Now Reading
ISILO sibe ngumuntu woxolo nobumbano
Dark Light

ISILO sibe ngumuntu woxolo nobumbano

I-Ingonyama Trust Board, izwakalisa ukudabuka kwayo okukhulu ngokwebuza kweSILO SamaBandla Onke, futhi yena yedwa oyisethenjwa sohlaka lwesikhwama sesizwe okunganyelwe ngaso ubunini bomhlaba wesizwe samaZulu.

Ongangezwe Lakhe, uBhejane Phuma Esiqiwini simbone ethinta izinhliziyo zabaningi esikhathini sakhe njengeSILO esicishe sibe ngamashumi amahlanu. Ube yiNkosi yoxolo, yokubuyisana, yokwakha, yokuvikela kanye nentuthuko nenqubekela phambili, phakathi kokuningi okungamakhono namava akhe.

Ubuholi bakhe evikela ukuzigqaja ngobuzwe balowo nalowo buyazikhulumela. Kanjalo nokuvikelwa komhlaba kanye namagugu esizwe. Lokhu esikubalula lapha singakuthatha njengokunye obekuseqhulwini lefagugu loMdala.

Empilweni yakhe esiyiphile naye usifundise okuningi. Kulokhu singaqhakambisa ukuziphatha nokwenza ngokwethembeka, ngobuqotho nenhlonipho ngaso sonke isikhathi lokhu osuka ujutshwe ukuba ukwenza. Ukuba nesifuba  neqiniso ngaso sonke isikhathi ngaphandle kokuthi uze ugqitshwe kuthiwe “lokhu kuphakathi kwethu sobabili” ezinye zezimpawu zobuholi bakhe sinethemba lokwelulela kulezi zimpawu, amasu kanye namakhono asihlomise ngawo uMdlokombane, ogwaza amadoda, usodidase inkonyana encance kaNdaba.

Ubunikazi bomhlaba njengesizwe uBayede ubekusho ekuphindaphinda ukuthi uyobe usidicilele phansi isiziwe sikaPhunga noMageba uma nje eke wavuma ukuba umhlaba weSizwe ucandwe izicucwana umuntu ngamunye ngamunye ahlahlelwe ukuba yingxenye yesizwe ngoba nje kuthiwa usengumnini ndawo ozimele. Ongangezwe Lakhe ubekuqonda kahle ukuba umuntu abe nesabelo sakhe somhlaba noma yikuphi lapho efisa khona. Lokhu akusho akwehlukanise futhi kucandwe lokho okungumfelandawonye wefa lesizwe. Leli lifa lenhlabathi liloku lesukela ekufikeni kweSizwe samaZulu eminyakeni eqala ezinkulungwaneni ezimbili, bengakaphushwa nokuphushwa abelungu kuleli.

ISILO besiqonda kahle impilo yalabo abaqhamuka ngale kolwandle uma kukhulunywa ngenhlabathi. Futhi siqonda kangcono isakhiwo sezomnotho nangokulandelwa ngendlela yobukhephithali. ISILO besilibeka ngemgaba elokuthi kunobungozi obukhulu ukuthi wenze into ngaphansi kwengcindezi ngoba wesaba ukuthi usadla ngohlobo oludala. Ikhaya nomndeni yizingxabo zomndeni, nomphakathi nesizwe. Ngakho-ke ukulahlekelwa yikhaya noma umuzi, ngenxa yezikweletu bekuyinto ebihlala isikhathaza kakhulu iSILO. Ngaloku-ke iSILO sajuba Ibhodi le-Ingonyama Trust ukuthi licwaninge onke amasu okwelekelela isizwe ukuthola imali yokuthuthukisa imizi yabo ngaphandle kokuzifaka ebungozini yokulahlekelwa amakhaya abo.

Ibhodi le-Ingonyama Trust ukulandela isifiso zoMdala ligcine likwazile ukuxoxisana lavumelana namabhange ukuthi izindlalifa zomhlaba wesizwe samaZulu zikwazi ukuthi zibolekwe imali yokwakha noma ukuthenga imizi emhlabeni weNgonyama, sibhula lapha nje isivumelwano sokuqala salolu hlobo yileso esiphakathi kwe-Ingonyama Trust Board (ITB) kanye  neRand Merchant Bank (RMB) engaphansi kweFirst National Bank (FNB). Imininingwane yokusebenza kwalesi sivumelwano iyatholakala emahhovisi e-ITB.

