Now Reading
Ubumqoka bukaNhliziyonye nokubumbana kwesizwe nangesikhati sokhuvethe
Dark Light

Ubumqoka bukaNhliziyonye nokubumbana kwesizwe nangesikhati sokhuvethe

Ngokulandela nanokuhambisana kwemithetho yezwe ekhona ngalesi sikhathi sokhuvethe, akuzange kusenzeka ukuba sibuthane eSigodlweni KwaDlamahlahla njengaminyaka yonke lapho sivuselela ubuthina ngokomoya. Okomoya kuwubuthina obusekela ukwenza kwethu siyisizwe sihlangane sibe nhliziyonye. Nokho ukhothi luqothiwe lwatshwelezwa ukuba abantu bakababa bakhothe kulolu hambo olunobunzima bokhuvethe ukuze baqine, balwe baphumelele, okukhulu baphile.

Umlando 

 Onyakeni lapho umhlaba ukhumbula ukuphela kwesiwombe esibi sokungqubuzana kwezizwe ngesikhathi seMpi Yomhlaba Yesibili eminyakeni engama-75 eyedlule.  Ngokwezibalo lena kwaba yimpi eyaba nabantu abaningi abafayo njengoba kuhlawumbiselwa ekutheni kwafa abantu abayizigidi ezingama-70 kuya kwezingama-85. Lesi sibalo sabe singama-3% wesibalo sabantu bomhlaba ngaleyo minyaka. Cishe asikho isizwe esingathintekanga kule mpi. 

Ngoyaka wezi-2020 isizukulwane sethu sibhekene nempi yokududula ukhuvethe (COVID-19). Ngokwezibalo ezikhona sebedlule ezigidini ezimbili abantu abahlatshwe yilo mkhuhlane. Kanti okwethusayo okukhishwe yiWorld Health Organisation (WHO), wukuthi kuhlawunjiselwa ekutheni e-Afrika, ezinyangeni eziyishuminambili kungahle kufe abantu abacela esigidini ngenxa yokhuvethe. 

Umahluko phakathi kwalezi ziwombe zombili wukuthi ngesikhathi seMpi Yomhlaba amazwe ayehlukene phakathi efuna umphumela owehlukile. Kanti ngesethu isikhathi amazwe onke omhlaba angasohlangothini olulodwa, okuwuhlangothi oluvikela isintu kanjalo nesimompilo sesikhathi sethu noma ngithi impucuko yesikhathi sethu. 

Lokhu kwemizamo yokuvikela impucuko kanjalo nesintu ngesethu isikhathi ngeke nje kuzenzekele kepha kuthatha ubuholi kanjalo nabantu abanombono owodwa. Lobu bunye ekwenzeni bumqoka ngoba esibhekene nakho, ukhuvethe alukhethi bala, sikhundla nazwe noma ingxenye ethize yomhlaba. Isitha sokhuvethe yisintu. 

Isiphrofetho 

Encwadini yoMshumayeli 3:8, sifunda ngokuthi  konke kunesikhathi sakho phansi komthunzi welanga. Uma ebhala uMshumayeli uqhathanisa izikhathi nokulamana kwazo, aphinde asibonise futhi asikhumbuze ukuthi kulokhu esikubona simangala ngakho, sizibuza ukuthi kwenzakala kanjani, nakho futhi, kudalwe nguJehova. Kanjalo nasezibilini zomuntu kuhlala njalo kukhona amawele abonakala eyizimo ezimbili. Isibonelo, isikhathi sothando nesikhathi senzondo, kanjalo nesikhathi sempi kanjalo naleso sokuthula.  

Kodwa, uMdali uphinde asikhombe endleleni eyiyo njalo ukuze sithi noma sizazi lezi zikhathi, sazi futhi ukuthi singaphila kanjani kuzo. Yingakho incwadi yaMahubo 91, isinikeza isithombe somuntu ongafani nomunye. Umbhali wale ncwadi uthi uma eqala nje athi “Yena owakhile… Emthunzini kaSomandla…” Zisuka nje siyabona ukuthi ukhona ongakhile kulo mthunzi. Ube eseqhubeka uDavide okungumlobi waleli Hubo athi: “Akayikwesaba nesilwane esihamba obhadaneni lwezinzulu zasebusuku, nemicibisholo endizayo emini… Nanesifo esiqotha abantu ngapha nangapha.”

