Now Reading
Izisebenzi zigcwale imigwaqo ngemisebenzi kuleli
Dark Light

Izisebenzi zigcwale imigwaqo ngemisebenzi kuleli

Izisebenzi zisho ngazwilinye zithi inxeba loyedwa inxeba labo bonke.

Zisho kanje kuleli sonto ngesikhathi izinhlaka ezibaholayo ziphuma ngobuningi zabanemibhikisho ngoLwesithathu yokukhala ngokulahleka kwemisebenzi, ukuvalwa kwezinkampani, ukucindezelwa kwabesifazane nenkohlakalo eyenziwa izikhulu zikaHulmeni eshiya kuhlushekwa.

Kuleli sonto kucacile ukuthi usizi lwezisebenzi lulodwa futhi alukhethi ukuthi ukuyiphi inyunyana njengoba imifelandawonye yezisebenzi okuyiCongress of South African Trade Union (Cosatu), iSouth African Federation of Trade Union (Saftu), iNational Council of Trade Unions (Nactu) kanye neFederation of Trade Union of South Africa (Fedusa) ibikuzona zonke izinkalo zamadolobha ehlukene kuleli kubhikishwa.

Izisebenzi zemikhakha eminingi azeneme neze ngendlela umnotho owehla ngayo nangokugoloza kukaHulumeni ukunyusa amaholo ngokwesivumelwano.

Okuzikhalisayo ukuthi zihlale zitshelwa ngokuwa komnotho nokungabibikho kwemali kodwa abaholi bona bayaqhubeka baphila impilo ephezulu nemindeni yabo kanye nezihlobo nabangani.

Yilokhu lapho abanye abaholi beCosatu eGauteng bezwakale sebethi uma inhlangano ebusayo i-African National Congress (ANC) iqhubeka nokwehluleka ukubhekelela izisebenzi bazoyeka ukuyeseka okhethweni. Bekukhalwa nangokuthi abaholi abaningi ngisho ababesezinyunyaneni uma sebefika kuHulumeni bayakhohlwa yizisebenzi.

UMengameli we-Cosatu, uNkk uZingisa Losi, uthe uhole umbhikisho ngojenga lwezimoto ophelele emahhovisi oMnyango Wezokuqashwa Nezisebenzi eGoli nokuyilapho ekhulume kabanzi ngokuhlukumezeka kwezisebenzi.

UNkk uLosi uthi sekuyisikhathi sokuba izisebenzi zilalelwe kuyeke ukuthi zikhunjulwe ngezikhathi ezithile kuphela.

UNobhala Jikelele weSaftu, uMnu uZwelinzima Vavi, uhole isigungu sakhe balibangisa emagcekeni ezindlu zoMbuso ePitoli lapho bebeyothi sekwanele ngosizi lwezisebenzi.

UVavi ukhale ngokuthi ngendlela izisebenzi ezibukelwa phansi ngayo kuze kunganakwa ngisho ezokuthuthwa kwazo.

Ubesho lokhu ekhala nangokuthi izitimela azikho esimweni ziyafa okuze kudale ukuthi izisebenzi zixoshwe emsebenzini ngenxa yokufika sekwedlule isikhathi.

Amalungu eSaftu  amanye abebambe umlindelo ePolokwane nokuthe uma kusa ngoLwesithathu alibhekisa emahhovisi kaNdunankulu uStanley Mathabatha ehambisa uhla lwezikhalo.

Ezinye izisebenzi bezithe chithi saka ePort Elizabeth nakwamanye amadolobha ziyokhalaza ngokuthi sezihlupheke kakhulu zinganakwa akuphele manje.

See Also

Abaholi beCosatu KwaZulu-Natal bamashele ezinkampanini ezehlukene ezisolwa ngokuxhaphaza izisebenzi ngokuzikhwabanisela imali yazo yokungasebenzi ebizwa nge-Unemployment Insurance Fund (UIF).

UMnu u-Edwin Mkhize weCosatu KwaZulu-Natal, uthe ozakwabo basabalale namadolobha ahlukene esifundazweni okuyisePort Shepstone, eMgungundlovu, eMpangeni, eRichards Bay naseMandeni kwaSithebe.

Lo mbhikisho ubuhambisana nosuku iWorld Day for Descent Work nokuyilapho kugqugquzelwa ukuphathwa kahle kwezisebenzi nokuqinisekisa ukuthi zisebenza ngaphansi kwemigomo ephephile nezivunayo.

Lolu suku lukhunjulwa umhlaba wonke kanti eNingizimu Afrika bekubhekwe ukuba izisebenzi zihlale emakhaya ukuze zithobele imithetho yokhuvethe kodwa akwenzekanga.

Nokho abasebenzi abaningi bahlulekile ukuzivalela emakhaya kodwa babona kungcono ukuba bazifikele mathupha kulemibuthano ebihleliwe ukuze baqinisekise ukuthi izwi labo liyezwakala.

Babalisa nangokuthi amaholo abathenjiswa wona ngowezi-2018  ukuthi azonyuswa ngamaphesenti amahlanu nengxenye akukaze kwenzeke.

Scroll To Top