Now Reading
Basenakho yini ukuwethemba abantu umgomo wokhuvethe?
Dark Light

Basenakho yini ukuwethemba abantu umgomo wokhuvethe?

UHulumeni waseNingizimu Afrika uselumisile okwesikhashana uhlelo lokugoma, emva kocwaningo oluveze ukuthi lo mgomo otheleke kuleli ngesonto eledlule ngeke usebenze kulolu khuvethe lwaseNingizimu Afrika oseludida imibala iSARS-CoV-2 Variant. Okuphinde kwaba undabamlonyeni yilolu daba lokuthi le migomo seyizodlulelwa isikhathi emveni kwezinyanga ezimbili. 

Inhlangano iWorld Health Organization (WHO) ikhiphe umbiko othi lo mgomo ukhombisa ukuba namandla okulwisana nezifo. Okuwumbuzo olokhu umile kulesi sitatimende seWHO ukuthi unamandla okulwa nezifo kulolu khuvethe lwaseNingizimu Afrika yini? 

IBAYEDE ikhulume nabantu emphakathini nokuyibo abazosebenzisa le migomo. Ongudokotela uThapelo Hlapane ephawula ngalolu daba engasabeki ngoba esemsebenzini kepha ephawula njengesakhamuzi saseNingizimu Afrika uthe: “Ngisazowuthatha umgomo wokhuvethe, ukuthi angicabangi ukuthi umgomo i-AstraZeneca uwumqondo omuhle njengoba imibiko iveza ukuthi awukwazi ukuvikela kulolu khuvethe olusha. Uma beletha iModerna noma iPfizer ngizowuthatha. Inkinga ukuthi abezindaba badunga imiqondo yabantu ngento engathi shu. UHulumeni wethu uthenge imigomo kungakabi khona lo mbiko ongemuhle okhishwe ucwaningo lwase-United Kingdom.”

UPatric Mathenjwa uthe: “Selokhu kuqale lezi zinxushunxhushu sengisaba kakhulu. Uma sengigoma impela kuyobe sekungekho engingakwenza. Kodwa ngeke ngikubalekele ukuthi ngiyazi ukuthi uHulumeni wethu uzoyihlola imigomo uma kunobuthi abangabuthola emgomeni bayolumisa uhlelo. Ukuthi kulolu daba cishe safa ngoba uhlelo beseluzoqala ngoMsombuluko.”

UMthokozisi Khumalo uthe: “Inkinga sebesuke basifundisa ngale migomo, futhi siyazi ukuthi ekulungele ile emba eqolo, lesi sigameko esisanda kwenzeka ilesi esisikhombisayo ukuthi noma ungenayo iMedical Aid uma uya ezibhedlela zikaHulumeni uthola imithi engafani ngempela nale ekhokhelwayo. Bona (uHulumeni) ukube basithengele le migomo eqala kuma-95% ngabe azibanga khona lezi zinxushunxushu. Ikakhulukazi njengoba isizwe simanqikanqika ngokugoma. Ngiyogoma kepha ngeke ngibe owokuqala.” 

UThabani Buthelezi uthe: “Ngeke ngigome, angisiyena kona ungoti wezempilo kepha njengoba izwe livungama nje ngale migomo ngeke mina ngikhule kuthiwa ayinuki ingosiwe. Okusho ukuthi kukhona okushayisa amakhala. Kungaba kunophoshozwayo ophezulu otshala lolu lwazi kubantu, uma kungenjalo sebeyoxola vele uMengameli washo ukuthi okulicebo labo ukugoma abantu abaningi khona uma umuntu ezungezwe abantu abaningi abagomile bengeke bamthelele. Okunye engizibuza kona ukuthi njengoba izinto zikaHulumeni zihamba kancane kangaka ngizwe kuthiwa kuzomele siphinde sigome emvakwezinyanga eziyisi-6 uma ucabanga uHulumeni uzobe esanayo yini imali yokusiphinda?”

See Also

U-Asanda Makhaye uthe: “Ekhaya kudlule amalungu omndeni amathath  sizibuzile ukuthi uHulumeni wenzani? Ngakho asikwazi ukuthi uma esenza okuthile siphinde sigxeke imizamo yakhe. Umgomo mina ngizowuthatha ngoba ngikholwa ukuthi awukho uHulumeni ongabulala abantu bakhe uma sesifile bese uhola bani?”

UPhiwokuhle Buthelezi uthe: “Mina ngizogoma kodwa ngiyoba ilabo abaphakathi nendawo ngeke ngibe owokuqala ngoba kuthiwa isinamuva liyabukwa, futhi ngeke ngibe owokugcina ngoba kuthiwa isinamuva likhwelwa izagila. Ekuqaleni kwale migomo benginenkolelo yokuthi uHulumeni ufuna ukusibulala kepha ukudlula kwabaholi kuzwelonke kanye nasesifundazwe kuyakhomba ukuthi lesi yisifo esixake wonke umuntu ngakho noHulumeni unesifiso sokuphunga isitha, ukhuvethe.” 

Scroll To Top