Now Reading
Imithetho yokhuvethe ezikhumulweni zezindiza iqinisiwe
Dark Light

Imithetho yokhuvethe ezikhumulweni zezindiza iqinisiwe

Bazophoqeleka ukuthi babe nobufakazi obuveza isimo sabo sempilo abantu bangaphandle abahambela kuleli njengoba sekuxegiswe imithetho yokuvalwa kwezwe kwavulwa nokuhambela kwamanye amazwe. 

Lokhu kulandela ukuvalwa kwemingcele yokungena eNingizimu Afrika ngenxa yokhuvethe oluphoqe ukuthi kume izinto emhlabeni njengoba besekuphele izinyanga eziyisithupha kume umnotho nokuhwebelana kwamazwe. 

Ongqongqoshe abathathu okubalwa kubo oWezokuthutha uMnu uFikile Mbalula, oWezasekhaya uDkt u-Aaron Motsoaledi noWezobudlelwane Namazwe uNkk uNaledi Pandor, bethule imigomo eqinile ezobhekana nalabo abazohambela kuleli kanye nabaphumayo. 

Le migomo bayethule phambi komkhandlu iNational Coronavirus Command Council (NCCC) okuyithimba elihlanganisa ongqongqoshe elibhekene ngqo nakho konke okuthinta ukhuvethe. Phakathi kwale migomo kuvele nokuthi labo abahambela kuleli kufanele babe nobufakazi bokuthi ngempela bahlolelwe lesi sifo futhi kwaqinisekiswa ukuthi abanaso. 

Okwamanje zisentathu kuphela izikhumulo zezindiza ezivuliwe, okuyi-OR Tambo eGoli, iKing Shaka International eThekwini nesaseKapa iCape Town International.

Ngaphezulu kwalokho izihambeli zakuleli zizophoqeleka ukuba ziphathe amakheli ezindawo ezihlala kuzo lapho zisuka noma zidabuka khona nobufakazi bemishwalense eqondene nalesi sifo. Abalelwa ema-57 amazwe okutholakale ukuthi ukhuvethe lubhebhetheka kakhulu kuwona njengoba elakuleli linqume ukuthi liyivale imingcele yawo. 

Ekhuluma nabezindaba uNgqongqoshe uPandor uthe bakubone kufanele ukuthi baqinise umthetho wemingcele nokuthi kuzohlala kukhona izivimbamgwaqo kuyo yonke imingcele engena kuleli lapho kuzoba nodokotela abanesipiliyoni ngokuhlola izifo ezifana nokhuvethe. 

Uthe kuzoqinisekiswa ukuthi izihambeli zilandela imigudu efanele yokuvikela ukubhebhetheka kwesifo okubalwa ukufakwa kwezimfonyo, ukugeza izandla nokungasondelani kwabantu nokuthi umuntu abe nobufakazi bokuhlolelwa ukhuvethe obengenaso isikhathi esingaphezu kwamahora angama-72.

See Also

Uphinde wathi yize kuzoqiniswa ezokuphepha emingceleni nokuthi kube nodokotela nezinye izinhlaka zikaHulumeni futhi bazoqhubeka nokuhlola imingcele okungena kuyo abaphuma ngaphandle ukubheka ukuthi sekungakanani ukubhebhetheka kwalesi sifo emazweni abo. Uphinde wadalula ukuthi sebebalelwa ezigidini ezine abantu abahlolelwe lesi sifo kanti babalelwa kumaphesenti angama-90 asebesindile. 

Ngesikhathi kuhlolwa obonakala enezimpawu zokhuvethe uzogcinwa endaweni ephephile azikhokhele izindleko futhi agcinwe yedwa izinsuku eziyishumi. 

Bonke abangenayo kuzodingeka babe nobufakazi obusayindwe odokotela abagunyaziwe. 

Scroll To Top