Sekuyavela ukuthi bazuzani asebeqome i-Israel kunePalestine



UShozi yisifundiswa nombhali wezindaba zesimomazwe, wenza iqhuzu lePHD.
Ziyancipha izitha bayanda abangani ku-Israel. Emlandweni waseMiddle East, alikho izwe ebelinesigcwagcwa ukwedlula leli lizwe. Lesi sigcwagcwa saze saholela ekutheni ngoNhlangulana kowe-1967 iJordan, iSyria, ne-Egypt batholane phezulu naleli lizwe ngenhloso yokulishabalalisa.
Ngokwesekwa i-United States of America (USA) leli lizwe lakwazi ukumelana nokuyinqoba le mpi ezinsukwini eziyisithupha. Umphumela wale mpi wadala ukuthi amazwe afana neSaudi Arabia, iQatar, i-Oman, iBuhrain, i-Algeria, iSudan, iMorroco, i-Iran, i-Iraq, iKuwait, iLebanon neYemen abuphike ubuzwe be-Israel. Amanye afana ne-Afghanistan, iBangladesh nePakistan nakuba engekho eMiddle East kodwa aseseka lesi senzo sokubuphika ubuzwe baleli lizwe.
Okuqhatha i-Israel nalawa mazwe ukuqhwaga kwayo umhlaba wePalestine. Ngaphambi kukaNhlaba kowe-1948, okuwunyaka eyasungulwa ngawo i-Israel, isizwe amaJuda okuyiso esakhe i-Israel sasiyizivakashi ePalestine. Ngenxa yokuzingelwa kwalesi sizwe eGermany ngesikhathi sombuso ka-Adolf Hitler, lesi sizwe saqoqelana ePalestine ngenhloso yokwakha izwe laso.
IPalestine yayinendawo ebalulekile kakhulu kumaJuda iJerusalem okuyindawo abayazisa njengalapho okwaqala khona ukuphila komuntu. Ngokuthi lesi sizwe sasiqoqelana endaweni evele inabanikazi bayo ephinde ibe izwe iPalestine, kwabe sekuba khona umbango phakathi kwalezi zinhlaka ezimbili.
Lo mbango yiwo owaholela ekutheni isizwe samaSulumane sibumbane sizame ukuxosha amaJuda aseqhwaga umhlaba wasePalestine. Izimpi phakathi kwalezi zinhlaka zazilokhu zinqotshwa amaJuda okungakho njalo emuva kwempi abasePalestine babezithola sebesele nomhlaba osunciphile.
Impi eyacacisa ukuthi amaJuda ayaphumelela ekusunguleni izwe lawo kulo mhlaba owawaziwa ngePalestine kwaba yile yangowe-1967. Okusukela ngalo nyaka leli lizwe linyamanambana emazweni abuswa ngokwenkolo yobuSulumane.
Kamuva nje, iMorroco, iSudan, iBuhrain ne-United Arab Emirates (UAE) bamemezele ukuthi bazokwakha ubuhlobo bokusebenzisana ne-Israel. Lokhu kuchaza ukuthi lawa mazwe abebuphika ubuzwe baleli lizwe ngoba ethi lakhelwa phezu komhlaba wePalestine abantu bakhona asebaphenduka ondinga sithebeni aseyavuma ukuthi likhona.
Kanti, ukuvuma kwawo kuchaza ukuthi asephika ubuzwe bePalestine ngoba nayo i-Israel ithi akukwazi ukuthi kube namazwe amabili emhlabeni owodwa.
Lawa mazwe alandele iSaudi Arabia, i-Egypt neKuwait nabo asebehoxile enkulumweni ethi leli lizwe lifana nento engekho kubo.
Okunakekayo ngalokhu kwenza ukuthi kukhulu lawa mazwe akuzuzayo ngalokhu kuqoma i-Israel. Okugqamayo ukuthi wonke lawa mazwe abuswa ngendlela engavunwa inhlangano yamazwe omhlaba i-United Nations (UN) yona eqhakambisa uHulumeni wentando yeningi ovamise ukuhambisana nokuvikelwa kwamalungelo abantu.
