Now Reading
Uzumile uHHP kodwa izimpawu bezibonakala
Dark Light

Uzumile uHHP kodwa izimpawu bezibonakala

IZINDABA ezishaqisile phakathi nesonto yilezo zokuthi umculi odumile weHip-hop obaziwa kakhulu ngoHHP kanti igama lakhe langempela uJabulani Tsambo akasekho emhlabeni.

Ngesikhathi sokushicilela ibingakaziwa kahle imbangela yokufa kwakhe noma kuyinto engafi hliwe ukuthi lo mculi ubenenkinga yengcindezi emqondweni. Empeleni uyena uHHP owadalula lezindaba kwabamaphephandaba eminyakeni emibili eyedlule. Waphinde wazivumela ngokwakhe ukuthi useke wazama iziwombe ezintathu ukuzibulala. Inkosikazi kaHHP uLerato Sengadi ukuvumile ukuthi nebala lesi sihlabani asisekho emhlabeni.

“Kuyiqiniso. Empeleni ngikhuluma nje ngihlangene nomndeni lapha”, kusho uSengadi kuzwakala ukuthi umoya wakhe uthintekile ngalesi sehlo.

Baningi asebedlulise ukwethuka kwabo ngalesi sehlo. Omunye wabathandi bomculo ophawule kutwitter uthe, “Sekuthanda ukuba yisejwayezi ukuhamba kwabaculi esibakhonzile besebancane. Akalale ngokuthula uHHP.” Omunye wosaziwayo osephawulile wadlulisa namazwi enduduzo emndenini ngu-AKA. Enye yezingoma zikaHHP ayenza yileyo enesihloko esithi, O’ Mang.

UDkt uSipho Sithole weNative Rythms uphawule kabanzi ngesimo uHHP abekusona ngezinsuku zakhe zokugcina. Ekhuluma nabezindaba uthe, “Uma ngithola lezi zindaba zokudlula kukaHHP emhlabeni ngibe nokuzisola ukuthi kufanele engabe ngashesha nganyakaza ngenza okuthile. UHHP wayebonakala emehlweni ukuthi uphansi kwengcindezi enkulu. Ngikhuluma naye emngcwabeni kaLinda ‘ProKid’ Mkhize ongomunye umculi noprojusa osanda kudlula emhlabeni, wayejabule kodwa ubona ukuthi umqondo wakhe ukude ngokucabanga. Kamuva nje uHHP ubesengenwe wuthando lwezinto zase-Afrika, ibimhlupha kakhulu indaba yemvelaphi yakhe. Waze wangazisa nezindaba zokwamukelwa kwakhe eHoward College e-USA lapho ayezoyokwenza khona iziqu zeMasters ku-African Studies. Ngamhalalisela ngamkhuthaza, kanti umuntu usezozwa lezi zindaba ezishaqisayo,” kusho uDkt uSipho Sithole ngokudabuka okukhulu.

UMondise uqhubeke wexwayisa ngengcindezi esiqala ukuba yisejwayezi kubantu abasha kulezi zinsuku. Ukhale ngokuthi sengathi aboHlanga ingcindezi yisifo abangakazihluphi ukuthi basiqonde.

See Also

Uthi umuntu enezimpawu zengcindezi kuthiwe uyethwasa. Leyonto ayimsizi umuntu osuke ebhekene nenkinga ngoba akanikwa imishanguzo eqondene nengcindezi esuke imhlasele.

Ezifi ke kamuva yilezo ezithe ezinsukwini eziyisithupha ngaphambi kokudlula kwakhe emhlabeni uHHP uneke imizwa yakhe yokuba ngaphansi kwengcindezi yomqondo selokhu kwadlula emhlabeni umngane wakhe omkhulu owayengumrepha uFlabba ngonyaka wezi-2015. Kuzokhumbuleka ukuthi uFlabba wafa ngokugwazwa emva kwengxabano phakathi kwakhe nalowo ayehlekisana naye. Kulo nyaka uFlabba ubezobe egubha iminyaka engama-41 ephila.

Ukudlula kukaHHP kuqubule isililo ezweni lonke kwavele kwazicacela ukuthi endimeni yomculo weHip-hop“iBosso ngempela ke mang …”

Scroll To Top