Now Reading
Kubukeka uHulumeni engazikhathelele izakhamuzi zakuleli
Dark Light

Kubukeka uHulumeni engazikhathelele izakhamuzi zakuleli

Iqembu i-ANC namanye afana ne-AZAPO, i-IFP njalo njalo benza umsebenzi omuhle bebumbene njengamaqembu aboHlanga ukulwela inkululeko yezwe.

Kuliqiniso ukuthi inhloso yenkululeko yezakhamuzi zaboHlanga yayingabuki ngale kwenkululeko yowe-1994. Inkululeko ayibanga namasu okunothisa nokwenza aboHlanga babe nenhlalakahle.

Ngikhuluma lokhu ngoba kusukela abamhlophe begoba uphondo ngowe-1991 kwabe sekuqala impi yaboHlanga sekubangwa amavenge. Abanye babeklolodela abanye, abanye baphenduka izisulu zokubulawa.

Kungiphatha kabi ukuthi emuva kowe-1994 sesilitholile izwe njengabamnyama sisakhala ngosizi futhi siyahlupheka, sihlushekiswa kakhulu uHulumeni waboHlanga ongenalo isu lokusibhekelela. Ngowe-1994 kwakumele yonke into eyizimbiwa phansi efana negolide, idayimane, amalahle abelwe aboHlanga. Ngikusho lokhu ngoba amazwe anothe ngowoyela awabile umnotho awunika izakhamuzi.

KwaSomkhele eMtubatuba, eMpumalanga abantu bakhona bakhala amanzi njengengcuba yinhlupheko ekubeni izimayini zenza izigidigidi zemali nsuku zonke ngamalahle angazuzisi ngisho abantu bakhona. Okufike kucike ukubona aboHlanga bengobhoyi babelungu basebenzele ubala besasimamisa labo ababesicindezele ngale kowe-1994.

Ngikhathazekile ngoba iNingizimu Afrika akukho lapho ibheke khona. UHulumeni usenze okuningi ehlangene naMakhosi ukucindezela indlu emnyama egameni lepolitiki eshibhile esidlalwa manje. Ngicela ukubala okumbalwa, okuyilokhu:

See Also

  • Uma ungeyena uComrade kulezi zinsuku uzolamba uyathanda awuthandi
  • Uma ufisa ukuba nesitolo emakhaya kufanele ukhokhe ezinkulu izimali ungatholi noxhaso kodwa abasemazweni angaphandle bafakwa ngaMakhosi ezindaweni zethu bazozitapela imali okufanele yenziwe yithi
  • Izimayini zonke zinothisa abamhlophe nedlanzana elibizwa ngoComrade laboHlanga
  • Imali eyizigidigidi ezingama-R25 nezinye zokulwa nokhuvethe ukube kwabelwa izakhamuzi ngasinye isigidi samarandi bese uHulumeni enza uhlelo lokuthuthukisa ngokutshalela izakhamuzi leyo mali ngabe akekho okhalayo. Yonke imali idliwe ngoComrade.
  • Izisebenzi noma sezifa ngenxa yokhuvethe uHulumeni waboHlanga akanazwelo nazo, akaxegisanga ntela, akafakanga uthasi kodwa uzibukela umthimba nekhetho ziwushaya esigcawini

Ngalokhu okuncane sekucacile uHulumeni waboHlanga ohlanganisa i-ANC, iCOPE, i-IFP, i-EFF nabanye abahlala ePhalamende abanamasu futhi abawona umlomo wethu, nabo babuka ukuthi bangadlani nemindeni yabo.

Ngapha sixakwe ubugebengu bona bagadwe ngezibhamu, bahamba ngophethroli wamahhala, balala emahhotela ngezimali zethu zentela ekugcineni bakhonkothise okobhova onganemazinyo.

Scroll To Top