Now Reading
Igama uNatal nezikhumbuzo zabacindezeli makuhambe
Dark Light

Igama uNatal nezikhumbuzo zabacindezeli makuhambe

Umbutho kaPoqo, iPan Africanist Congress (PAC) of Azania, esifundazweni iKwaZulu-Natal ufuna igama labacindezeli uNatal lisuswe egameni lesifundazwe sethu ngokukhulu ukuphuthuma. Izinhlangano zabokufika nabacindezeli ezifana no-Afriforum noFreedom Front Plus kumele zikhunjuzwe ukuthi leli akulona izwe labo futhi esinye sezinyathelo ezokwenza lokhu kucace kubo ukususwa kwamagama abacindezeli nezikhumbuzo zabo ezifana naleli gama uNatal.

Umbutho kaPoqo ukholelwa ukuthi sesifikile isikhathi sokuthi uNatal asuswe njengenxenye yegama lalesi sifundazwe. Ukuvumelana okwabakhona phakathi kweqembu elibusayo nabacindezeli bobandlululo sokugcina amagama nezikhumbuzo zabacindezeli sekuphelelwe isikhathi. 

UPoqo unxusa futhi unxenxa uHulumeni wesifundazwe sethu ukuthi uthathe izinyathelo ezisheshayo ukususa igama uNatal egameni lesifundazwe. Ukuqhubeka kusetshenziswe igama uNatal uma kubizwa lesi sifundazwe kuyinhlamba kokhokho bethu abanjengoDingane, uCetshwayo noBhambatha kaMancinza abanikela ngegazi belwa nabacindezeli emizamweni yabo yokudla elikaMthaniya. INatal umlando wayo usukela kubacindezeli baseDutch nabaseNgilandi ababulala bacindezela abeNgabadi ngokwezepolitiki, ezomnothotho, ezamasiko, ngokwezenkolo kanjalo nangokomqondo. Ukususwa kwegama uNatal kuyosho lukhulu kwabeNgabadi futhi kuyosho ukuthi liyabuya elikaMthaniya.

UPoqo ufuna kususwe wonke amagama abacindezeli asetshenziswa ukuqamba amadolobha namadolobhakazi esifundazweni sethu. Amagama ababulali, abacindezeli nababandlululi afana noLadysmith, iDurban, iPort Shepstone, iPaul Pietersburg, iPietermaritzburg, iGreytown, iRichards Bay, iRichmond, iVan Reenen namanye mawahambe. Angasali nalana amanye ayisikhumbuzo sencindezelo nobandlululo afana noNewcastle, i-Utrecht, iVryheid, iHarding, iHibberdene, iPort Natal, iScottsburg ukubala nje ambalwa. Ukususwa kwala magama kuyigxathu elikhulu ekuzitholeni njengama-Afrika nokuzikhulula emaketangeni abacindezeli nokuqinelwa ngabamhlophe.

Ukususa igama uNatal esifundazweni sethu, ukususwa kwamagama abacindezeli nobandlululo emadolobheni nasemadolobhenikazi ethu kanjalo nokususa izikhumbuzo zabacindezeli emahholo amadolobha koba impendulo ecace bha kubacindezeli nezinhlangano zabo ukuthi leli zwe akulona elabo abasenalungelo lokwenza umathanda. Asibenze bazi ukuthi isikhathi sabo nobandlululo sekuphelile! Azihambe izikhumbuzo zabo ezinukayo!

Umbutho kaPoqo uzongena embhidlangweni wokufuna ukuthi igama iNatal lisuke kuleli likaMthaniya kanjalo nakuguqulwa kwamagama amadolobha namadolobhakazi. Sizomema umphakathi wonke wakuleli leNgabadi ukuthi ubenathi ekususweni kwalezi zikhumbuzo zencindezelo nobandlululo. Ubandlululo nencindezelo yobukoloniyane mabufe! Sinxusa uHulumeni wesifundazwe aluthathele phezulu lolu daba. Uma ehluleka umphakathi walesi sifundazwe uholwa uPoqo uzozisusela ngokwawo lezi zikhumbuzo zabacindezeli nobandlululo. Lokhu kuseyisixwayiso nje!

See Also

Phansi ngeNatal Phansi!

Phansi ngezikhumbuzo zabacindezeli nobandlululo!

Ukuthola ulwazi olungaphezu kwaloku xhumana noNobhala wesifundazwe uDokotela Mlungisi Dongwe.

Scroll To Top