Now Reading
IRussia isabisa ngokuziphindiselela kwabayihlokolozayo
Dark Light

IRussia isabisa ngokuziphindiselela kwabayihlokolozayo

UMengameli waseRussia uVladimir Putin, usexwayise amazwe asentshonalanga amsabisa ngokumvalela engoxweni uma elokhu enza lokhu abangakufuni. Uthe lokhu kusatshiswa kuhlose ukululaza ezokuvikela zezwe lakhe kanti uma esebuyisa izinduku konke kuyokwenzeka ngokuphazima kweso nangesankahlu. Le nkulumo uyisho ngoLwesithathu ngesikhathi ethula inkulumo yokuqala kulo nyaka ebhekiswe esizweni eyenzeka minyaka yonke ngalesi sikhathi sonyaka. Amazwe asentshonalanga aweneme ngeRussia kulandela ukwakha isizinda sombutho wempi esisemungceleni ne-Ukraine, kanti sekunqamuke isivumelwano sikamaluju phakathi kombutho wempi wase-Ukraine neqembu lophumasilwe okusolakala ukuthi londliwa yilo leli lizwe (iRussia) esifundeni iCrimea iRussia eyasihlwitha kuyo i-Ukraine ngowezi-2014. 

Ngaphezu kwalokhu kunokukhala ngendlela leli lizwe eliphethe ngayo isiboshwa u-Alexei Navalny owayengumholi weqembu eliphikisayo iRussia of the Future. Lo mholi waboshwa ngoZibandlela wanyakenye ngezinsolo zokuzama ukuketula umbuso nokudala uthuthuva. Amazwe asentshonalanga anombono wokuthi lo mholi waboshelwa ukuveza obala ukukhohlakala kukaPutin nokulwela inqubo yentando yeningi okungakho efuna akhululwe. 

NgoLwesithathu, empumalanga yaleli lizwe bekunombhikisho wabafuna kukhululwe uNavalny. Lo sopolitiki owadliswa ushevu nyakenye uqale isiteleka sendlala emavikini amathathu edlule ekhala ngempatho yasejele kanye nokunqaba konogada ukuthi avakashelwe umhlengi wakhe. Ukungaphathwa kahle nokucikiza kwempilo yalo sopolitiki kwavela ngevifiyo ngenyanga eyedlule kuFacebook. 

Yiyo le vidiyo ekhalisa amazwe asentshonalanga nesigqugquzele imibhikisho. Abomthetho sebebophe inqwaba yabamataniswa nalo sopolitiki eMoscow kanti basebenza ngokuzikhandla ukuhlakaza imibhikisho. 

I-United States of America (USA) neNorth Atlantic Treaty Organisation (NATO) sebenxenxe iRussia ukuthi isuse umbutho wayo osemungceleni osentshonalanga ne-Ukraine. Eziphendulela okokuqala kulokhu uPutin, uthe: “Ngiyethemba akekho ozolinga eqe umugqa asidelele. Labo abasakhela umbimbi befuna ukucekela phansi ukuphepha kwethu bazozisola ngendlela akade bagcina ukuzisola ngayo.” Le nkulumo ikubeka obala ukuthi uPutin uyishaya indiva eyesexwayiso seNATO sangesonto eledlule lapho khona ibivakashele e-Ukraine ngenhloso yokuyoyethembisa ukuthi kukhona konke okwenzekayo iyayeseka. Selokhu kwaqala ukukhala ngombutho weRussia osemungceleni we-Ukraine, leli lizwe lizihlangula ngokuthi linelungelo lokubeka umbutho walo nanoma ikuphi inqobo nje uma kusewumhlaba walo kanti ukuthi lokhu kube sekusondela kakhulu emungceleni walo ne-Ukraine ukuyona inkinga yalo. Liyaphika leli lizwe ukuthi kukhona elizama ukumesabisa noma liphemba impi ngalokhu. Kanti, esifundeni iCrimea leli lizwe seliyexwayisile i-Ukraine ukuthi uma izama ukuyibuyisa iyohlangana nezimbila zithutha ngoba lesi sifunda sekungesalo. 

