Now Reading
#NGESETHUISILO: UZULU UYIBHALILE INCWADI NGENKOSI YAWO
Dark Light

#NGESETHUISILO: UZULU UYIBHALILE INCWADI NGENKOSI YAWO

Usuku lwanamuhla luqopha isonto elibe yingqophamlando eNingizimu Afrika. Kuze kube yimanje abanye abakakholwa ukuthi nembala Ongangezwe Lakhe useNyandezulu. Nokho bonke lobo buhlungu abumvimbanga uZulu ukuba aphume ngobuningi bakhe ukuyotshengisa uthando kwaloyo  ngokuzigqaja abambiza ngoNomthebe, iNgonyama , uHlangalwezwe noMnguni Omnyama. Kusuka zizwakele izindaba zokwebuza kweSILO amaviyo ngamaviyo ebutho lezinsizwa nezintombi kanye noZulu wonkana agcwale izitaladi ukuphelezela iNkosi yawo. 

NgoMgqibelo isuka eThekwini kube izimoto lapho uZulu obekuliningi ibutho ulikhiphe ngezihlangu. Kulabo abasebenza ezibhedlela behluleke nokuzibamba bahuba nabo begqoke imifaniswano yasemsebenzini. Iphuma nje impi ebilande iSILO lapha emigwaqeni ezindaweni ezifana neShowe, eMelmoth, Olundi nakwaNongoma abantu bebephakamisa izadla bekhuleka behlonipha ISILO neSihlalo. 

Kunede kwedlula impelasonto lasombuluka kwagcwala abantu kwaNongoma kanjalo nakuzo izindawo zokulala kusuka eMelmoth kuye oPhongolo okuyinto evame ukwenzeka uma kunoMkhosi woMhlanga. 

Abaholi bamaqembu epolitiki kakhulu lawo aboHlanga batheleke KwaKhethomthandayo kwaminyana utshumo. Ukugcwala kwabantu kukhathaze ngisho abaholi kuHulumeni abebesabela ukusabalala kokhuvethe. Khona lapho izinduna ziholwa nguZihogo zelanga umfokaNhleko beziyibiza impi ukuba kayiphelele kwaLinduzulu. NgoLwesithathu kuchitheke ulwandle njengoba abantu abebevela kulo lonke leli betheleke kwaNongoma, waphuphuma uLinduzulu. Zithelekile nezintombi uNongoma wayimibalabala idolobha lama nse. 

See Also

Kuthe lingathambama zaphuma izinsizwa zayolanda iNkosi omama nezintombi bayolinda KwaKhethomthandayo. Hhawu kube wulwandle olwendlula olwaseThekwini obeluphelezele iSILO.  Kuthe singafika laguquka izulu sesikhala noZulu. Nokuthe lapho sekwenziwa isikothi labanika, kwakhomba ukuthi isingene ekaBhusha ekhaya. Lokhu kunanelwe ngamazwi abesho phezulu abantu behuba, belilizela nezinyosi zikaZulu zibika udaba kuthungwa umlayezo ofanayo kuZinyandezulu ukuba zamukele omunye wazo. 

Kwenzeka konke lokhu ngisho abezindaba bashintshe ukwenza, kumaphephandaba nethelevishini kuhlonishwe iSILO situswa ngemisebenzi yaso. Ibivunana imilomo ekutheni lo kanjengamuntu. Phezu kobuhlungu obungachazeki ngokwedlula kweSilwane, uZulu uwuthumele umlayezo wothando ngeSILO kanye neSihlalo. Kanjalo naloyo onanela kulokho okwabe kushiwo yiSILO ukuthi “konke kuyefika kuyedlula kepha ukuba nguZulu kungunaphakade.” 

Scroll To Top