Umbhali ubona eyamatekisi iqhubulushwa



UMnu uPG Mavundla unguMengameli we-Abantu Batho Congress (ABC).
Iqiniso elimsulwa lithi vele uHulumeni ophethe akayithandi imboni yamatekisi nanoma iyiphi futhi okungeyaboHlanga ngokweqiniso
Sekukuningi okwenzekile selokhu uHulumeni ememezele ukuthi kukhona amakhulu amahlanu ezigidigidi okuzosizwa ngazo labo okuphazamiseke amabhizinisi abo kanye nalabo abangathathi ndawo.
Abalimi abancane sibabonile behlomula ngamunye izinkulungwane ezingamashumi amahlanu zamarandi. Udaba olubalulekile olwabanikazi bamatekisi bona okuthiwa kumele banxeshezelwe ngezinkulungwane ezinhlanu zamarandi.
Itekisi elibizwa ngeQuantum inkokhelo yesikweletu ngenyanga ilinganiselwa eshumini lezinkulungwane nezinkulungwane eziyisihlanu kuya ezinkulungwaneni ezingamashumi amabili.
Uma ngabe kade imile izinyanga ezintathu kuyacaca ukuthi kuzomele ukhokhele ibhange le mali ngokuphindwe kathathu. Lezi zimo zikhona ngoba kukhona amatekisi asebenza ukuhambisa izisebenzi ezinkampanini ezisebenza kuzona njengalabo abasemahhotela nalabo abathutha abavakashi abasuke beya eziqiwini abanye bezintantela nje bebuka izwe bechitha nesizungu.
Ukwehliswa komthwalo okanye umthamo olayishwa ngamatekisi kulawo abekade esebenza kuchaze ukuthi abanikazi bale mboni bazithole sebedonsa kanzima nezikweletu zibe zibamele ngenhla kungena nenzalo ngaphezulu. UHulumeni uthembise ukunxephezela ngemali eyizinkulungwane ezinhlanu zamarandi lokhu-ke okuwumdlalo ngoba akukho mehluko ozokwenziwa yile mali evela kuHulumeni.
Asikuchaze ukuthi akuqali ngemboni yamatekisi ukuthi kube nesimo lapho uhlaka oluthize lokuthutha ludinge uxhaso lukaHulumeni lokhu kuhlale kwenzeka kube kungenazinhlekelele.
Ake sichaze uxhaso oselunikezelwe uHulumeni embonini yokuthutha kuleli lizwe.
1) Ngowezi-2019 inkampani yezindiza iSAA yathola imali eyizigidigidi ezinhlanu kumgcinimafa wezwe ekucazweni isabelomali okuphuthumayo lokhu kwakungaqali akwangagcina futhi. Lokhu kwakwenzelwa ukuthi kukhokhwe ingxenye yezikweletu ezazikhona kuze kufikele kuNdasa wezi-2019. Lokhu kwakuthiwe kwenzelwa ukuthi ezikweletini ezabe zilinganiselwa ngaphezulu kwezigidigidi eziyishumi nesithupha ziphungulwe ze lezi zimali zingafunwa ngendluzula kuHulumeni ilabo ababekweletwa ngoba phela uHulumeni kwabe kunguyena umxhasi wezikweletu ezenziwe yizikhulu zale nkampani.
2) Kwaphindwa futhi kulesi sabelomali esasiphuthuma kwanikezwa enye inkampani yezindiza okuyiSA Express inkece elinganiselwa esigidigidini namakhulu amabili esigidi nayo ukuze iphume ezinkingeni zenkece.
3) Ngaso sona lesi sikhathi neposi alisalanga lanikezwa imali ecela ezigidigidini ezintathu. Mina iposi langakithi eMgungundlovana akukho lapho selike lapendwa khona futhi alikho elisha esengilibone lakhiwa lapho ngihamba khona. Esikuqondayo wukuthi yonke le mali isetshenziselwa ukwehlisa izikweletu.
4) Izinkampani zikaHulumeni zixhaswe ngezigidigidi ezicela emakhulwini amahlanu. Uma ngabe ingakhokhwa le mali sonke siyazi umashonisa wenzani kuwena uma ungakhokhi.
Ngibeka amazwibela ukuze siqonde ukuthi uHulumeni ufike athathe intela kithina ayifake ezimbonini zakhe eziwayo kodwa uma kumele axhase imboni okuyiyona yesizwe lena okungeyamatekisi kuba umqansa wakwadonsamlenzana kunuke iqaqa.