Kulezi zikhathi ngisho zezifo ezifana nalolu bhubhane, kade uMvelinqangi aloba ngaso nezinye izifo ezisazolandela, kepha umanka uba kuyilowo nalowo okhetha ukwakha ahlale phansi komthunzi kaSomandla kumbe angakhi, kunalokho abe yinhlwa nje ehamba ngayodwana. Kepha owakhile, lithi iZwi uyakubuka nje ngamehlo kepha akuyikufinyelela kuye… Liqhubeka lithi iyokuwa inkulungwane eceleni kwakho neshumi lenkulungwane ngakwesokudla sakho kepha akuyikufinyelela kuwe. Kuphela nje uma wenza uJehova umpheme wakho wokukhosela. Kanjalo nxa eqhubeka umbhali kweyeZaga 18:10 uthi: “Igama likaJehova lingumbhoshongo, olungileyo ugijimela kulo aphephe”

Ekuqaleni sikhunjuziwe ukuthi yonke into inesikhathi sayo. Saphinde salulekwa ukuthi abasiphephelo sabo kunguJehova abayukwesaba futhi ngeke babhujiswe. Umbuzo uthi ngabe iNingizimu Afrika, izwekazi i-Afrika nomhlaba bona babalekela kumuphi umpheme ngalesi sikhathi. Nokuthi ngabe kubaholi nakubantu bamazwe bayasiqonda yini isikhathi esikuso? 

Le mibuzo imqoka ngoba kuyo kuyophuma impendulo engaba yisixazululo kwesibhekene nakho. 

Umlando kuZulu

Ngomusa ngihola isizwe esaba nenhlanhla yokulalela nokuqonda izikhathi ezabe zimqoka emlandweni waleso naleso sizukulwane. 

NjengeNkosi yenu angingabazi ukuthi ngabe uZulu waba ngumlotha kudala ukube kabanga nabaholi abaqondayo isikhathi abakuso. Umlando waMakhosi, ukubusa kwawo kanjalo nokwenza kwawo kucishe kusivezele ukuthi iNkosi neNkosi KwaZulu uMvelinqangi wabe eyitshala phakathi kwesizukulwane esithize ngenxa yesizathu esithize okwakuthi uma sesifezekile bese iyebuza. 

Kanjalo nabantu uMvelinqangi abenza baba khona ngesikhathi saleyo naleyo Nkosi nabo ngokufanayo babe khona ngesizathu nangesabo isikhathi. Okwabe kukuhle wukuthi iNkosi nesizwe kwabe kunazo izindlebe zokulalela kanjalo nokuqonda ubumqoka bomyalezo loyo. 

See Also

NjengaMakhosi akudala sengiwulalelile uMoya ukuthi uthini kimi nakithi. Umbuzo uthi ngabe nina njengoyihlo nonyoko endulo niyawuzwa yini uMoya. Uma niwuzwa nizokwenzani ngalokho enikuzwayo. 

Zulu, uMvelinqangi usithwale kwaze kwaba lapha. Eziwombeni ezehlukene emlandweni wethu ubuvezile ubuso baKhe kithi wasivikela kulabo abekade besihlelela okubi. Nokho emuva kwenkululeko yethu esandleni sonya lwababusi bobandlululo, uMvelinqangi ubufihlile ubuso baKhe kithi. Ngesikhathi sesifo esibhubhisa impuncuzeko yethu, asibuboni ubuso baKhe. 

Lokhu akukhona ukuthi usishiyile uMvelingqangi njengomzali kepha yisintu esisukile kuYe. Ngezenzo zethu zemihla ngemihla lapho sibhubhisa imvelo, sibulala, sihlukumeza abesifazane nezingane, sifulathela amasiko ethu navela kuYe siyaqhela ebusweni baKhe. Ngemithetho ephasiswayo ePhalamende nasezifundazweni siyaqhela kuYe , buyanyamalala nobuso baKhe kithi. 

Namuhla sibhekene nempi okungathi uma uphondo lugoba ngakithi kube wukuphela kwesintu nempucuko njengoba siyazi. Endulo okhokho bethu ngesikhathi sabo bazidela amathambo bevikela impucuko yesikhathi sabo ukuze thina siyifice sakhele kuyo. 

Ngakho njengesizukulwane sanamuhla sinesibopho sokwenza ngawo wonke amandla ukuba sivikele inamuhla ukuze isizukulwane esizayo sifike umhlaba ungcono, ungenazifo nazimpi. 

Ukhuvethe alwenze sifune ubuso bukaJehova, simfune esenokutholakala. Asimfune njengesiphephelo sethu nombhoshongo wethu. 

Ngiyabonga 

Scroll To Top