Now Reading
Ezombutho zaseMynmar yizona ezidonsa imikhala kumanje
Dark Light

Ezombutho zaseMynmar yizona ezidonsa imikhala kumanje

I-United States of America (USA) isabise ngokuthi izophinde ibeke unswinyo kojenene baseMynmar ngemuva kokuthi bethathe izintambo zombuso ngokuwuqumba phansi futhi babopha umholi waleli lizwe owayekhethwe ngentando yeningi, uMnu  u-Aung San Suu Kyi, okuze kube yimanje akaziwa ukuthi ukuphi ngisho sekuphele amahora angama-24 eboshiwe.  I-United Nations Security Council kuhlelwe ukuthi izohlangana kuleli sonto osomaqhinga bathi phakathi kwezicelo ukuthi kube khona ukuqina kwempendulo yomhlaba kwezombutho ekuboshweni komholi waleli lizwe kanye nabalingani bakhe bezepolitiki okwenzeke ngoMsombuluko.  

Ukuvukelwa kombuso umbutho kwenzeke ngemuva kokuthi iqembu likaSuu Kyi iNational League for Democracy (NLD) linqobe ukhetho lwangoLwezi kepha ezombutho zaleli lizwe zona azizange ziyamukele imiphumela yokhetho zathi kube nokukhwabanisa.

Ezombutho zaqoka uJenene uMin Aung Hlaing njengomholi wezwe zaphinde zabeka leli lizwe ngaphansi kwesimo esibucayi unyaka wonke, lesi senzo kube wukubhidlizwa kwamathemba ezwe elihlaselwe ububha lokuthi sekuzoba nentando yeningi ezinzile kuleli lizwe ngemuva kweminyaka eminingi ezombutho zingena ezindabeni zepolitiki.

UMengameli wase-USA, uJoe Biden, uthe lokhu kuvukelwa kombuso umbutho kuwukuhlasela okuqonde ngqo ukuguqulwa kwaleli lizwe liye entandweni yeningi kanye nasekubuseni ngomthetho. Waphinde wathi umbuso wakhe uzobheka kabanzi ukuthi amanye amazwe aluphendula kanjani lolu daba. “I-United States of America yasusa unswinyo kuleli lizwe ngemuva kokuthi kube nenqubekela phambili eya entandweni yeningi. Ukuhlehla kwale nqubekela phambili kuzodinga ukubuyekezwa ngokushesha kwemithetho yethu yonswinyo kulandelwe izenzo ezifanelekile,” kusho uBiden esitatimendeni asikhiphile.

“Sizosebenzisana nabalingani bethu kulesiya sifunda kanye nomhlaba jikelele ukwesekela ukubuyiselwa kwentando yeningi kanye nokubusa ngomthetho nokuthi kubekwe icala labo ababe nesandla ekuhlehliseni uguquko noma inqubekela phambili yaleli lizwe eya entandweni yeningi,” kuphetha uBiden.

Lesi simo esenzeka kuleli lizwe esinye sezivivinyo zokuqala ezinkulu zesibambiso sikaBiden sokusebenzisana kakhulu nabalingani bakhe ngezinselelo ezibheke umhlaba ikakhulukazi ethonyeni elikhulayo laseChina. Lesi senzo sikaBiden sehluke kakhulu kuleso sikalowo obenguMengameli wase-USA uDonald Trump owayehamba ngohlelo lwe-“America First”.

See Also

I-United Nations iyona ehole ukugxekwa kwalokhu kuvukelwa kombuso yaphinde yaphakamisa ukuthi kukhishwe noma kukhululwe bonke abantu ababoshiwe kuphinde kubuyiselwe intando yeningi la maphuzu e-UN afakazelwa yi-Australia, inhlangano i-European Union (EU), i-India, iJapan kanye ne-United States. IChina yona ayikugxekanga lokhu okwenzeke kuleli lizwe kepha ithe iyakubona okwenzeka khona futhi icela wonke amaqembu ahloniphe uMthethosisekelo. Amanye amazwe akulesi sifunda okubalwa kuwo umakhelwano waleli lizwe iThailand anqabile ukuphawula ngalolu daba olwenzeka kuleli lizwe.  

Imigwaqo yaleli lizwe ibithule ebusuku ngesikhathi kuqala umthetho wewashi obekelwe ukubhebhetheka kokhuvethe. Amabutho kanye namaphoyisa emibhikisho athatha izikhundla nezindawo enhlokodolobha yakuleli lizwe iNaypyitaw kanye nesikhungo esikhulu sezentengiselwano iYangon.

Kushaye uLwesibili kuleli sonto omakhalalekhukhwini kanye ne-inthanethi sekusebenza kepha izindawo ezijwayele ukuphithizela abantu zona bezithule kakhulu ngisho nesikhumulo sezindiza esiseYangon besivaliwe.

Scroll To Top