Now Reading
Ukusebenzisana nababhali kusemqoka kumshicileli
Dark Light

Ukusebenzisana nababhali kusemqoka kumshicileli

Umshicileli ungumshicileli ngenxa yokuba khona kwababhali. Ngaphandle kwababhali, awukho umsebenzi wabashicileli. Kuzokhumbuleka ukuthi emasontweni adlulile sivezile ukuthi umshicileli usebenza amaphrojekthi ababhali. 

Ababhali-ke banekhono lokubeka ngokucacile loko inqubomgomo ekudingayo. Sizokhumbula futhi ukuthi sasho ngesikhathi esedlule ukuthi isisusa sokushicilela sivela ngezindlela ezimbili; okuba ukuthi umshicileli ebone isikhala somkhakha othile kwezokuthuthukiswa kolwazi noma kube ukuthi uMnyango Wezemfundo uthumele inqubomgomo entsha yokufunda.

Lapha kokwesibili, umshicileli uqala ngokuhlwaya ababhali abanekhono lokubhala izincwadi ezifundwa ezikoleni (textbooks). 

Kubalulekile ukuthi umshicileli athole ababhali abanolwazi olunzulu ngamazinga (phases) azobe ebhalelwa futhi abanayo nje inhlasana yokufundisa lelo zinga. 

Kuzoqapheleka ukuthi laba babhali umshicileli uvamise ukuthi abasebenzise ngamaqoqo. Uma ubheka lawo maqoqo uzoqaphela ukuthi umshicileli uwakhethe ngobunyonico bolwazi oluthile. 

Kungaba yilaba abangabadwebi benqubomgomo yezemfundo nalabo abahlanganyela ekufundiseni kanye nabamnkantshubomvu kwezokuloba. 

Iqoqo elakhiwe yibo bonke laba bantu lisebenza ngokukhulu ukubambisana lokhu ngoba yilowo nalowo uza negalelo eliyisidingo kulo mshikashika wokubhala. Kuyamlekelela kakhulu lokho umshicileli ngoba aba mancane amathuba amagebe embhalweni.

Umbhali onolwazi olunzulu ngenqubomgomo noma ikharikhulamu uzolekelela lapho kuchazwa khona ikharikhulamu bese kuthi lowo onolwazi olunzulu kwezokuloba alethe amagalelo endleleni eseyiyobekwa ngayo indaba, kanti lowo onesipiliyoni ekufundiseni abafundi bebanga lelo elibhalelwayo useyolokhu ehlaba lapho ebona khona ukuthi umbhalo awuhambisani nezinga labafundi abahlosiwe.

Kuwumsebenzi womshicileli ukukhuthaza ukubambisana kubabhali. Esikhathini esiningi kusuke kuhlangene ababhali abangazani, abangakaze babonane. 

Okunokwenzeka futhi ukuthi bayogcina bengazange babonane kuze kuyophela iphrojekthi. Uyabakhuthaza njalo umshicileli ababhali ukuthi babhale izindaba abaziqambele zona noma-ke uma kwenzeka umbhali athathe indaba komunye umbhalo, asho futhi aveze ukuthi lowo mbhalo uthathwe kuphi, aveze yonke imininingwane yombhalo. Kuyicala ukuthatha umsebenzi womunye umuntu uwenze owakho, kubizwa ngokuthi ukugxambukela emalungelweni ombhalo (infringement of copyright). Sesiyokhuluma ngaloko nesigwebo sakhona ngokuzayo.

See Also

Ngenxa yalokho; umshicileli kufanele kube ngumuntu okwenza kube ngumkhuba wakhe ukufunda, kufanele imibhalo ayazi ukuze kungabi umqansa ukubona umbhalo othathwe kwenye indawo. 

Umshicileli wezilimi uyayifunda nje imibhalo yolimi asebenza ngalo, loko kumlekelela ngokuthi athi lapho efunda imanuskriphthi evela kumbhali akwazi ukuzwa into angaqali ukuyizwa. 

Useyoqala lapho-ke aphenye ukuthi konje wayeyizwe kuphi leyo ndaba. Uyobe esebuyela kumbhali ambuze ukuthi akukho yini lapho eyithathe khona leyo ndaba. 

Ukuthuthuka kobuchwepheshe ezikhathini ezizayo uma kuwukuthi akukakenzeki, kuyosilekelela kakhulu ekutholeni umbhalo othathwe kweminye imibhalo. Izinkampani zabashicileli ziyosebenzisa imishini (APP) evele iveze ngokusobala ukuthi umbhalo ucashunwe kuphi.

Scroll To Top