Now Reading
Siyavuza isikhwama sezimpesheni kwabanye omasipala
Dark Light

Siyavuza isikhwama sezimpesheni kwabanye omasipala

Omasipala abangama-25 bahluleka ukukhokha imali yempesheni yezisebenzi zabo eNingizimu Afrika. Labo masipala abahluleka ukukhokha bane esifundazweni i-Eastern Cape, bayisi-9 eFree State, munye eLimpopo, bane eNorth West, bahlanu eNorthern Cape. 

Labo masipala bathathe imali elinganiselwa ezigidigidini ezi-R3, sebehluleke ukukhokha imali yalezi zisebenzi kusukela ngoMbasa. Izisebenzi sezizonke ziyi-1 659, ezingama-370 kufanele zithathe umhlalaphansi kepha zinqatshelwe ngenxa yalesi simo.  

Le mali ethathiwe yezisebenzi kubikwa ukuthi isetshenziselwe izidingo zomasipala abathintekayo. UNgqongqoshe Wezezimali, uTito Mboweni, uthi lesi senzo siwubugebengu uthi ukungakhokhelwa kwezisebenzi impesheni kulicala ngaphansi kweSigaba 13A soMthetho Wesikhwama Sezimpesheni. 

OMasipala abathintekayo kulobu bugebungu e-Eastern Cape iDr Beyers Naude engakhokhile imali ezi-R2 598 207 482, iSunday River Valley isi-R1 192 370, iGreat Kei eyizi-R627 525.82. Amahlathi izi-R60 558 151.01 kanye neWalter Sisulu izi-R8 936 753.31. 

EFree State kubalwa iKopanong ekweleta izisebenzi izi-R113 120 103, iMohokane izi-R60 970 287, iMasilonyana izi-R6 317 312, iMatihabeng izi-R16 558 368, iDihlabeng izi-R3 540 987, iNketoana izi-R7 692 608, iMaluti-a-Phofuna izi-R5 598 892, iMantopa izi-R3 200 000, kanye neMafube izi-R6 971 185. 

See Also

ELimpopo i-Ellias Motsoaledi ekweleta izisebenzi izi-R254 633. ENorthern Cape uKamiesber ekweleta izisebenzi isi-R1 344 042, iRenosterberg izi-R5 274 175.62, iKaj Garib izi-R5 436 667.35, iKheis izi-R9 123 276.57 kanye neMagareng isi-R1 360 000. 

ENorth West iKgetlengrivier ikweleta izisebenzi izi-R3 507 344.20, iTswaing izi-R27 647 776, iNaledi izi-R11 655 185 kanye neMamusa izi-R12 163 312.26. 

Scroll To Top