Now Reading
Inxusa livikela izwe lalo enhlanganweni yomhlaba ekudlwengulweni kwabesimame
Dark Light

Inxusa livikela izwe lalo enhlanganweni yomhlaba ekudlwengulweni kwabesimame

Inxusa lase-Ethiopia ku-United Nations lithe izwe lalo linengqubomgomo yokungabekezeleli nhlobo amacala ezocansi futhi noma ngubani otholakala enesibopho sezenzo ezinyanyekayo uyobekwa icala ngendlela ephelele yomthetho.

Leli nxusa, uKebert Botora,  belikhuluma nabezindaba ngemuva komhlangano we-UN okuvele kuwo ukuthi kunamacala okudlwengula angaphezulu kwamakhulu amahlanu asebikiwe ezibhedlela ezinhlanu esifundeni sakuleli lizwe iTigray. Kube nokunye okungekuhle okuvelile kokuthi lezi zibalo kungenzeka ukuthi ziphansi kunalezo ezikhona.

Izisebenzi zeDoctors Without Borders ngesonto eledlule zithe zibone isosha lakuleli lizwe lidubula abesilisa abane ngemuva kokubayalela ukuthi behle ebhasini eduze kwenhlokodolobha yesifunda iMekelle.

Isitatimende esivela ezikhulwini eziphezulu eziyishumi nambili ku-UN sicele ukuthi kumiswe ukuhlaselwa ngokungakhethi nokuhlosiwe kwabantu okubandakanya phakathi ukudlwengulwa kanye nezinye izinhlobo zobudlova obusabekayo okuqhubeka nokuvela.

“Uma sikhuluma ngodlame locansi kanye nodlame lobulili, ukuninikeza amaqiniso, ngicabanga ukuthi maphakathi nenyanga kaNdasa imibiko yezikhungo zezempilo eMekelle, e-Adigrat, eWukro, eShire kanye nase-Axum yaveza ukuthi kunamacala angama-516 okudlwengulwa kwabantu kunikezwe neqiniso lokuthi iningi lezikhungo zezempilo ezinye azisebenzi. Ukucwasa okuhlangene nokudlwengulwa kubonakala sengathi izibalo ziphezulu kakhulu kunalokhu esikuzwayo nesikubonayo. Abesifazane sebedlwengulwe ngamadoda ahlomile, abanye baveza ukuthi bebedlwengulwa yiqembu labesilisa abanye badlwengulwa phambi kwemindeni yabo abanye kwaphoqwa amalungu emindeni yabo ukuthi abadlwengule,” kusho uSekela Mxhumanisi Wobuntu ngaphansi kwe-UN e-Ethiopia uWafaa Said.

Ukulwa phakathi kwamabutho ezwe asekelwa ngamabutho asezweni i-Eritrean namabutho eTigray People’s Liberation Front, okwaqala ekuqaleni kukaLwezi nyakenye sekubulale izinkulungwane zabantu kwaholela ekutheni abantu cishe abayisigidi babaleke emakhaya abo. Ukuphepha kanye nokudla kubalwa njengezinto eziseqhulwini kulabo abafika ezindaweni ezinjengeShire enyakatho ntshonalanga yeTigray ngamanani angaphezu kwe-1000 ngosuku.

See Also

Njengoba ukungavikeleki kokudla kanye nokudla okunomsoco kuya ngokuba kubi, isimo sezulu senhlalomnotho nesivuno esincishisiwe kuphinde kwenza kube nzima kakhulu kuleli lizwe.  

Iningi labantu abadukile nababalekile bahambe bengaphethe lutho ngaphandle kwezimpahla ababezigqokile kanti iningi lisathukile futhi baxoxa izindaba zobunzima ababhekana nabo ngesikhathi befuna indawo yokubhaca.

Scroll To Top