Now Reading
Abe-Amnesty International bathi ungcwatshwa ephila owaseRussia
Dark Light

Abe-Amnesty International bathi ungcwatshwa ephila owaseRussia

UMnu u-Alexei Navalny, ongumphikisi ovelele kaMengameli uVladimir Putin, uboshwe ngaphansi kwezimo ezifana nokuhlukunyezwa futhi okungenzeka ukuthi ziyambulala kancane kancane, lokhu kushiwo inhlangano yamalungelo abantu i-Amnesty International ngeledlule.

I-Amnesty International ithe uNavalny, owadliswa ushevu ngonyaka odlule, manje useyacindezelwa akakwazi ukulala kahle futhi akanakho ukufinyelela kudokotela angamethemba njengoba esejele.

“IRussia kanye neziphathimandla zaseRussia kungenzeka ukuthi bamfaka ngaphansi kwesimo sokuthi afe kancane kancane futhi bafuna ukufihla okwenzekayo kuye,” kusho u-Agnes Callamard (osesithombeni) onguNobhala Jikelele we-Amnesty International ngaphambi kokushicilelwa kombiko wale nhlangano waminyaka yonke.

“Kusobala ukuthi iziphathimandla zaseRussia ziphula amalungelo akhe. Kufanele senze okuningi. Sebezame ukumbulala manje bamfake ejele lapho ehlala ngaphansi kwezimo zokuhlukunyezwa,” kusho uCallamard.

UNavalny uqale isiteleka sokuduba ukudla emasontweni amabili edlule emizamweni yakhe yokuphoqa leli jele elimgcinile ngaphandle kwaseMoscow ukuthi limhlinzeke ngosizo lwezempilo olufanele ukubhekana nalokho athe ubuhlungu eqolo kanye nasemilenzeni yakhe.  

UHulumeni waseRussia unqabile ukuphawula ngesimo sempilo kaNavalny, ugcizelela iphuzu lokuthi indaba yakhe iwudaba lwezamajele hhayi wona. Ngesonto eledlule ezamajele zithe uNavalny oneminyaka engama-44 wayethola lonke usizo lwezempilo olufanele.  

UNavalny waboshwa ngoNhlolanja iminyaka emibili nohhafu ngenxa yokwephula imigomo yakhe kashwele yena athi kunenhlese yepolitiki kukho. UHulumeni obeke ukungabaza mayelana nokudliswa kwakhe ushevu, umbeka njengomenzi wenkathazo osekwa entshonalanga ozimisele ngokuhlukumeza iRussia.  

See Also

UCallamard uthe ukuphathwa kabi kukaNavalny kufike ngesikhathi lapho ubhubhane ukhuvethe lwandise ukungalingani nokwanda kwengcindezelo kahulumeni kwamanye amazwe.

Abanye ohulumeni basebenzise lolu bhubhane balubhekisa emaqenjini amancane ngendlela yawo yokulwa nokudelela kanye namalungelo abantu, ngenkathi kwamanye amazwe kube nokujwayeleka kwezinyathelo eziphuthumayo ezivimbela inkululeko yabantu, kwengeza uCallamard.

“Ukhuvethe lukhulise kakhulu ukucindezelwa kwabantu,” kusho uCallamard.

Scroll To Top