Le nhlangano isemuseni wamazwe amahlanu okuyi-USA, iChina, iRussia, iFrance ne-United Kingdom (UK), kanti kulawa mazwe i-USA iyona enamandla amaningi. Ubudlelwano bokuvikelana kwe-USA ne-Israel yibo obuheha amazwe amaningi ukuthi ubuvume ubuzwe be-Israel.
Ekufunayo i-USA ku-Israel ukuthi iluse amazwe aseMiddle East ngokwesaba ukuthi uma engase aphinde abumbane angavimbela zonke izinjongo zawo zomnotho kulesi siqhingi. Kulokhu i-Israel ayikaze iyiphoxe i-USA okungakho ubudlelwano balawa mazwe bukhula.
Ngaphandle kwe-Iran, i-Iraq, iLebanon neSyria, amazwe aseMiddle East asevumile ukuthi ukulwela iPalestine akunanzuzo okungakho aseqome i-Israel ngenhloso yokufukanyelwa ubudlelwano baleli lizwe ne-USA. Kubili iMorocco ekufunayo kulobu budlelwano, okokuqala, ifuna ukwesekwa emzamweni wayo wokuhlwitha iWestern Sahara. Ungamaphesenti angama-80 umhlaba leli lizwe eliwulawulayo eWestern Sahara kanti ongama-20% ulawulwa iPolisario Front esakha uHulumeni ngaphansi kwegama iSahrawi Arab Democratic Republic.
Kusukela ngowe-1976 lezi zinhlaka zibanga lo mhlaba kanti iMorocco isifuna ukuwulawula wonke ngoba isize yamema ne-Israel ukuthi iyinkankise iPolisario Front.
Kuningi ukukhala ngokuziphatha kweMorocco kulo mbango okwazwe kwayixoshisa naku-African Union (UN).
Kunezinsolo zesihluku nokusocongo ezibhekene naleli lizwe. Ngaphambilini i-Israel ne-USA yibo akade begqamisa lokhu kuziphatha ngenhloso yokulihlambalaza. IMorocco isize yaqhamuka nobuhlakani bokuzisondeza kulawa mazwe ukuze ingaphinde ikhulunywe le ndaba. IPakistan, iBangladesh, iSudan, ne-Algeria bona bafuna ukuhlinzekwa yilawa mazwe ngezikhali.
Ngaphambilini lawa mazwe abengenabo ubudlelwano obuhle ne-USA ngezinsolo zokubusa ngenqubo yombutho wezempi kanye nokuhlukumeza amalungelo abantu. Ukunqanda lokhu i-USA yabe isiyawamisa lawa mazwe ekuthengeni kuwo izikhali nasemazweni edlelana nawo.
Ngowezi-2019, e-Algeria naseSudan umbutho wezempi wathatha izintambo zombuso uhlwitha ababesebuse isikhathi eside badala uqhekeko kulawa mazwe ne-Israel kanye ne-USA u-Omar al-Bashir (waseSudan) no-Abdelaziz Bouteflika (wase-Algeria). Ngokuthi sebuphumile laba baholi, ubudlelwano ne-Israel ne-USA sebubuyele ekusebenzisaneni.
IPalestine neBangladesh bona nakuba bengakaphumeli obala ngokuvuma ubuzwe be-Israel kodwa indlala kubonakala kuyiyo ewasondeze naleli lizwe. Ngenxa yokuthi lawa mazwe awahoshelani ne-India engomakhelwane abanomgomo wokhuvethe, lawa mazwe asekhangeze aphiwa e-Israel efuna umgomo wokhuvethe kwazise njengoba evamise ukuhlaselwa yizinhlekelele ezidalwa izikhukhula nezishingishane imali abengenayo.
Nakhona umbutho wezempi yiwo obusa isinyenyela, lokhu kungezinye zezizathu ezisondeze lawa mazwe kwa-Israel ukuze athole izikhali akhululwe nakunswinyo le-USA.