Now Reading
Qhude manikiniki: Isiphathimandla sigxeka uMengameli ngokhuvethe
Dark Light

Qhude manikiniki: Isiphathimandla sigxeka uMengameli ngokhuvethe

Anathi Mtaka

UMbusi waseSao Paulo ubize uMengameli uJair Bolsonaro “njengomholi ongaphilile ekhanda” okube wukugxekwa okunzima kukaMengameli mayelana nokhuvethe. 

“Sikwesinye sezikhathi ezinzima kakhulu emlandweni lapho izigidi zabantu zikhokha inani elikhulu ngokuba nomholi ongazilungiselele futhi ongaphilile ekhanda ophethe isizwe,” kusho uJoao Doria ekhuluma nabezindaba ngoMsombuluko. Uthe ukufa kwabantu abaningi kuleli lizwe ngenxa yokhuvethe bekungagwemeka ukube uBolsonaro usebenze ngendlela isikhundla sakhe esidinga ukuthi asebenze ngayo.

Scroll To Top