Now Reading
Izinselelo zokubhala kabusha uMthethosisekelo eThailand
Dark Light

Izinselelo zokubhala kabusha uMthethosisekelo eThailand

Iziphathimandla zaseThailand ngoMgqibelo zimise iziqukathi kanye nocingo olunameva njengezithiyo engxenyeni endala yaseBangkok eduze kweGrand Palace ngaphambi kombhikisho obuhleliwe uqondiswe kuHulumeni.

“Sesilungise amahhovisi azoqondana nokugcina ukuthula nokuhleleka,” kusho iphini lokhulumela amaphoyisa uKissana Pattanacharoen ngesikhathi likhuluma nabezindaba, kepha lenqabile ukudalula inani lamaphoyisa abekwe kule ndawo.

Ngokusho kwakhe, ukubuthana kwamalungu omphakathi kwephule imithetho ebekiwe yokulwa nokubhebhetheka kokhuvethe. Amaphoyisa ephethe amahawu abonakale engena kule ndawo yombhikisho.

Lo mbhikisho uqhamuke ngemuva kokuthi iPhalamende lehlulekile ukuphasisa umthethosivivinywa wokubhalwa kabusha koMthethosisekelo osekelwa ngamasosha, okungenye yezimfuno zababhikishi.

Ukuqulwa kwecala labaholi bemibhikisho kuqale ngesonto eledlule abasolwa ngokuvukela umbuso kanye nokuthuka ubukhosi.

NgoMgqibelo izishoshovu zindizise amakhayithi abependwe ngezithombe zabaholi bemibhikisho ababoshiwe ababhikishi abathi abakhululwe.

Uhlelo lokubhikisha lwabantu abasha yilona oselubeke inselelo enkulu kakhulu kuze kube manje kuNdunankulu wakule lizwe uPrayuth Chan-ocha (osesithombeni). 

See Also

Ababhikishi bathi uChan-ocha wenza inqubo ezogcina isimo sezombusazwe futhi simgcine esemandleni ombuso ngemuva kokhetho lwangowezi-2019. 

Kodwa uPrayuth uyakuphika lokhu.  

Ababhikishi baphinde bephula umthetho wendabuko ngokufuna ukuthi kuguqulwe uBukhosi, bethi uMthethosisekelo owasungulwa ngezombutho ngemuva kokuvukela umbuso ngowezi-2014 wawunika iNkosi amandla amaningi kakhulu.

Scroll To Top