Imitapo yolwazi iyisisekelo esibalulekile


Kwakusewukopeletsheni lapho imitapo yolwazi yayingakhiwanga emakhaya nasemalokishini aboHlanga ngaphambi kowe-1990. Kwakunombono wokwakhiwa nokuhlinzekwa ngemitapo yolwazi ezindaweni, ikakhulukazi emalokishini esanda kuhlaliswa aboHlanga. Kwangenzeka. Abafundi boHlanga basemalokishini, kwakudingeka ukuba baye emadolobheni ngoMgqibelo kuphela nangezikhathi zokuphumula ukuyotapa ulwazi kumitapo yolwazi eyayisemadolobheni.
Ukuzijwayeza imitapo yolwazi komfundi kanye nomuntu omdala ongasebenzi kunenzuzo ethe xaxa ngoba ulufumana kahle ulwazi oluningi olunomsoco, olusezincwadini ezibhalwe ngesineke nangendlela okuyiyona yolimi, yokufunda neyokubhalwa kwalo, noluku-inthanethi nokunye okuningi. Sebaze baphawula ngobungozi abaseNhlanganweni Yezizwe Ezihlangene, ngaphansi kwezemfundo, kwezobunjulabuchwepheshe namasiko. Ngobungozi bokungakwazi ukufunda nokubhala esintwini kanye nentsha yamanje. Beqinisile ngoba abanye sebehlulwa ngisho nawukubhala nokufunda amagama nezibongo zasemakubo.
Imitapo yolwazi yasemadolobheni seyamukela mahhala nezinhlanga eziqhamuka kwamanye amazwe ukuyotapa ulwazi uma zithanda. Inqobo uma zinobufakazi bokuthi zikhokhela umasipala ngezidingongqangi azihambisela izakhamuzi nezakhelwamizi. Phambilini ngowe-1977 kwakukhokhwa imali yesibambiso ababeyibuyisa uma sebekwethemba.
Kwathi ngowezi-2000 sekuwumasipala owodwa, wafezekiswa lowo mbono wangaphambi kowe-1990 ngemitapo yolwazi. Kwanda imitapo yolwazi ezindaweni zaboHlanga emalokishini nasemakhaya. Emva kokuba sekunqunyiwe ukuba zonke izindawo zihlanganiswe ngaphansi kukaMasipala owodwa weTheku. Kwakwenzelwa ukuba nezindawo zaboHlanga zithole izidingongqangi zikaMasipala ngokufanayo nezazitholwa kuphela ngezinye izinhlanga ngesikhathi kusewukopeletsheni.
Kwabonakala ngokulungiswa kabusha kwemigwaqo namapayipi amanzi nokunye okuningi ezindaweni zaboHlanga. Kwakuthenjiswe ngowe-1978 nguMnu uPW Botha ngenkathi esenguNdunankulu wezwe manje sekuthiwa umengameli. Ukuthi kwakuzokwenziwa kusukela ngowe-1985, kwangenzeka. Kwathi ngowe-1993 nangowezi-2008 kwaqalwa ukufakelwa kabusha kwamapayipi amanzi angawocwazi kanye namapayipi aqoqa amanzi ngokuhlelekile uma lina, ukuba awathululele emifuleni nasemihosheni. Kwatshalwa izihlahla eceleni kwemigwaqo ukudala imithunzi nokuthi imvelo isebenze kahle. Bangagcini nje aboHlanga bencoma izindawo okwakuhlala abelungu bodwa kuzo. Phela yinhle indawo enezihlahla zikaMvelinqangi.
Kwaba nomehluko ngowe-1978 ngenkathi umtapo wolwazi iDurban Central Lending Library, eseCity Hall enkabeni yeTheku, owawusetshenziswa ngabelungu sewuvumela nezinye izinhlanga ukuba ziwusebenzise. Lwasuswa nophawu olwalubhalwe ukuthi kwakuvunyelwe abamhlophe kuphela. Basuswa nabelungu ababesivimba uma sizongena khona futhi begqoka osafari ababengokhakhi. Laba belungu babeqapha nasemapaki. Kwakungekhona kwamachanca kwampunzi edla emini. Ipaki i-Albert Park eyayicishe kube ikwamachanca.
