UHulumeni akasukume alungise eyamanzi ingafiki ezingeni likagesi


Ukungena ngenxeba kwabezepolitiki sekusho khona ukuthi isiqalile ukuphuma esandleni
Isisho esithi, “Amanzi Ayimpilo” siyisonga yonke inkulumo ngokubaluleka kwamanzi ayindalo esikholelwa ukuthi avela kuMvelinqangi. Kwala noma umuntu engenalutho lokumaya kepha uma eke waqabula inkomishi yamanzi, ayabuya amandla nomqondo acabange kancono. Ngempelasonto esiphuma kuyo sibone imiphakathi ezingxenyeni ezihlukene zezwe ibamba inhlabaluhide yemibhikisho ikhalazela ukunqanyulelwa amanzi ngaphandle kwezexwayiso.
Ukuphawula kwabantu ezinkundleni zokuxhumana kuveze isithombe sokuthi inkinga yamanzi ihlasele ezifundazweni eziningi. NgoMsombuluko eNorthern Cape akufundwanga ngenxa yawo amanzi.
EThekwini ezinye zezikole ziliqede kanzima isonto ngenxa yokuthi bekuphoqa ukuba kuphunywe ekuseni ngenxa yale nkinga. Okufike kuzwele kakhulu ukuthi KwaZulu-Natal kusenezindawo amanzi angakabuyi ngokugcwele kusuka kwahlasela inhlekelele yezikhukhula njengasoThongathi.
EMbumbulu, eSikhaleni, Kwanyuswa, eBothas Hill, eVerulam kue kuyoshaya KwaNgcolosi sekwaba yimpilo yakhona ukuhlala ngaphandle kwamanzi. Kuwumqansa kubantu abahlaselwa yilesi simo bevele bedonsa kanzima ngokunqamuka kukagesi ezindaweni zawo. ObenguNgqongqoshe Wezamanzi uNks uLindiwe Sisulu uzame wehluleka ukulungisa udaba lwamanzi ezweni. Nongene emuva kwakhe uMnu uSenzo Mchunu uqale ngomfutho kodwa kubonakala engayinqobi inkinga yamanzi.
Leli phephandaba sekukaningi libika ngalolu daba ngethemba lokuthi luzolungiseka kodwa kube nhlanga zimuka nomoya. Kungakubi uma kuwukuthi kukhona isandla esinoboya kulokhu ngoba ekugcineni abantu abathwala kanzima ngabasemazingeni aphansi. Sike sabika phambilini ngezikhalo zomphakathi zokuthi kukhona ukukhuluma okuthi kunezikhulu eseziphendule eyokunqamuka kwamanzi umbele ogwansile.
Leli phephandaba lakuva kolunye ushicilelo lwangonyaka owedlule ukuthi kunamakhansela asesebenzisana nezinkampani ezithwala amanzi namaloli okwenza ukuthi izindawo ezingaphansi kwawo zihlale zingenawo amanzi. Uma le mibiko ishaya esikhonkosini abenzi balokhu kumele bangalibali ngezifungo abazenza mhla bengena kulezi zikhundla nezethembiso zempilo encono ehambisana nokulethwa kwezidingo emphakathini.
Akukuhle ukuthi zisuka nje onyakeni omusha sesibona izingane zesikole seziwuvanzi emgwaqeni ekuseni ngenxa yokuthi azikwazi ukuqhubeka nokufunda amanzi engekho ezikoleni. Abezepolitiki abayisebenze ngobuqotho eyamanzi bangangeni ngenxeba ngoba befuna ukuzizuzela amavoti.