Now Reading
Okwenziwa uLeon nezakhe ukushinga kwaphela
Dark Light

Okwenziwa uLeon nezakhe ukushinga kwaphela

Le nhlamba ingale kukaMaimane kepha ibhekiswe kubo bonke aboHlanga


Kwamukelekile ukuthi osopolitiki bangolunye uhlobo lwabantu. Kweminye imiphakathi osopolitiki laba bathathwa njengabaqambimanga, abaFarisi namaqola. 

Okunye abayamaniswa nakho wukubhajwa bazikhiphe. Basho into ekuseni, emini basho okunye kusihlwa bakuphike konke. Kungenxa yalokhu uma kuphuma isethuko ngomlomo womunye usopolitiki nowake waba ngumholi weDemocratic Alliance (DA), uMnu uTony Leon nocashunwe ethi owake wagijima naye eqenjini uMnu uMaimane wabe engumantolombane nje okwabe kuzwiwa ngawo amanzi ngobhoko akushaqisanga kunalokho kube wubufakazi obuqandula ikhanda ngoLeon nabacabanga njengaye.

Akuyona imfihlo ukuthi bekulokhu kukhona inkulumo nenkolelo ethi abaholi boHlanga kuDA zindibi nje zabathile okuyothi bangabuya ukuzothatha into yabo aboHlanga babuyiselwe eceleni. Kwabaningi abaholi namalungu aboHlanga lokhu bekuthathwa njengenhlamba.  Leli phephandaba eselibhale kaningana ngalokhu like lathola ukugxekwa ngamanye amalungu nabaholi beDA boHlanga ngokuthi esake sikubika kwakungamawuwa nje ngoba bona bazibona bengamalungu aphelele eqembu.

Le nhlamba kaLeon, okusobala ukuthi akayedwa, ibe wubufakazi bokuthi amakhosana namakhosazana eDA kaneme ngokuthize. Ukuthi aneqhingasu nokuthe uma lingaphumeleli ngoMaimane badumala. ULeon akadakiwe kulokhu akushoyo kepha ungumlomo wabaningi kule nhlangano. Okuyishwa wukuthi aboHlanga abasuke bejoyine le nhlangano badlula kokuningi egameni lokuthi basebenzisa ilungelo labo elikuMthethosisekelo lokuzikhethela iqembu abalithandayo. Kubo ubuhlungu bokuthanda abantu abangakuthandi kuyankenketha.

See Also

Namuhla iDA ezindaweni ezifana naKwaZulu-Natal inamavoti amaningi ngisho ezindaweni zasemakhaya ngenxa yabaholi namalungu aboHlanga laba namuhla okubukeka bengelutho. Bakhunjuzwa nsukuzaphuma ngezenzo ukuthi bangamavezandlebe, ngabelungu amakhosana namakhosazana eqembu. 

ULeon ngusopolitiki ngakho silindele ukuthi azibhonqe emizamweni yokuthi ‘kungenzeka ukuthi abezindaba babike ngehaba’. Nokho kulokhu kubukeka kungeke kube lula ukuphebeza iphunga lobandlululo nezinga lokubhinqa aboHlanga eqenjini. Umbuzo uthi bazokwenzani aboHlanga ngalokhu?

Scroll To Top