Izinsongo ziyekise ukhetho eBurkina Faso
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Kuvaliwe ukuvota kuleli lizwe ngemuva kokhetho lwePhalamende nolobumengameli obelumiswe kabi udlame lweqembu lenkolo yamaSulumane oluvimbele ukuvota emadolobheni amaningi akuleli zwe.
Ezindaweni eziningi enyakatho nasempumalanga yaleli lizwe, kumisiwe ukuvota kulezi zindawo kugqame kakhulu la maqembu axhumene neqembu i-al Qaeda kanye namanye amazwe aholwa ngenkolo yobuSulumane. Ikomiti lokhetho lithe ezinye izikhungo zokuvota obekuhloswe ukuthi zivulwe ziphoqeke ukuthi zivalwe ngenxa yezinsongo ezivelile.
“Abantu bebesatshiswa. Batshelwa ukuthi oke wafaka u-inki okhombisa ukuthi uvotile kufana nokuthi useyawuvalelisa umunwe wakhe,” kusho uSihlalo wekomiti lokhetho uNewton Ahmed Barry ngesikhathi ekhuluma nabezindaba
Ngaphambi kosuku lokuvota imininingwane esemthethweni iveze ukuthi cishe abantu abayizi-400 000 okungamaphesenti ayisikhombisa abakwazi ukuvota, kungenzeka bangakwazi ukuvota ngenxa yokuthi iziteshi zokuvota zivaliwe ngokusaba ukuthi kungase kube nodlame.
Lesi sibalo kubonakala ukuthi kungenzeka siqhubeke sande ngenxa yokuthi isigidi sabantu abasale dengwane ngenxa yezinxushunxushu abazithole bengakwazi ukuvota.
Leli nani eliphansi labalindeleke ukuthi bavote, lifake ingcindezi engeziwe entandweni yeningi esayintsha kuleli lizwe elaliyiKoloni yeFrance, lapho abaholi balo bebonakala “bengakwazi ukubhekana ngqo nesimo sezokuphepha esiwohlokayo kanye nezinkinga zomnotho wezwe,” kusho umhlaziyi osebenzela inkambani ezinze eLondon u-Alexandre Raymakers.
UMengameli waleli zwe uRoch Kabore ufuna ihlandla leminyaka emihlanu lesibili, lapho ekhankasa khona ngempumelelo yezempilo osekuhlinzekwe izingane ezingaphansi kweminyaka emihlanu ngezempilo mahhala kanye nokulungiswa kwemigwaqo ebiwubhuqu egcwele leli zwe elinabantu abayizigidi ezingama-21.
Kodwa ukungabi nokuthula kuleli lizwe yikho osekuqinisekise ukuthi izakhamuzi eziningi ngeke zikwazi ukuvota.
Udlame lweqembu labenkolo yobuSulumane iJihadist osekuvele ukuthi selubulale abantu abangaphezu kwezi-2 000 seludale ukuthi leli zwe lingalawuleki kahle.
“Ngibiza zonke izakhamuzi zakuleli zwe ukuthi ziyovotela noma yiliphi iqembu abalithandayo. Lokhu kumayelana nentando yeningi yaleli zwe, imayelana nentuthuko kuphinde kube mayelana nokuthula,” kusho uMengamelui uKabore ekhuluma nabezindaba.
Ohlwini olude lwabagaqele isikhundla sobuMengameli kuleli zwe bonke babeke ukuthula nokuphepha enhliziyweni yemikhankaso yabo, kodwa izimbangi ezimbili zikaMengameli uKabore okubonakala ukuthi yizo ezingaba yinkinga emizamweni yakhe yokuthola ihlandla lesibili, uMnu u-Eddie Komboigo kanye nowaphuma isibili okhethweni olwedlule uMnu uZepherin Diabre.