Inselelo esalele i-ITB ukuqhuba livikele ifagugu leSILO ngayo yonke indlela esemthethweni ukuqinisekisa ukuthi umhlaba weSizwe samaZulu uhlala njalo uyifa laso. Kulokhu siyazibophezela njengeBhodi.

Njengoba bekunajalo izolo sisazoqhubeka nokuba yiso elibheke inhlabathi ngokuthembeka kakhulu nengoba Omdala enbgasekho. Izeluleko zakhe kanalo nezexwayiso ziyoba ngumhlahlandlela. 

Kuye sifundile futhi saxwayisa ngengozi esingazifaka kuyo manxa singabumbene. Besisho njalo ukuthi eyesongo ayiphumi ekhaya iyolwa ngoba kayibuyi iphela empini. 

Usidonse ngendlebe ngobumqoka beSihlalo, aMakhosi nesizwe nathi lokhu kungumzimba munye. 

Sisele ne siyazi ukuthi ngaphandle komunye kasilutho. Siyazi ukuthi ngaphandle kwenhlbathi kasilutho. 

Okunye ebesikwazi nobekuyisifiso seSILO wukuthuthukiswa kwamakhono entsha nabesifazane kakhulukazi ezindaweni zasemakhaya. OMdala wasijuba ukuba sibe nesikhwama nayilapho saxhasa khona abafundi abathile. Lokhu siyoqinisekisa ukuthi kuyavezeka ngoba njengeSILO siyakholwa ukuthi intuthuko emakhaya incike kakhulu kumakhono esimanje nokuyiwo angenza umnotho wasemakhaya ugeleze. Konke lokhu singakwenza ngokubambisana.

Sishiywe nomlayezo omqoka othi i-Ingonyama Trust ne-Ingonyama Trust Board zinhlaka zoBukhosi. Lokhu sikuhumusha ngokuthi kusho ukuthi kukho konke ukwenza kwethu kumele njalo sivikele isithunzi soBukhosi, sibe ngabavikeli beSihlalo ngoba esikwelusayo yinto yoBukhosi eyalondolozwa ngokhokho endulo abanye bazidela.

See Also

Ngineqiniso ukuthi ngikhuluma egameni lamalungu eBhodi kanye nezisebenzi uma ngithi koMdala besinomholi oqotho, ocophelelayo nonombono. 

Emihlanganweni abeba yingxenye yayo besifunda okusha njalo. 

Ngenxa yombono wakhe usishiye sesinezakhiwo ezingamahhovisi kanti futhi usishiye sekunohlelo oluzothatha lolu hlaka nemiphakathi eyakhele izindawo ezingaphansi koBukhosi phambili. 

Umbuzo ofikayo ngothi engabe sizomhlonipha ngani uMdlokombana, sizokwenza kanjani ukuba nalapho ekhona kweleZinyandezulu aziqhenye? Impedulo kulokhu ithi sizohlonipha amazwi akhe okugcina ekhuluma nesizwe emcimbini wokukhumbula iMpi yaseSandlwana. 

Lapha Ondala wasixwayisa ukuthi singalokothi sivume ukwephucwa ingubo kaZulu osewalala, ophilayo naloyo osazozalwa. 

La magama ayebhekiswe kithi sonke thina esithi singuZulu nabeNguni nama-Afrika jikelele. Okungaba yichilo uma singeke siwagcine ngesethu isikhathi kanjalo siqinisekise ukuthi nezizukulwane zethu zenza njalo ukuze igama loMdlokombana njengokhokho bakhe lime ungunaphakade. 

Lala kahle Hlanga Lwezwe! Lala kahle Ngalonde kaGabela! Uwufezile owakho umsebenzi! Uyilwile eyakho impi! Lala ngokuthula SILO somhlaba! Lala Mnguni Omnyama! Lala uphumule!

Scroll To Top