukuthi uzokwengamela ushintsho lwezinyanga eziyi-18 lokhetho.

See Also

Abezombusazwe abaphikisayo kanye nezinhlangano zomphakathi bakugxekile ukuthathwa kombuso yilo mkhandlu bakubuka njengokuvukela umbuso bagqugquzela nezakhamuzi ukuthi zigcwale imigwaqo ziphikisane nalokho. Okungenani abantu abahlanu babulawa ngesikhathi kunombhikisho owawungoMbasa wezi-27.

Abaphikisi balo mkhandlu bebehlele omunye umbhikisho ngeSonto, kodwa bawuhlehlisa ngoba besaba ukuthi iziphathimandla zihlela ukuwucindezela ngodlame, kusho uMahamat Nour Ibedou, isishoshovu esivelele samalungelo abantu ngesikhathi sikhuluma nabezindaba.

Umkhandlu wamasotsha unikeze imvume yombhikisho ngeSonto.

Owayengumbusi waleli lizwe ngaphansi kobuKoloni iFrance, onawo amabutho eChad futhi owayesekela uDeby isikhathi eside, ekuqaleni wakhombisa ukuwusekela ngokuqinile umkhandlu kodwa manje usephakamise ukuthi kube noHulumeni wobumbano wezakhamuzi zezwe.

Scroll To Top