Now Reading
Ubhibhise isilonda esesiphola uBiden kwabaseTurkey
Dark Light

Ubhibhise isilonda esesiphola uBiden kwabaseTurkey

UMengameli wase-USA uJoe Biden ngoMgqibelo uthe ukubulawa kwabantu base-Armenia eMbusweni wase-Ottoman ngowe-1915 kwakuyimpi yobuhlanga.

Lesi kube isimemezelo esiwumlando esithukuthelisa iTurkey futhi kulindeleke ukuthi siqhubeke nokukhinyabeza ubudlelwano obuvele buthwele kanzima phakathi kwala mazwe womabili angaphansi kweNATO.

Lokhu kungenzeka kujabulise abobuzwe base-Armenia e-United States, kepha kuza ngesikhathi lapho i-Ankara neWashington benokungezwani ngenxa yenqubomngomo ekubhekaneni nezinkinga eziningi. 

UNgqongqoshe Wezangaphandle waseTurkey uMevlut Cavusoglu, uthe iTurkey “iyasenqaba ngokuphelele” lesi sinqumo sase-USA athe sisuselwe “kakhulu kubantu.” 

“Akukho esingakufunda kunoma ngubani esikhathini esidlule. Ukungenela ngezepolitiki kuwukukhaphela ukuthula nobulungiswa okukhulu,” kusho uCavusoglu kuTwitter.

“Emashumini amaningi eminyaka abafuduki base-Armenia bacebise i-United States ngezindlela eziningi, kodwa abakaze bakhohlwe umlando obuhlungu…Siyayihlonipha indaba yabo. Siyabubona lobo buhlungu. Siqinisekisa umlando. Lokhu sikwenzela ukungasoli kodwa siqinisekisa ukuthi okwenzekile akuphindeki,” kusho uBiden.

Emazwini sizama ukudambisa isimo, isikhulu esiphezulu sezokuphatha sitshele abezindaba ukuthi iWashington igqugquzela i-Armenia neTurkey ukuba baqhubeke nokubuyisana futhi bayaqhubeka nokubheka i-Ankara njengomlingani obucayi kuNATO. 

Sekungamashumi eminyaka, izinyathelo zokubona ukuqothulwa kohlanga lwase-Armenia zimisiwe kuCongress yase-USA kanti nabo omengameli base-USA babekugwema ukukubiza kanjalo, bephoqwa ukukhathazeka mayelana nobudlelwano neTurkey nokunxenxa okukhulu obekuqhamuka kuyona i-Ankara. 

See Also

ITurkey iyakwamukela ukuthi abantu abaningi base-Armenia abahlala eMbusweni wase-Ottoman babulawa ngesikhathi bengqubuzana namabutho e-Ottoman ngesikhathi seMpi YoMhlaba Yokuqala kodwa iphikisana nezibalo futhi iphika ukuthi ukubulawa kwalungiswa ngokuhlelekile futhi kwaba ukuqothulwa kohlanga.  

Ubudlelwano phakathi kwe-Ankara neWashington bugubuzekile ngenxa yezinkinga ezisukela ekuthengweni kweTurkey izindlela zokuvikela zaseRussia S-400 – okuyiyona obekuhloswe ngayo unswinyo lwase-US – ukwehluka kwenqubomgomo eSyria, amalungelo abantu nezindaba zomthetho. 

Isimemezelo sikaBiden silandela isinqumo esingahlanganisi eseNdlu Yezigele yase-USA esamukelwe ngazwilinye ngonyaka wezi-2019 esamukela ukubulawa kwabantu njengokuqothulwa kohlanga.

Scroll To Top