Now Reading
Umakadebona kwezokusubatha uKhabazela akapheli umoya
Dark Light

Umakadebona kwezokusubatha uKhabazela akapheli umoya

Akumtheni nakancane amandla uMncedisi Mkhize ukungathathwa njengomunye wabasubathi abahamba phambili KwaZulu-Natal naseNingizimu Afrika nakuba esekuveze kaningi ukuthi uyingqwele yokuqina. 

Lo msubathi odabuka  esigodini sasoThuthwini, eMthwalume, utshele elaboHlanga ukuthi okumsizayo wukuthi uwuhlobo lo muntu olungabheki abantu uma enza okuthile. 

Uma ufakana umlomo noMkhize oneminyaka yobudala engama-39 kuyakucacela ukuthi ukusubatha wayezalwe nakho. 

Eqala ukugijima iComrades Marathon kwehliwa kusukwa eMgungundlovu kubhekwe eThekwini, wamangaza ozakwabo ephuma endaweni yama-41. Ngalo nyaka wayegijimela ikilabhu yasePinetown, eThekwini. 

Waphumelela ukwenza lokhu phezu kokuba wafika endaweni okuqalwa kuyo sesiqhume kudala isibhamu. Intambo yashaywa uSipho Ngomane ngesikhathi esingama-5:27:10. 

Emjahweni wesibili, ngowezi-2006, waqopha umlando engena kwabayishumi bokuqala kungalindele muntu. Walala kweyesi-8. UMkhize ongomunye wabasubathi abangaconsi phansi kuMaxed Elite AC utshele elaboHlanga efa yinsini ukuthi wasizwa ukungena esixukwini sabasubathi baseRussia abakhonya isikhathi eside kulo mjaho ohlonishwa umhlaba jikelele. Uthe lesi sixuku saze samlahla ngaseLion Park, eCato Ridge.

“Ngawahlala ezithendeni amaRashiya. Nakuba ulwimi eyalukhuluma ngangingaluzwa kodwa kwakungicacela ukuthi adinwe ayaveva, azibuza ukuthi ngiwubani. Aze angishiya eLion Park, sengizwa ukuthi ngiyakhathala. Kwangisiza kakhulu lokhu ngoba ngaphinde ngafunda nangendlela ayegijima ngayo. Ukhumbule phela ukuthi ngangiyivukana kulo mjaho,” kubeka uMkhize. 

Kulo nyaka  intambo yashaywa u-Oleg Kharitonov wakhona eRussia ngesingama-5:35:19. Kwabesifazane kwanqoba iwele u-Elen Nurgalieva elingumkhaya wakhe. 

UMkhize useyigijime amahlandla alishumi iComrades Marathon. 

Kulesi sibalo uhlabane ngamagolide ayisi-7. Unyaka agijime kahle kakhulu kuwo ngowezi-2007 njengoba alala kweyesithathu. Ngowezi-2008 waba kweyesi-7 kwathi ngonyaka owalandela waphuma kweyesi-7. Ugcine ukugijima leli gugu lo mjaho ngonyaka odlule elala kweye-16 ngesikhathi esingama-5:58.

“Ngiphoxeke kakhulu ngokuphuma kule ndawo ngonyaka odlule. Ngangibheke ukuthi okungenani ngibe kwabahlanu bokuqala. Endleleni ngahlaselwa amajaqamba kwancane indawo. Benginenkinga ethile emzimbeni. Okuhle wukuthi sengiyilungisile le nkinga,” kuqhuba uMkhize.

Uveze ukuthi usewazi njengoba ezazi umzimba wakhe, ngonyaka ozayo ufuna ukushaya intambo kuComrades. 

“Umzimba wami uqatha ngendlela emangalisayo. Nakuba iComrades ingonyaka ozayo kodwa ngimatasa nokuzicija ezintabeni zangasekhaya. Mina ngisajima ngendlela yakudala, kuyangisebenzela lokhu. Ngidla ukudla kwesintu okufana nemifino, amadumbe, ubhatata, uphuthu nokunye. Le mishanguzo yesimanje kangiyingeni indaba yayo.  Ngonyaka ozayo ngifuna ukuyinqoba iComrades Marathon. Ngingaphatheka kabi uma ngingaze ngiyeke ukugijima ngingawunqobanga lo mjaho.”

UMkhize osenqobe nemijaho efana neZululand Ultra Marathon, iChatsworth Marathon neminye, uveze ukuthi imfihlo yakhe ukungagijimi yonke imijaho, ukhetha ethile azilungiselele ngayo iComrades Marathon.

See Also

Echaza ngokungena kulo mdlalo, uthe ukugijima ukuqale eLuthuli High School, eMthwalume, efakwa ugqozi abasubathi bangakubo abafana noThubalethu Phaku. Uthe efunda ugrade-8, kuqhudelana izikole zangakubo ugijime ibanga lama-5000m waphuma indawo yesibili. Uphinde indawo efanayo emqhudelwaneni owawuseMzito. 

Uthe yilapho ebone khona ukuthi unekhono. Ngowezi-2001 ujoyine ikilabhu kamakadebona uWillie Mtolo. 

Efa yinsini uMkhize, uthe benomngani wakhe uThulani Mqadi bayishiya ngowezi-2002 ngenxa yokushiywa ingcaca abasubathi ababenabo kule kilabhu. 

Uthe wabe eseyobheka amatoho. Uveze ukuthi ubuyiselwe ukuphela komsebenzi ngowezi-2004 ekugijimeni. 

“Kwathi ngibukele ithelevishini ngezwa ngomjaho okuthiwa uphakathi kweTheku noMgungundlovu. Ngaqala ukugijima imijaho yokuhlungela ukungena kuComrades Marathon. Ngazitshela ukuthi ngeke ngihluleke. Ngangijima ezintabeni zangasekhaya. Namanje ngizishya isifuba ngokulala kweyama-41 ekubeni ngangiqala. Ngokujwayelekile abaqalayo baphuma kweyekhulu kubheke phezulu,”usho kanje. 

Le ngqwele eyagcina ebangeni 9 ngokwemfundo iyale intsha efuna ukuba yingxenye yalo mjaho ngokuqinisa esikoleni. Ithe kunezikhathi lapho ukungafundi kwayo okuyihlukumeza khona. Nokho iveze ukuthi ijabule ngekuzuze ngenxa yokugijima.

Scroll To Top