Madoda ake nithathe izanca niyibambe ekhaleni



UKhoza ungungoti kwezomculo wesiNtu abuye abe ngumsunguli weMbuso Khoza Centre…
Sibuya kuNhlangulana hhiya inhle ngalokho imvelo ngoba iyazihlangula bese ishanela ngoNtulikazi. Kuyisibusiso ukuba ngowoHlanga ngoba konke esikuqambayo kuncike nkomo emvelweni hhayi njengontaba kayikhonjwa abaphenduka izindwendwe ezizibukayo abathi uma beqamba amagama ezinyanga baziphendule izithixo bazindondonye izifuba bakhombe ngophakathi. NjengoJulius Caesar okwaqanjwa ngaye uQuintilis kwathiwa nguJuly.
Thina boHlanga uma siqamba izinto sisuke silonda umlando, sikhalela isizwe uma kunobuswezi, sigubha lapho kube nokunqoba khona.Yingakho sithi amagquma nezintaba ayakhuluma. Lokhu sikusho ngoba yithi esipha izinto amagama ezikhulumayo nezingakhulumi kanjalo neziphefumulayo nezingaphefumuli.Uma ungathatha ubheka ukuvelela kukaLembe kufanele ngabe sinenyanga ebizwa ngaye noma kube nesithixo thizeni esikhonzwayo kodwa ngenxa yenhlanzeko esiyiyo ngeke ukubone lokho.
Kusukela endulo lamandulo uNtulikazi yilokhu abanguye ngenxa yobuchwepheshe nolwazi olujulile lwemvelo, sonke siyabona nje ukuthi sekunezintuli imvelo iyazishanela asikho futhi isidingo sokuthi sikuguqule lokho.
Okuhle nokho ngale nyanga wumlayezo othi lena yinyanga yamadoda. Siyaphoqeka ukuba sithintithe izintuli eziqaqele ezingqondweni zethu ukuze sizokwazi ukushanela amagceke ezinhliziyo maqede sisinge ubudoda lapho bungakhona ngoba siyabufunga kuhle kwabakhwekazi bekati.
Kunzima kulukhuni okwendonda eshaya umgombela igqobha itshe emgwaqeni kuwumqansa ongagitshelwa mbongolo ukuguqula indlela yokucabanaga yanamuhla ngoba ubudoda sebalinganiswa nezidwedwe nezimoto, uma nje indoda ike yaba nenkece nemoto sekuyindoda ephelele kanti yisichaka sokugcina. Umcebo wangempela wulwazi ngoba lukwenza wenze kahle wenzela wena. Ngakho uma uyindoda elinda izinto eziphathekayo ukuze uzizwe uyindoda kusho ukuthi kumnyama ebusweni benkawu ayiwuboni unoxhaka efukwini.
Indoda ingumvikeli wegceke, isigodi, isifunda nesizwe sonkana nje, iphinde ibe ngumfundisi ngoba noma iyogawula izingodo noma iyozingela okanye ukuyolima ngezinkabi iye ihambe nomfanyana osemncane ukuze afunde ukuba yindoda.
Ngisho kuhlinzwa isilwane ekhaya endodeni kusuke kuyithuba lokufundisa ukuthi izitho zenkomo noma ngabe kuhlatshwe imbuzi kuye kube nemidanti elandelwayo ngokwezitho zesilwane ukwathiwa kwazo.
Leli yifa oye uzwe insizwa esiya esigabeni sobudoda izigqaja ngalo ize isho ithi insizwa engizalayo yangifundisa yathi kwenziwa kanje. Ngabe umfana okhulayo namuhla isibonelo sakhe ngawe wukuhamba ngemoto yakwanokusho uswenke uconse untaze namantombazane nawo owahehe ngotshwala nezidlo? Ngabe ingane yomfana osemncane mhlambe angithi umfananyana idla le mfundiso eyomphendula isiyiko sesiyabhuyabhu egameni lakho?
Kuyichilo ukuthi izingqinamba esibhekene nazo namuhla sidinga amasudu nontanjana nokuqukula amakhala sishwashwade kepha umphumela petula esweni lizigxizela amanzi nje aliboni lutho. Amadoda ashumayelayo awahlale emakhaya avike izimbebe emaxhibeni sidinga amadoda azokhuluma enze, ayale akhuze kuzwakale. Kuyakhathaza ukushaya umgqigqo kungenacece. Izingane zethu zabafana zefana nomhlabathi olifenya kepha oswele abelusi sikhuluma kuze kuphume amankemfu kodwa asinamthelela ngenxa yakho njalo ukuba wonontanda kubukwa.
Uma umfana esedlule esigabeni sokwelusa eselibhungu esebhonga, wayenikezwa inkomo eyayibizwa ngesisinga. Le nkomo yayimfundisa ukuphemba imfuyo.
Inkulumo ethi. ‘ubuhle bendoda zinkomo zayo’ ijule ngokweqile ngoba umuntu okwazi ukunakekela imfuyo kusho ukuthi ikhaya lakhe ngeke lakhandlwa yinkemane. Indoda kwakuyiyo endulo eyayifunela indodana yayo intombi ezoyigana lokhu yayikwenzela ukugwema amacala ngoba uma umfana ethomba noma eshaywa yizibulo wayenzelwa umsebenzi obizwa ngeqatho noma ukuqatha.
Bese efundiswa kabanzi ngesigaba akuso njengokuhlonipha nokunakekela imvelo yingakho umfana wayezazi izihlahla ngokwemisebenzi, yingakho kunesisho esithi, ‘isihlahla asinyelwa’ ngoba kuyaziwa ukuthi uzosidinga, kodwa le nkulumo iyajiya ngoba nasempilweni nje abantu awubahlukumezi ngoba ikusasa alaziwa.
Le nto yokulahlekelwa wubudoda inomthelela omkhulu wobubha ngoba amadoda ayekwazi ukusisa lokho kusho ukuthi umnotho wawubazungeza abantu hhayi le nto yokuzindondonya isifuba ngemali kodwa abantu bakini behlwempu.
Bakwethu lubunjwa luseva abanye bathi ugotshwa usemanzi. Lisishonele ndlu yakwethu indoda mayithabathe inzaca ivikele ubuqiniso bethu.