Okunye akushilo uPutin ukuthi iRussia iphezu kokwakha izikhali ezisebenza ngobuchwepheshe benuzi kodwa besimanje manje. Uphinde waveza nokuthi kunesikhali esizosebenza ngabo futhi ubuchwepheshe benuzi esaziwa ngePoseidon esizohlala ngaphansi kwamanzi esesiya ngasemaphethelweni. Esekhuluma kucaca ukuthi ubhekise ku-USA ne-European Union (EU), uthe azobhuntsha amaqhinga alabo abazama ukucindezela iRussia besebenzisa unswinyomnotho. Ngesonto eledlule uHulumeni kaJoseph Biden Jr (uMengameli we-USA) umemezele unswinyomnotho olubhekiswe kuleli lizwe ngezinsolo zokuzama ukugxambukela okhethweni lukazwelonke lwanyakenye kanye nokuntshontsha ulwazi olunqala kumakhompuyutha kaHulumeni. I-USA iyalele izikhulu zikaHulumeni ezizinze kuyo ezili-10 ukuthi ziqoqe amasaka azo ziphindele ekhaya, waphinde wayalela nababolekisi bezimali bomhlaba ukuthi bengabe besayinika lutho iRussia. Leli lizwe liziphindisele ngokuthi lixoshe izikhulu zase-USA ezili-10 laphinde laqhubulusha iHhovisi likaHulumeni lase-USA elikuleli lizwe. Ngokwejwayelekile uma i-USA ithatha izinqumo ezinjengalezi yesekwa i-EU, okungakho uPutin uma esongela i-USA kuzwela nakule nhlangano. Amanye amazwe azincengelayo ku-USA nawo asegxuma kuqala aphuthumise zonke izimfuno zawo ikakhulukazi uma zifaka iRussia. Kuleli sonto leli lizwe lisanda kuklolodelana neCzech Republic kulandela isinqumo sokuxosha izikhulu zikaHulumeni zaseRussia ezili-18. 

See Also

Nakuba iCzech ithi lokhu ikwenza ngoba isiphothugle uphenyo oluveza ukuthi iRussia inesandla ekuqhunyisweni kwesikhungo sezinhlamvu zezinhlobonhlobo zezibhamu ngowezi-2014, kodwa kukhona ukukhuluma okuthi lokhu kuwukuthenga nje amehlo e-USA. IRussia iziphindiselele ngokuxosha zonke izikhulu zikaHululemi zakuleli lizwe ezingama-20. 

UPutin uthi kwakhelwa iRussia umbimbi nje amazwe asentshonalanga ahlulwa ukukhuza itulo lukuzama ukusoconga uMengameli waseBelarus u-Alexander Lukashenko. Abaqaphi bokuphepha baseBelerus naseRussia babophe abasolwa ngalesi senzo eMoscow ekuqaleni kwale nyanga. UPutin uthe kodwa akumethusi ukuthula kwamazwe asentshonalanga ngalolu daba ngoba luyefana nokwakuhlelwe ngoMengameli uNicolas Maduro waseVenezuela ngowezi-2019 kanye nowasee-Ukraine uViktor Yanukovych ngowezi-2014. Nakuba uhlelo lokumusoconga uYanukovych lwagcina lungaphumelelanga kodwa imibhikisho eyayingalawuleki yagcina imuphoqile ukuthi ashiye kwesobuMengameli. 

Kuzona zombili lezi zehlo zokusoconga uMaduro nokuketula uYanukovych kusolwa wona amazwe asentshonalanga ayevele eshilo ukuthi aweneme ngokuba khona kwabo. Akulindelekile ukuthi i-EU iziphendulele ezinsongweni zikaPutin njengoba isaqhoboshwe inkinga yokwehluleka ukulawula ukhuvethe kanti i-USA yona ingase inezezele izinhlelo zonswinyomnotho. 

Scroll To Top