Olomhlaba luyiva, izinkantolo ziyacophelela ezinqumeni ezizikhiphayo



UMbatha ngumhleli nomhluzi wezindaba kwelaboHlanga.
Inyanga uNhlaba wezi-2018 iyohlala ingeyaba nzima kakhulu kubantu ababefake izicelo zokubuyiselwa umhlaba eNingizimu Afrika njengoba zonke izicelo ezazifakwe eNkantolo Yezicelo Zokubuyiselwa Umhlaba zachithwa.
Kuze kube yimanje izinkulungwane zezicelo zokubuyiselwa umhlaba azikasonjululwa futhi zingena ngonyawo lonwabu enkantolo. Kulolu shicilelo sizobheka izicelo zokubuyiselwa umhlaba ezine ezachithwa ngalesi sikhathi.
Kubalulekile ukuba kuvezwe ukuthi iNkantolo Yezicelo Zokubuyiselwa Umhlaba ibambe iqhaza elimqoka kakhulu emizamweni yeNingizimu Afrika yokuletha uguquko kwezithinta umhlaba. Ngokujwayelekile ihlalela imibango ephakathi kwabanikazi bomhlaba nabantu abathi banelungelo lokubuyiselwa umhlaba emveni kokuba wathathwa ngaphansi kwemithetho yobandlululo noma ngaphambi kwalokhu ngenxa yeNative Land Act we-1913.
Izicelo ezachithwa Udaba lokuqala okwakhiswa kulo isinqumo ngoNhlaba wezi-2018 luthinta umphakathi owanxeshezelwa ngendawo kepha wase ufaka imfuyo eningi epulazini lawo elisha okwabe kuwukwephula isivumelwano sokuthi ungafuya imfuyo eyanele indawo. Imfuyo yawo yayisiwuvanzi ingena emapulazini angomakhelwane kanjalo nasezindaweni ezigcina imvelo ebucayi. Lo mphakathi wayalelwa ukuba ususe imfuyo eyayeqa isibalo uma wehluleka ukwenza lokho imfuyo yawo yabe izodliwa bese idayiswa.
Olunye udaba oluthinta uMnu uJoseph Makubo nomndeni wakhe ababemangalela umlimi uJS Uys, uMqondisi Jikelele woMnyango Wezomhlaba Nokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya noMasipala iLekwa.
Umndeni wakwaMakhubo wawufuna ukuba kulalelwe ngokuphuthuma isicelo sawo sokuthi uthathwe njengabantu abanelungelo lokuhlala kuleli pulazi isikhathi eside nokuthi kuvinjelwe umnini wepulazi ukuba angabalimazi futhi angabesabisi.
Babefuna futhi ukuthi kukhishwe umyalelo wokuthi izinkomo zabo zivunyelwe ukuphuza amanzi emfuleni omkhulu kuleli pulazi.
UMakubo wathi ufuna ukuthi akwazi ukusebenzisa umfula omkhulu epulazini ngoba osetshenziswa izinkomo zakhe ungase ushe. Emveni kokuba umhlaba usuhlolwe yizona zonke izinhlangothi, kwavunyelwana ngokuthi idamu ngaleso sikhathi laligcwele ngamaphesenti angama-90. Zonke izinhlangothi zaphinde zavumelana ngokuthi wawungekho umfula omkhulu kuleli pulazi.
Nakuba uMakubo wayefuna isivimbelo sokuhlukunyezwa nokwesatshiswa ngokukhishwa epulazini, kodwa wayengakusho ukuthi yena noma elinye ilungu lomndeni wakhe bake bahlukunyezwa umlimi noma umndeni wakhe.
Kwaba nesinye isivumelwano sezinhlangothi sokuthi nakuba kwakunesicelo, uMakubo wayengenalo ilungelo lale ndawo eqinisweni umehluleli wathi empeleni lolu daba kwakungafanele nokuthi lukhulunywe.
Udaba lwesithathu kwakuyisicelo sokuphonsela inselelo isinqumo sokuqala seLand Claims Court. Leli cala lalithinta umbango owaqhamuka ngesikhathi lusadingidwa ingxenye yakho okuyindlela engeyinhle isicelo esahlanganiswa ngayo.
Izinkinga ezinkulu ecaleni lokuqala ukuthi owayefake isicelo okubalwa uMnu uJohn Makhuva owayenguSihlalo woMkhandlu woBuKhosi bakwaMathebula, akazange awubalule wonke umhlaba ababewufuna kunalokho babelindele ukuthi inkantolo yenze lokho.