AboHlanga, amaNdiya namaKhaladi babesebenzisa umtapo wolwazi owodwa owawusemgwaqeni okwakuwuVictoria Street manje osubizwa ngoBertha Mkhize, phakathi esakhiweni iNatvar Buildings. Okwathi ngokuhamba kwesikhathi ngowe-1980 sanda isibalo sababeyotapa ulwazi. Wathuthelwa kuBhoolas Centre emgwaqeni ongunombolo-72 kuPrince Edward Street manje osekuwuDr Goonam Street.
Abelungu babesebenzisa umtapo wolwazi iDurban Central Lending Library. Kwakungenkathi abelungu besahlala ngobuningi emaflethini aseThekwini. Abelungu babewusebenzisa kusukela ngehora lesishiyagalolunye ekuseni kuye kwelesishiyagalolunye ebusuku. Kanti ababesebenza khona babengena ngezikhathi ezazehlukene. Kwakukhona ababengena ekuseni baphume ntambama. Bese kubakhona ababengena ntambama baphume ebusuku.
Zaguquka izikhathi zokuyotapa ulwazi ngenkathi sekuvunyelwe aboHlanga, amaNdiya namaKhaladi kulo mtapo wolwazi. Akwabe kusaphunywa ngehora lesishiyagalolunye ebusuku. Kwabe sekuphunywa ngehora lesithupha ntambama emva kowe-1978. Kwagcina sekuphunywa ngehora lesihlanu ntambama phakathi kowe-1990 kuze kube manje kuyo yonke imitapo yolwazi kaMasipala.
Ziningi izizathu ezadalwa yilokho ngokwami ukubona. Kwakuwukungabethembi kahle aboHlanga njengoba namanje kusenjalo. Ukopeletsheni wawungabethembi aboHlanga ababephakathi eDurban Central Lending Library ukuthi babezofunda noma babeze ngobugebengu. Ukopeletsheni wayezama ukubancisha aboHlanga isikhathi esanele sokufunda. Base bebaningi aboHlanga kunabelungu abasebesebenzisa lomtapo wolwazi.
Kwabanombono phakathi kowe-1990 ngalo mtapo wolwazi iDurban Central Lending Library wokuthi kwakuzokwakhiwa omusha maqondana nepaki iGugu Dlamini Park eseWorkshop. Kwakunebhuku lemibono umuntu owayeye kulo mtapo wolwazi ayebhala kulo igama lakhe ukuthi wayevumelana nokwakhiwa komtapo wolwazi omusha owawuzoba mkhulu kunalowo. Kusagcine ngokubekwa komtapo wolwazi wesikhashana ngakule paki.
Waqinisekisa uthisha uMnu uBhekizizwe Mbhele (uGodide) ofundisa eJG High Zuma eseNanda ngakwaBester noMnu u-Innocent Sithole (uJobe) ofundisa eZakhe High School kwaL KwaMashu ukuthi bayabakhuthaza abafundi ukuba bazijwayeze imitapo yolwazi ukuze babe nemiphumela emihle kanye nolwazi olunomsoco.
Yingakho abafundi basesikoleni iJG High School kanye nezikole ezingomakhelwane bevakashela umtapo wolwazi iTholulwazi kwaBester uma sebephumile ezikoleni. Kanti nabaseTholulwazi sebabahlinzeka abafundi ngesikhathi sabo esiqala ngehora lesithathu. Akube kusadingeka muntu ongafundi ukuba asebenzise amakhompyutha omtapo wolwazi.
Imitapo yolwazi seyisebenzisa ubuchwepheshe obubizwa iWifi nokunye. Yahlinzeka ngezinsiza zokuvuselela amabhethri amaselulafoni. Kanti isazoqhubeka nokuhlinzeka ngokusha.