Now Reading
Izakhamuzi zingase zithole ilungelo lokuzivikela eMyanmar
Dark Light

Izakhamuzi zingase zithole ilungelo lokuzivikela eMyanmar

Umholi osabambile kuHulumeni womphakathi uthe uzofuna ukunikeza abantu ilungelo elingokomthetho lokuzivikela njengoba isibalo sabantu ababulawa emibhikishweni yokuphikisana nokuvikelwa kombuso ngamabutho ngenyanga edlule sidlula ema-80.

UMahn Win Khaing Than (osesithombeni), obalekayo kanye nezikhulu eziphezulu zeqembu eliholayo le ntando yeningi iNational League for Democracy Party, uxhumane nomphakathi enkundleni yokuxhumana uFacebook lapho ethe: “Lesi isikhathi esimnyama kunazo zonke esizweni kanye nesikhathi lapho ukusa sekusondele.”  

Uthe uHulumeni wabantu uzozama ukufaka emthethweni imithetho evuma ukuthi izakhamuzi zikwazi ukuzivikela zona ekucindezelweni ngezombutho.

Abantu abangaphezu kwama-80 babulewe emibhikishweni kazwelonke ephikisana nokuvukelwa kombuso ngamabutho. Inhlangano elwela iziboshwa ithe cishe abantu abangaphezu kwezi-2 100 baboshiwe kwathi abalinganiselwa kwabali-13 babulawa ngawo uMgqibelo, okuwusuku okwagobhoza igazi ukwedlula ezinye izinsuku kusukela kwavukelwa umbuso, ngokusho kwabezindaba baleli lizwe kanye nofakazi.

Abantu abahlanu badutshulwe bashona kwathi iningi lalimala ngesikhathi amaphoyisa evulela ngenhlamvu kubabhikishi eMandalay, okuyidolobha lesibili elikhulu kuleli lizwe.

Abantu ababili babulawe enkabeni yedolobha iPyay kwathi abanye ababili bashona amaphoyisa evulela ngenhlamvu edolobheni iYangon, lapho abanye abathathu bebulawe ebusuku.

“Benza ngathi basendaweni yempi,” kusho isishoshovu esizinze eMandalay uMyat Thu. Uthe kulaba abashonile kubandakanyeka nengane eneminyaka eli-13

See Also

USi Thu Tun, ongomunye wababhikishi uthe ubone abantu ababili bedutshulwa okubandakanya kubo nowenkolo yamaBuddha. 

Umshayeli wamaloli edolobheni elisenkabeni yesifunda iMagwe oshone emuveni kokudutshulwa esifubeni ngamaphoyisa, kusho umngani womndeni.

Okhulumela umbutho olawula leli lizwe owaziwa ngeJunta akaziphendulanga izingcingo zezintatheli ebezifuna ukuthola ukuphawula kwakhe. Kepha izindaba ezilawula iJunta zibeke ababhikishi njengezigilamkhuba kodwa kwangabekwa izizathu.

Scroll To Top