Now Reading
IRussia ithi izimisele ukusebenzisana noMengameli wase-USA
Dark Light

IRussia ithi izimisele ukusebenzisana noMengameli wase-USA

UMengameli waseRussia uVladimir Putin kuleli sonto uthe izwe lakhe likulungele ukusebenza nanoma ngubani oqokwa njengoMengameli wase-USA futhi lizimisele ukuhalalisela ozobe enqobile uma yonke imisebenzi esemthethweni isiqediwe.  

UMengameli uPutin ubekugodlile ukuphawula kwakhe, ngenkathi obenguMengameli wase-USA uDonald Trump ethatha izinyathelo zomthetho ukuzama ukuguqula ukwehlulwa kwakhe okhethweni lobuMengameli ngumholi weqembu lamaDemocrats uMnu uJoe Biden.

“Sizosebenza nanoma ngubani othenjwa yizakhamuzi zase-USA,” kusho uPutin.

“Kepha onqobile kufanele ashiwo yiqembu eliphikisayo, okufanele livume ukunqoba kwabaphikisana nalo noma ngemuva kokuqinisekiswa kwemiphumela yokugcina yokhetho ngendlela esemthethweni,” kusho uPutin.

Lokhu kuqhamuke ngemuva kokuphawula kwaleli lizwe ukuthi lizolinda imiphumela yokugcina esemthethweni ngaphambi kokuba liphawule kulolu daba.

Ngenyanga edlule iRussia yathi ukuhlola kukaBiden iRussia njengosongo olukhulu ekuvikeleni kwe-USA kwakungalungile futhi kukhuthaza inzondo eqondiswe eRussia.

 “Asivumelani nhlobo nalokhu okushiwo lapha,” kusho okhulumela leli lizwe uDmitry Peskov ekhuluma nabezindaba ngesikhathi kuthiwa akaphawule ngokuhlola kukaBiden.

See Also

“Siphatheka kabi ukuthi inzondo ephelele yeRussia isabalala ngale ndlela,” kusho uPeskov.

Ubudlelwano phakathi kweRussia ne-USA bancipha kwaya ezingeni lempi elwa buthule ngonyaka wezi-2014 ngesikhathi iRussia ikhipha iCrimea e-Ukraine, ngaleso sikhathi uBiden wayeyiSekela likaMengameli wase-USA ngaphansi kukaMengameli uBarack Obama.

Ubudlelwano phakathi kwala mazwe baphinde bahiliziseka ngesikhathi ezobunhloli zase-USA zibika ukuthi iRussia yazama ukugxambulukela okhethweni lukaMengameli ukuze luvune uTrump kepha lezi zinsolo iRussia iyaziphika namanje.

Scroll To Top