Nangu uDuma Pewa ebesimazi
UMbanjwa uyithatheli emkantshubovu kanye nongoti wezokuxhumana kuhulumeni.
Konke obekwenziwa wuDuma Pewa bekukukhulu futhi yingakho kungamangazi ukuthi isililo ngokuhamba kwakhe emhlabeni sibe sikhulu kangaka. Lo mqangabhodwe wenziswa, obusho ngesikhulu isihluthu lesi ubuthi uma uhleka kunanele izihosha.
Uhleko lolu abedume ngalo beluvamisile ukuthi lwenze kuqalaze wonke umuntu ngoba yilowo nalowo efuna ukuzibonela ukuthi le nsizwa enohleko olungaka iwubani wakuphi. Abaningi nje bamukhumbula ngalo.
Enye into yakhe ebinkulu kakhulu bekuyisihe kwazise ube wumuntu obehlale efisa ukuthi anike usizo ngaphandle kokulindela umvuzo. Ubengeke alambe omunye umuntu ebe ekhona umfo kaPewa futhi ubeyaye athande ukuthi lapho kukhona yena kujabule wonke umuntu.
Ngesikhathi sisasebenza njengezintatheli kwelinye lamaphepha esiNgisi, iThe Witness, kwakuvamise ukuthi afike nenqwaba yenyama kungazelele muntu. Uyobe esebiza wonke umuntu ukuthi akeze azodla. Wayejwayele ukuthi avele amemeza athi: “Inkosi ihlabile sondelani.” Ngiqale ukuhlangana naye ngesikhathi ngiqala ukuzosebenzela lona leli phephandaba ngoZibandlela wezi-2005. Ebuntathelini ubhale kakhulu ngezindaba zoHulumeni Basekhaya.
Yikulo mkhakha wezobuntatheli lapho amagalelo akhe azwakala kakhulu ngoba wayesebenzisa usiba lwakhe ukuvundulula okuningi okwakungahambi kahle komasipala. Miningi imibiko ayibhale neyayigcina iholele nophenyo ngalokho ayesuke ebike ngakho. Ngingomunye kwabaningi abancelise ulwazi lwakhe lwezobuntatheli.
Ngokuqhubeka buya ngokujula ubungani ngikunakile ukuthi umfo kaPewa ubebathanda kakhulu abantu. Yinsizwa le obungayithola ihleli nanoma yiluphi uhlobo lomuntu ongalucabanga kungekho noyedwa amubukela phansi.
Nami imbala wangamukela ngezandla ezimhlophe. Ngenxa yokuthi ubezalwa uMaMbanjwa ubeyaye angibize ngomalume. Ngonyaka wezi-2014 ngesikhathi ngisuka ngiya kosebenza eNyuvesi yasOngoye wangihlelela ukuthi ngiyohlala kwelinye lamakhaya akubo eSikhawini.
Izingane bezingaconsi phansi kuyena ezazisa kakhulu futhi ehlala njalo efuna ukuzinika uthando. Lokhu ubengagcini nje ukukwenza emadodakazini akhe amabili nabashana bakhe kodwa kuyona yonke ingane abehlangana nayo.
Umfana wami nje omncane, uSyamthanda, nokuwuyena yedwa ezinganeni zami owumlandeli weKaizer Chiefs ubemkhonze kabi. Angikubeke kucace nje ukuthi mina angiyikhonzile iKaizer Chiefs kwazise ngiwumlandeli weBhakabhaka.
Kwakuthi njalo uma siya kobuka imidlalo ikakhulukazi leyo ephakathi kweChiefs nePirates, engiwumlandeli wayo, naye uPewa ahambe nami namadodana ami ngoba enzela ukuthi lo owumlandeli weChiefs angazizwa eyedwa ngoba kubuye yize noma yena uPewa wayengalandeli nelilodwa kula maqembu. Isikhathi esiningi kwakuba nguye othenga noma ohlela ukuthi amathikithi atholakala kanjani. Wayeqinisekisa nokuthi elikaSyamthanda likhona. Kwathi ngelinye ilanga kade kudlala iChiefs wayithatha indodana wayidonsa ngesandla eyizamela ukuthi ishuthe nabadlali beqembu layo elithandayo.
Ukuhhahhamezwa ngabezokuphepha akuzange kumuvimbe ukuthi agcine uPewa elifezekisile iphupho likaSyamthanda lokushutha nomunye wabadlali beChiefs. Uthando abenalo beludlulela uma kuza emadodakazini akhe amabili, odadewabo, abafowabo, ubaba wabo kanye nonina ongasekho.
Hamba kahleShongela, Hamba kahle Gqigqizela.