Isicelo sokubuyiselwa umhlaba sikaMakhuva saheha abaningi kwazise sasithinta iKruger National Park kodwa umhlaba owawubalulwe kufomu lesicelo wawungafani nosohlwini olukuGazethe kaHulumeni ngaphansi kwesicelo sokubuyiselwa umhlaba. Ngakolunye uhlangothi incwadi efungelwe kaMakhuva yayibalula ezinye izindawo ababezifuna kodwa zingekho kufomu lesicelo.
Inkantolo yathi izizathu zikaMakhuva zokuphonsela isinqumo senkantolo inselelo zanika isithombe sokuthi wayefuna ukuthi inkantolo inike incazelo yayo yefomu lesicelo okuyinto okwakungesiwo umsebenzi wayo ukuyenza.
UMehluleli uTM Ncube wathi inkantolo ayivunyelwe ukufaka ohlwini lwesicelo isakhiwo noma umhlaba okungekho umuntu ofunayo ukuthi abuyiselwe kona. Futhi neKhomishini Yezicelo Zokubuyiswa Komhlaba ayikwazi ukukwenza lokhu ngesikhathi isaphenya isicelo. Wathi kwakungavumelekile ukuthi ofake isicelo ukuba alethe imephu ekhombisa umhlaba ongekho efomini lesicelo kodwa ngokwale mephu kuvela ukuthi uyafunwa.
UMehluleli wathi uma kubhekwa konke lokhu, awekho amathuba okuthi siphumelele isicelo sokuphonsela inselelo isinqumo senkantolo sokuqala.
Esinye isinqumo kuyinyanga uNhlaba wezi-2018 esakhishwa owayeyiBamba LikaMengameli wale nkantolo uYasmin Meer, saqala ngokubalula ukuthi lesi sicelo sokubuyiselwa umhlaba senziwa umphakathi waseLambini, owase ufaka isicelo njengamalungu omphakathi hhayi umuntu ngamunye.
Umhlaba ababewufuna kwakungamapulazi omoba angama-30 asogwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natal angamahektha ayi-1 380.
Kulawa macala esesikhulume ngawo ngenhla, leli lingelidida kakhulu futhi libonisa ukuthi inkantolo yenza kanjani ukwehlulela ubuqiniso besicelo sokubuyiselwa umhlaba, ukucubungula ubufakazi obethulwe ngomlomo noma umlando obhaliwe. Kodwa kuleli cala inkantolo yayiwusola uHulumeni njengoba yayilokhu ikhombisa ukweseka isicelo somphakathi nakuba umbiko kafakazi womphakathi onguchwepheshe wawuphikisa ubuqiniso besicelo somphakathi.
Inkantolo yacubungula ubufakazi babo bonke ofakazi ngaphambi kokuba ithole ukuthi isicelo ngeke saphumelela yabe isiyalela umbuso ukuba ukhokhe izindleko zabalimi abathintekayo kulolu daba.
UMehluleli uMeer wathi ngesikhathi umbuso ufunda umbiko kangoti ongazange useseke ngokucacile isicelo somphakathi, kwakufanele ubikele inkantolo ngokuqukethe futhi kwakufanele ukubone ukuthi isicelo sesifana nento engekho noma asisihle okanye sasingenawo amathuba okuphumelela.
Awusalanga umphakathi ekugxekweni yinkantolo. Yawukhipha umbiko kodwa ngesikhathi umphakathi uthola amadokhumenti wakhala ngawo ngoba wawungaseseki isicelo sawo. Umphakathi wabe usuzama ukwenza omunye umbiko kachwepheshe.
Isikhathi eside, umphakathi wawenqaba ukunika olunye uhlangothi kuleli cala ikhophi yombiko, ngokusho kwenkantolo. Umphakathi wawuphoqelekile ukuba uwuveze umbiko kodwa wawugodla iminyaka emibili.
Lo mphakathi waphinde wachitha izivumelwano zokunxeshezelwa ngaphezu kwemizamo yombuso nabalimi yokuba kufinyelelwe esivumelwaneni. Wenqaba umhlaba ongamahektha ali-100 owawuwunikwa izinhlangothi ezakuveza enkantolo naphezu kokuthi inkantolo yexwayisa umphakathi iphindelela ngobungozi bokungatholi lutho uma wehluleka ukuveza ubufakazi obeseka isicelo sawo. – Olunye ulwazi lucashunwe kuLegalbrief