Now Reading
Kumenele umsunguli waMambazo uMshengu
Dark Light

Kumenele umsunguli waMambazo uMshengu

Udlule emhlabeni namhlanje ekuseni umsunguli weqembu lesicathamiya iLadysmith Black Mambazo, uSolwazi uJoseph Shabalala, oshonele esibhedlela iLife Eugene Marais ePretoria.Ngokusho kweMenenja yeqembu, uXolani Majozi, ngezinsuku zikaMshengu zokugcina ubenonkosikazi wakhe, uThokozile. UShabalala ushona nje, aMambazo ase-USA lapho ebhukhwe khona kanti amalungu asazisiwe ngalezi zindaba okuthiwa ziwaphathe kabi kakhulu.Mayelana neminye iminingwane, kuthiwa umndeni usazohlanganisa amakhanda bese kukhishwa isitatimende.
Ukugula kwaphoqa ukuthi umfokaMshengu ayeke ukucula, wanikela izintambo emadodaneni akhe uThulani, uSibongiseni noThami ukuba bahole iqembu kusukela ngowezi-2004.


Ushona nje, aMambazo Amnyama abegubha impumelelo yawo kule minyaka engama-60 asungulwa. Yize iqembu lidabuka emakhaya eMnambithi, lafika kwezwakala endimeni yomculo emhlabeni jikelele selihlangene noPaul Simon wase-USA ngowe-1985. Benza umjikelezo kuphushwa i-albhamu esihloko esithi Graceland eyayihlanganise abanye abaculi bakuleli abanjengoBakithi Khumalo noRay Phiri. Le albhamu okwakukhona kuyo ethi Homeless, iDiamonds on The Soles of Her Shoes ne-Call Me Al, yabutha inqwaba yezindondo okubalwa kuzo amaGrammy Awards. Ngasekupheleni konyaka kuhlelwa ukwenziwa komdlalo wasesiteji iMshengu: The Musical, eSoweto Theatre ezobe ikhuluma ngeqhaza alibambile emculweni uShabalala.


 

See Also


 

Scroll To Top