Ababhikishi badla iziteshi zamaphoyisa



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Umfana oneminyaka eli-17 ubulewe ngesikhathi kuqhuma isibhamu eningizimu yaseSenegal ngoMgqibelo.
Ngokusho kwesikhulu sikaHulumeni, kuphinde kwaphangwa neziteshi zamaphoyisa eziningi ngesikhathi abaphikisa uMengameli uMacky Sall befuna kuqhutshekwe nemibhikisho kula masonto. “Umfana ubulawe ngesikhathi kunokungqubuzana edolobheni eliseningizimu iDiaobe,” kusho isikhulu esicele ukuthi lingadalulwa igama laso.
Sithe ababhikishi baphinde bashisa isiteshi samaphoyisa, baphanga namabhilidi amaningi kaHulumeni.
Cishe abantu abahlanu bashonile kule mibhikisho eqale ngemuva kokuboshwa kukaMnu u-Ousmane Sonko ongumholi weqembu eliphikisayo. Kuyisiphithiphithi esibi kakhulu kwezepolitiki eminyakeni edlule ezweni elibonwa njengelinye lalawo anozinzo kakhulu entshonalanga Afrika.
Umkhulumeli wezombutho kuleli lizwe uqinisekise ukuthi umuntu oyedwa ushonile ngesikhathi kunokungqubuzana edolobheni iDiaobe kepha akashongo ukuthi ngaphansi kwaziphi izizathu. Uthe ababhikishi baphange iziteshi zamaphoyisa eziyisithupha ezweni lonke.
USonko, owaphuma isithathu okhethweni lobuMengameli lowezi-2019 uboshwe ngemuva kokuthi isisebenzi sasendaweni yokuzicwala simsole ngokuthi wasidlwengula. USonko yena uyaziphika lezi zinsolo athi imizamo yokumgqilaza kwezepolitiki kaMengameli uSall. UHulumeni nawo uyaziphika lezi zinsolo zikaSonko.
Ababhikishi iningi labo okuyintsha, bacaphune uhla lwezinye izikhalazo ezibandakanya ukungasebenzi kanye nezinyathelo eziqinile zokulawula ukhuvethe okukhubaze umnotho, ikakhulukazi kuzisebenzi ezingaqashiwe ngokugcwele.
Iningi lababhikishi alizikholwa lezi zinsolo ezibkekiswe kuSonko ngenxa yokuthi ezinye izimbangi ezimbili zikaMengameli zabekwa amacala obugebengu agcina esezivimba ukuthi zingenele ukhetho lwangowezi-2019.
Esitatimendeni iqembu eliphikisayo iMovement to Defend Democracy (M2D) Coalition, liphakamise ukuthi kube nemibhikisho yezinsuku ezintathu ezweni lonke.
“IM2D inxusa ukuthi zonke izakhamuzi zakuleli zwe ziqhubeke nokulwa ngokuthula nokusebenzisa wonke amalungelo azo oMthethosisekelo ukwenqaba ubushiqela bukaMacky Sall,” kusho iqembu leli qembu.