Buyaqhubeka ubuntandane bukaNdunankulu wase-Ethiopia



UShozi yisifundiswa nombhali wezindaba zesimomazwe, wenza iqhuzu lePHD.
Sikhomba ukumphelela isineke sikaNdunankulu wase-Ethiopia uMnu u-Abiy Ahmed. Leli lizwe libhekene noxhaxha lwezinkinga eziningi zazo okungeziqubuka ngaphakathi ezinye eziqhamuka emazweni angomakhelwane. Ngaphezu kokhuvethe olusabisa ngokuwuguqisa umnotho waleli lizwe obusazikhotha amanxeba, abantu balo bakhomba ukungasabunambithisisi kahle ubuholi buka-Ahmed kwazise iziteleka ezinodlame sekwaba yinto yansuku zonke. Lo Ndunankulu ngowezi-2018 owahlonishwa ngendondo yokugqugquzela ukuthula iNobel Peace Prize uzithola esesesimweni esimphoqayo ukuthi enze okungalindelekile kuyena njengoba esejube umbutho wezokuvikela ukuthi unqande iziteleka zansuku zonke ezabhebhethekiswa ukusocongwa komculi obephinde abeyisishoshovu senkululeko nobulungiswa esizweni sama-Oromo uMnu uHachalu Hundessa. Isizwe sama-Oromo sineminyaka sizama ukuphoqa ukuzimela kodwa ngaphandle kwempumelelo okugcina kuholela ekuboshweni nasekudingisweni kwabaningi babaholi balesi sizwe. Kuyinto eyejwayelekile kuleli lizwe ukuthi kuhlalahlale kube khona isizwe esesifuna ukuzimela kodwa asikho esesiyibelesele le mpi okwedlula lesi sama-Oromo. Saqala ukuqinisa kakhulu umkhankaso waso emuva kokuthi inhlangano i-Eritrean Liberation Front iphumelela ngowe-1993 ukuhlubuka ku-Ethiopia. Lokhu kuqiniswa komkhankaso kwaholela ekutheni iningi labaholi balesi sizwe bagqunywe emajele ngezinsolo zokuzama ukuketula umbuso nokudala uthuthuva. Emuva kokuqokwa kwakhe njengoNdunankulu u-Ahmed wazama ukukhumelana umlotha nalesi sizwe ngokuthi akhulule wonke umholi owake waboshelwa ukuhlubuka kwaso okuyinto ozakwabo nabahlaziyi bayifanisa nokuxukuza iguncu okanti izinhlangano zomhlaba okungabalwa kuzo i-United Nations (UN) ne-African Union (AU) libona kuyinto enhle nefanele uma leli lizwe lizimisele ngokuzichopha ingqakala. Ukusocongwa kukaHundessa kwenze lesi sizwe siqale phansi umkhankaso wokuzimela okuyinto okubonakala isimqedele isineke uNdunankulu wayalela umbutho wezokuvikela ukuthi wenze konke okusemandleni ukuthi uhlakaze le mibhikisho emkhomba ngomunwe ukuthi nguye ugqugquzele lokhu kusocongwa ngokuziba ngamabomu izimfuno zalesi sizwe. Ukuhlakazwa kwale mibhikisho sekudlule nemiphefumulo eli-167 kanti nezokuxhumana zivaliwe ukuze abantu bengakwazi ukugqugquzelana ukuyihlela.
Ngaphezu kwalezi zinkinga zangaphakathi ezilekelelwa ukubhebhetheka kokhuvethe oseluphoqe ukuthi kuhlehliswe ukhetho lukazwelonke, amazwe angomakhelwane i-Egypt neSudan asemunqumele okatiki u-Ahmed ngokuvulwa kwedamu iGrand Renaissance ezoncela emfuleni ogudle lawa mazwe owaziwa ngeNile. Lawa mazwe ashaya amakhala ngokuthi asezoncelisana ne-Ethiopia kulo mfula ngovalo lokuthi ukuncela kwaleli lizwe kuzowashiya nomthamo omncane. Ngenyanga eyedlule i-Egypt yatshela i-UN ukuthi isenzo se-Ethiopia singase sibashiye bengenawo amanzi ngakho-ke yabe isicela le nhlangano ukuthi ingenelele ekuvimbeni leli lizwe ekuqhubekeni nalezi zinhlelo. UNgqongqoshe Wezamanzi e-Ethiopia useveze ukuthi izingxogxo ebeziphakathi kwabo nalawa mazwe zifike kwangqingetshe njengoba lawa mazwe emyalele ukuthi azokwamukela kuphela ukulaxazwa kwezinhlelo zokuvula leli damu. Sekukaningi i-Ethiopia isikaza ukuvula leli damu kodwa uvalo lokuhlaselwa ilawa mazwe asebenzisa ingxenye enkulu yesabelomali ukuthuthukisa ezokuvikela kwenza leli lizwe lisabe ukuwezwa ngobhoko. Abanye abahlaziyi sebeqalile bayaqagula ukuthi nakanjani lawa mazwe azolihlasela elase-Ethiopia uma lingase lisebenzise iNile ukwetha leli damu okuhlehlwe ngalo ukuphakela lonke elase-Ethiopia ngamanzi nogesi.
Okunakekayo ukuthi i-AU isaqhubeka nokusonga izandla ezinkingeni ezibhekene ne-Ethiopia. Ngeledlule le nhlangano iveze ukuthi yehlulekile ukufinyelela esivumelwaneni nalawa mazwe okunika kangcono ithuba kuSudan ne-Egypt kwazise womabili lawa mazwe asekwazile ukuxhumana noSihlalo wale nhlangano uMnu uCyril Ramaphosa osewathembisile ukuthi kuzophinde kube nezinye izingxoxo. Okucoshekayo ngalokhu kuhlelwa kabusha kwalezi zingxoxo ukuthi angeke zibe impumelelo ngaphandle kokuvuna i-Egypt neSudan. Ingcindezi inkulu kuNdunankulu wase-Ethiopia ukuthi aqhamuke nesu elizokwehlisa amaphaphu ezweni lakhe kanti elokuvula idamu libonakala lingenakho ukwesekwa emazweni omhlaba.