Yini ekungeyaboHlanga exhaswa uHulumeni? Abathengisi abathengisa ezikhumulweni zokuthutha abanazo izindawo zokusebenzela ezinesizotha nesithunzi. Kunabadayisa ukudla okuphekiwe, kunabathengisa izithelo njalo njalo kodwa kuncane kakhulu okuhle okwenzelwa laba bantu ukuze imisebenzi yabo isimame. Uma kuthuke belungiselwa yingoba kulindeleke ukuthi kuthenge abavakashi njengasemabhishi.
Ezikhumulweni zokuthutha eziningi azikho izindlu zangasese nalapho zikhona azikutholi ukuhlanzeka okwanele. Umehluko walokho ubonakala uma uya lapho kusuke kunoxhaxha lwezitolo, izindlu zangasese zihlala zihlanzekile bebe bebancane abantu abakulezi zindawo kunalabo abasezikhumulweni zokuthutha ezaziwa ngamarenki.
Iqiniso lithi vele noma yini ethinta umsebenzi wowoHlanga ayinakwa.
Ubufakazi balokhu ilobu obulandelayo.
1) Ngezikhathi zodlame kuqondwa kahle ukuthi ukuhweba kwaboHlanga kwathenwa amandla yisimo sodlame esasikhona. Umthengisi woHlanga selokhu aphela ngaleso sikhathi futhi akukho osekwenziwa uHulumeni ukubuyisa leso sithunzi.
Ngikhula kwakunendawo yokubukela ibhayisikobho eSoweto i-Eyethu, kunehhotela eMlazi i-Executive, kuneBlack Chain eSoweto.
2) Izitolo zaboHlanga eMlazi zasha iningi lazo ngezikhathi zodlame. Uma wazi indawo okuthiwa ikwaJina ezimbuzini ngaphandle kwaseMlazi kwase kuyilapho kwakuthengwa khona upharafini ngoba sezishile izitolo ezazihweba aboHlanga elokishini.
3) Kuyiqiniso elingephikiswe ukuthi abezizwe basimame baze bakwazi nokuyisa izingane zabo ezikhungweni zemfundo ephakeme ngakho ngoba behwebela thina, thina singahwebi ngalutho nabo. Sikhuluma nje emalokishini sekuthengisa abokufika hhayi ngoba singamavila kodwa ngoba thina asinalutho ukuvuselela oVukuzenzele Trading Store noMandlakhe General Dealer bethu. Imboni okuyiyona esasele okungeyamatekisi iyaxhashazwa. Kungani amatekisi enganikwa uxhaso njengamabhasi? Impendulo ithi ingoba uHulumeni ufuna ife ngoba akakwazi ukufaka amasela akhe kuyona.
Sizwa osopolitiki bekhuluma ngomnotho waselokishini. Akukho nina boHlanga lapho kuzosimama khona lo mnotho ngoba wahamba nodlame, ukuze sikwazi ukuvusa izitolo zobaba bethu komele siboleke emabhangeni omashonisa.
Ukube amatekisi kade kungakaHulumeni ubezosifaka isigidi etekisini ngalinye. Lokhu sikusho ngoba uma ubala abantu abathuthwa amabhanoyi nokuthi wona mangaki nabathuthwa amatekisi izibalo ziyayivuma le nkulumo.
Nemali eholwa umuntu okuphakela ukudla ebhanoyini inkulu kuneholwa umshayeli wetekisi ebe ephethe imiphefumulo yabantu konke lokhu kwenziwa ukuze le mboni ifadalale iphele njengoba sekuphela yena lo SAA noSA Express.
Esikucelayo kuHulumeni ukuthi akanikeze imboni yamatekisi izinkulungwane ezingamashumi amabili imoto ngayinye kusuka kwaqala ukhuvethe kuze kufike lapho luphela khona ukuze bakwazi nabo ukukhokha izikweletu njengemboni yezindiza nayo ekhokhelwa ngentela yabantu bakuleli lizwe.
Esikushoyo kubanikazi bemboni sithi qinani idolo siyazi ukuthi lolu khuvethe lwalethwa ngamabhanoyi hhayi ngamatekisi njengoba ezama ukusho uNgqongqoshe uMbalula.