Now Reading
Ugxile kwezokuphepha kwezakhamuzi uMacingwana
Dark Light

Ugxile kwezokuphepha kwezakhamuzi uMacingwana

PHEZU kokuba sekuphele iminyaka engama-23 iNingizimu Afrika yedlulile ezimpini zobandlululo ezishiye inqwaba yezintandane nabafelokazi kodwa isifundazwe iKwaZulu- Natal, sisabhekene nengwadla yezehlakalo zokubulawa kwabantu esezihlule ngisho kwenziwa imikhuleko yabamabandla ehlukene neminyango kaHulumeni. IKwaZulu-Natal kube isifundazwe esilahlekelwe kakhulu ngezikhathi zodlame lweminyaka yowe-1980 lwaze lwagamanxela nangemuva kwenkululeko eyatholakala ngowe-1994 kuMbasa. Lolu dlame lwadlula nemiphefumulo yabantu abangaphezulu kwezinkulungwane ezingama-20. Ngemuva kwemizamo yokubuyisana isimo siye sabonakala sizotha kwehla ukuchitheka kwegazi obekumataniswa nokubulalana kwabantu ikakhulukazi ngoba bengezwani ngokwamaqembu epolitiki.

Nokho isimo sibonakala siqala phansi ngokwehlukile njengoba kudlange kakhulu ukubulawa kwabasebenzi basemapulazini nabalimi, ukusocongwa kwabahlali basemahostela, ukubulawa kosomatekisi nezimpi zezigodi. Lezi zehlakalo ezingenhla yizo esezakhe nesithombe esibi ngesiFundazwe nosekwenze uHulumeni azame ukuqhamuka nezinhlelo ezahlukene ukubhekana nalesi simo. Okunzima ukuthi lezi zigameko zenziwa kuhleliwe nokudala inkinga yokuba kuboshwe abasuke bethinteka, okungaba abathunyiwe ukuba babulale noma abasuke bethenge ababulali. Ngenxa yalezi zigameko, uNdunankulu uMnu uWillies Mchunu kuthe kuleli sonto ngesikhathi ethula iNkulumongqangi YesiFundazwe yonyaka wezi-2018, wangena wagxila kulolu daba.

Le nkulumo uyethule eMgungundlovu, eRoyal Show Grounds phambi kwamalungu omphakathi okuyiwo athinteka ngqo nahlukumezekayo kulezi zehlakalo zokubulalana. Okugqame kakhulu enkulumeni yakhe mayelana nalezi zigameko zokubulalana kube ukuthi sezedlula ngisho ubugebengu obejwayelekile njengoba ngokwezibalo ezikhishwe amaphoyisa zakamuva, zikhombe ukuthi ubugebengu obejwayelekile behle ngamaphesenti amabili. Kungenxa yalesi sizathu lapho uMchunu ememezele ukuthi bazosungula ikomiti elibizwa ngokuthi iCommunity Complaints and Instability Response Rapid Unit.

Leli komiti lizoholwa iHhovisi likaMchunu kanti umsebenzi walo kuzoba ukuthi umphakathi uzobika kulo zonke izigameko ezithinta ukubulalana kwezombusazwe, udlame lwezigodi, ukusocongwa kosomatekisi, ukubulawa kwabahlali basemahositela nokubulawa kwabalimi nabasebenzi basemapulazini. Ngokusho kukaMchunu leli komiti lizobe ligxile ngqo kulezi zigameko ezibalwe ngenhla nezizobe zibikwa umphakathi ukuze kube nendlela ehlukile yokuthola ulwazi ngabenzi bokubi. Nakuba leli komiti linekezwe lo msebenzi kodwa uMchunu uyakugcizelela ukuthi ukubakhona kwalo akuzukuwuphazamisa umsebenzi wamaphoyisa, okaHulumeni kanye namavolontiya abalwa nobugebengu okubalwa phakathi nezinye izinhlaka ezibhekele ukuphepha. Leli komiti kuye kwaphakanyiswa ukuba libekhona ngonyaka owedlule nokugcine ngokuthi kuvunyelwane ngalo ekutheni liqale ukusebenza kulo nyaka.

See Also

Ukuhlelwa kwaleli komiti kuzokwenza ukuthi kubelula ukukhipha ulwazi ngabenzi bobubi noma labo abasuke bewobhongoza ekuhlelweni kokusocongwa kwabantu ngoba izinhlaka zaleli Hhovisi zizobe ziyingxenye yemiphakathi esuke ithinteka. UMchunu umemezele leli komiti nje ngemuva kokuthi kusabonakala kuwumqansa ukubamba abasuke bethinteka ekubulaweni kwabaholi bezombusazwe nabemboni yamatekisi. Kuze kubengcono odlameni lwezigodi nolwasemapulazini ngoba nasemibikweni yamaphoyisa kuyavela ukuthi bayashesha ukubanjwa abasuke bethinteka kulezi zigameko. Okunye ukuthi leli komiti limenyezelwa nje kunekhomishana ka-Advocate Morumo Moerane okulindeleke ukuba iwuphothule ngenyanga ezayo umsebenzi wayo, egcine isijutshwa ukuba iphenye ezinye zalezi zigameko. Nakuyo le Khomishini kuye kwacaciswa ukuthi ukuphenya kwayo akuzukufana nalokhu okuzokwenziwa yileli komiti elizobe liholwa iHhovisi likaNdunankulu.

Scroll To Top