Now Reading
Ababhikishi banxenxa umphakathi ukubhekana namaphoyisa
Dark Light

Ababhikishi banxenxa umphakathi ukubhekana namaphoyisa

Amaphoyisa aseMyanmar aqale ukuhlakaza ababhikishi abalwela intando yeningi ngoMsombuluko njengoba osomabhizinisi ezweni lonke bevalile beteleka ngaphansi komkhankaso kazwelonke bephakamisa ukuphikisana nokuvukelwa kombuso ngamabutho yize kukhona izinsongo eziphuma kuziphathimanda zezwe ukuthi ukungqubuzana phakathi kwezomthetho nababhikishi kungagcina kuholela ekufeni kwabantu.  

Ngemuva kwamasonto amathathu amabutho avukela umbuso, uHulumeni wombutho owaziwa ngeJunta  usuhlulekile ukumisa imibhikisho yansuku zonke kanye nenhlangano yokungalaleli komphakathi efuna kuguqulwe ukuvukelwa kombuso okwenzeke ekuqaleni kwenyanga kuphinde kudedelwe umholi waleli lizwe owakhethwa ngokwentando yeningi, u-Aung San Suu Kyi.

Kuleli sonto kube nemibhikisho emadolobheni wonke akuleli lizwe, emagqumeni angasemgceleni neChina kuze kuye enkabeni yezwe, lokhu kuvezwe ezinkundleni zokuxhumana.

Enhlokodolobha iNaypyitaw, lapho kuzinze khona ezombutho, imoto yamaphoyisa edubula ngamanzi kanye nezinye izimoto zivale umgwaqo ukuvimba nokuhlukanisa iqulu lababhikishi ababaleka ngesikhathi amaphoyisa asebajaha, abanye babanjwa baboshwa.

“Bayasijaha, bayasibopha. Sibhikisha ngokuthula,” kusho omunye wesifazane kuvidiyo evele enkundleni yokuxhumana uFacebook.

Ukuphendula kwezomthetho ngalesi sikhathi akubanga nezibalo eziphezulu zabantu abashonile njengemibhikisho yasekuqaleni mayelana nalolu daba lokuvukelwa kombuso ngamabutho kepha kuvelile ukuthi sekushone ababhikishi abathathu, ababili badutshulwa eMandalay ngoMgqibelo kwathi omunye wesifazane wadutshulwa eNaypyitaw ngoLwesihlanu.

See Also

Umbutho wona uthe iphoyisa elilodwa lishonile ngemuva kokulimala ngesikhathi sombhikisho. NgeSonto ohlelweni lwezindaba oluphethwe uHulumeni uxwayise ababhikishi ngokuthi kungenzeka bashone.

“Ababhikishi manje bagqugquzela abantu, ikakhulukazi intsha, ukuba bangqubuzane namaphoyisa okungaholela ekulahlekeni kwempilo yabo.” 

Scroll To Top