Now Reading
Bukhona ubuwula ekushayweni yinduku eyodwa kuphindelela
Dark Light

Bukhona ubuwula ekushayweni yinduku eyodwa kuphindelela

Enye yezinto emqoka ekuthuthukeni kwezwe ngezemfundo. Ngenxa yalokhu umnyango obhekene nezemfundo ungomqoka. Ubumqoka bawo buyabonakala ngisho nangengxenye lo myango ozuza ngayo nxa kuyisabelomali. Akusilo-ke ihaba ukuba kulindelwe lukhulu kulo mkhakha okhiqiza konke. Kulindeleke lukhulu ngisho kulabo abawuphethe njengongqongqoshe noma abaphathiswa. Ngakolunye uhlangothi kulindeleke lukhu kubaholi babafundi okumele bakhongele abafundi ezindabeni ezithinta phakathi imali yesikole. Abanye abantu abamqoka lapha ngabazali ngoba abafundi balapha nje bakhokhelwa ngabazali babo. Okubi ngesikhathi esikuso wukuthi zonke lezi zinhlaka aziboni ngaso linye noma odabeni olumqoka, imfundo. Abanye abamqoka lapha ngabaphathi bezikhungo zemfundo omsebenzi wabo ukumela abazali nokuqinisekisa ukuthi abafundi bathola imfundo esezingeni. 

Iningi labaphathi bezikhungo bavame ukwehluleka ukulawula ulaka lwabafundi nokwenza isimo sibe lukhuni.

Okubi kakhulu wukuthi lokhu ngaboni ngaso linye sekunezidumbu phansi. Osekuyinkinga emphakathini nasesizweni. Ukubulawa komuntu owayengangene odungunyaneni lwabafundi namaphoyisa eGoli. Akekho okumele abe nokungabaza ngesidingo sento ebizwa ngemfundo yamahhala. Esingaqala sikhulume ngakho wukuthi ngabe lokhu kungenzeka kanjani. Izothathwaphi le mali, bona laba bafundi ngalokhu kuxhaswa banasibopho sini kubantu abasuke bebaxhase ngemali. Laba bantu ngumphakathi okhokha imali yentela.

See Also

Kuwumbono wethu ukuthi sesifikile isikhathi lapho kumele zonke izinhlaka zenze ithuba lokunkankanya isixazululo okungesona nje esonyaka kepha kube ngesezizukulwane. Silinde ukuthi ongungqongqoshe ahole,  aveze leli thuba. Sekukhona ubuwula ekutheni njalo uma kuqala unyaka wezemfundo kube nezidubedube, ukucekelwa phansi kwempahla nokufa kwabantu ngisho nabangayona ingxenye yemibhikisho.

Scroll To Top