Now Reading
U-Erdogan usephinde wayiqhatha iTurkey ne-EU
Dark Light

U-Erdogan usephinde wayiqhatha iTurkey ne-EU

Buyaqhubeka nokuba yindida ubudlelwano be-European Union (EU) neTurkey. UMengameli weTurkey uRecep Tayyip Erdogan, useqale phansi wabaphathisa ngekhanda abaholi bale nhlangano. Lo mholi kuyaziwa ukuthi akahlosile ukudedela izintambo zombuso kodwa indlela akukhombisa ngayo lokhu kuletha ukudideka nokukhathazeka ku-EU enentshisekela yokwakha ubudlelwano neTurkey. 

Nakuba i-EU ikhombisa intshisekela kodwa u-Erdogan uhlala ahlale ayincikisele le nhlangano azisondeze nezimbangi iRussia neChina aphinde adlisele ogageni iCyprus neGreece okungagcini ngokuthela ngehlazo le nhlangano kodwa neNorth Atlantic Treaty Organization (NATO). 

Lo Mengameli akaqondakali futhi ukhombisa ukuba nokukhulu ukuncikisela ku-EU. 

Nakuba kunjalo ngoLwesibili uMengameli we-European Commission u-Ursula von der Leyen nomholi we-European Council uCharles Michel, bakwazise ukuba nezingxoxo zokusebenzisana no-Erdogan edolobheni i-Ankara. 

Kulezi zingxoxo kube nesivumelwano esithi u-Erdogan uzomisa ukulwisa amalungu ale nhlangano okuyiGreece neCyprus ngezimbiwa kanye nemingcele yolwandle, azokuzuza yena ukulaxazwa kohlelo lonswinyomnotho nokubuyekezwa kwesivumelwano phakathi kwalezi zinhlaka okungase kuvune izinjongo zeTurkey. Lokhu kulibeka ethubeni elihle leli lizwe lokuba yilungu lale nhlangano nakuba ligxamalazele i-Europe neMiddle East. 

Imilomo iyavunana phakathi kweNATO ne-EU ukuthi iTurkey ibalulekile ekwaluseni iRussia ne-Iran okungakho ukuvikelwa kwayo  kungakaze kwabuyekezwa nakuba leli lizwe liziphatha ngendlela engahambisani nenqubomgomo yalezi zinhlangano. 

I-EU yazi kahle ukuthi iTurkey ibalulekile ekunqandeni abokufika abasuka eSyria, e-Afghanistan, e-Pakistan, e-Iraq nase-Iran. Leli lizwe libe selihlomula ngokuvunwa kwezomnotho nezokuhwebelana ne-EU. 

Zingama-22 enyangeni eyedlule, yasala ididekile i-EU emuva kwesimemezelo sika-Erdogan sokuthi uyahoxa esivumelwaneni sase-Istanbul sokuvikela abesifazane ekuhlukunyezweni. Lesi senzo sagxekwa kakhulu yizinhlangano ezilwela amalungelo abantu kanti ne-EU yasala inkwankwaza ingasazi ukuthi izoyichaza kanjani eyobudlelwano bayo neTurkey ebukela phansi inqubomgomo eyinsika yale nhlangano. Ngaphambi kwalokhu leli lizwe belisolwa yilezi zinhlangano ngokusebenzisa abokufika embangweni wayo neGreece kanye nokusenga imali ku-EU. 

Kusukela kwaba khona itulo lokumketula ngowezi-2016, u-Erdogan ukhomba ukwehluleka ukuhlalisana nalabo abanemibono ehlukile kweyakhe. 

Lokhu kungokunye i-EU ezithola ihlebeka kukho ngoba baningi abagcina sebeboshwa ngezinsolo zokwakha itulo lokuketula umbuso bagcinwe ezitokisini iminyaka eminingi ngaphandle kukuziphendulela enkantolo. NgoMsombuluko, bali-104 ababoshiwe ngezinsolo zokwakha itulo lokuketula umbuso. 

Okuxakayo ngalokhu ukuthi laba ngababekade bezwakalisa ukungenami ngohlelo oseludle izigidigidi lokukumbiwa komzila wemikhumbi oxhumanisa iBlack Sea neMediterranean.  

Laba ababoshiwe babhale incwadi ngokuhlanganyela begxeka ngokumbiwa kwalo mzila bethi azikho izithelo ezinhle ezizolethwa yiwo. 

See Also

U-Erdogan uthe lokhu kukhomba ngokusobala ukuthi kukhona umbimbi lokumketula ikakhulukazi ngobe vele leli lizwe linomlando wokuketula omengameli. 

Okwakhiwa kwalo mzila kuyaphambana nesivumelwano sangowe-1936 saseMontreux esibalula ukuthi iBlack Sea ingasetshenziswa njengesizinda semikhumbi yezempi. 

Lesi sivumelwano siphinde sibalule ukuthi imikhumbi yezokuhwebelana kuphela evumelekile ukuthutheleka kulolu lwandle. 

Kunovalo lokuthi ukumbiwa komzila omusha kuzocasula iRussia nayo ebiqhoboshwe ilesi sivumelwano bese ihoxa kanti uvele u-Erdogan ukhombisa ukuthi uzolihoxisa izwe lakhe kulesi sivumelwano njengoba ebalula ukuthi lo mzila omusha uzoqinisekisa ukuthi iTurkey iyizwe elizimele elingaqhoboshiwe imithetho yamanye amazwe. 

I-EU ayihoshelani neRussia kodwa into yokugcina eyifunayo ukuthi izithole isibhekene ngqo naleli lizwe. 

Kubonakala u-Erdogan engenandaba nobulungu be-EU kodwa kuyiyo le nhlangano enentshisekela yokufukamela leli lizwe. 

Scroll To Top