Bazame ukuqumba phansi umbuso waseHaiti



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Iziphathimandla zaseHaiti ngesonto eledlule zibophe abantu abacishe babe yishumi nambili. Lokhu kubandakanya nomehluleli weNkantolo Enkulu ngeqhaza labo ezinsolweni zetulo lokuzama ukuqumba phansi uMengameli wezwe uJovenzel Moise (osesithombeni). Sekubhebhethekise ukungezwani kwezepolitiki kuleli lizwe eliseCaribean elinezinkinga eziningi.
UNdunankulu uJoseph Jouthe utshele abezindaba ekwakhe ukuthi iSikhulu Esiphezulu samaphoyisa naso besiphakathi kwabantu ababoshwe bephethe imali, izibhamu nezinhlamvu.
“Laba bantu baxhumane nezikhulu zokuphepha esigodlweni sikazwelonke, izikhulu ezisezingeni eliphezulu esigodlweni sikazwelonke, inhloso yalezi zikhulu bekuwukubopha uMengameli wezwe kanye nokwenza lula ukufakwa kukaMengameli omusha,” kusho uNdunankulu uJouthe ekakwe uNgqongqoshe Wezobulungiswa nesikhulu samaphoyisa.
Ekhuluma ngemuva kukaNdunankulu uMengameli uMoise, esesikhumulweni sezindiza iPort-Au-Prince esendleleni eyokwethula umcimbi waminyaka yonke edolobheni iJacmel elisogwini, uthe laba abebakha uzungu bebehlose “impilo yami”.
Lokhu kuboshwa kwabantu kuvela ngemuva kokuthi izikhulu zamaqembu aphikisayo zaphakamisa izinhlelo zokususa esikhundleni uMengameli osolwa ngokuba uzwi lakhe nangokwengamela izinxushunxushu zezomnotho kuleli lizwe elimpofu kakhulu eWestern Hemipshere.
Phambilini kuke kwaba nemibhikisho ebiqondiswe kuHulumeni ePort-Au-Prince lapho ababhikishi bangqubuzana namaphoyisa, aphendula ngesisi esikhalisa unyembezi. Kuphinde kwaba neminye imibhikisho eqondiswe kuMengameli kwamanye amadolobha kuleli lizwe.
Uhlelo lwamaqembu aphikisayo lwaluthi izakhamuzi zezwe kanye nabaholi bamaqembu aphikisayo kufanele baqoke uMengameli omusha phakathi kwabehluleli baseNkantolo Enkulu kunokuthi kulindwe ukhetho lukazwelonke lwangoMandulo nonyaka.
UMengameli uMoise, ophethe leli lizwe kusukela maphakathi noMasingana, usekuvezile ukuthi uzonikezela ngamandla kozonqoba ukhetho kodwa angeke ashiye esikhundleni sakhe kuze kuphela isikhathi sakhe ngowezi-2022.
UHulumeni wase-United States of America ngesonto eledlule unxuse ukuthi kube nezingxoxo ukuzama ukuxazulula le nkinga leli lizwe elibhekene nayo, waphinde wakubeka ukuthi uMengameli ozolandela uMoise kufanele angene esikhundleni uma ihlandla likaMoise seliphelile ngonyaka ozayo.
UMoise usebeke izinhlelo zokubamba inhlolovo yokuchibiyela uMthethosisekelo ngoMbasa lapho amaqembu aphikisayo esekuzwakalisile ukukhathazeka ngokuthi ivoti lale nhlolovo ngeke kube ngelikhululekile futhi lingase linike uMengameli uMoise amandla amaningi.
Leli lizwe lishayeke kabi ngenxa yezinkinga zomnotho ovele ukhubazekile okwenze kwanzima kakhulu ubhubhane ukhuvethe, izwe liphinde lakhubazeka kakhulu ngokwanda kwabantu abathunjwayo nobugebengu okugqilaze kakhulu umnotho kwaba negalelo elikhulu ezingeni lempilo yabantu abajwayelekile kuleli lizwe.