Now Reading
Kukhalwa ngodlame nesihluku sabafundi ezikoleni
Dark Light

Kukhalwa ngodlame nesihluku sabafundi ezikoleni

ISIGAMEKO sokubulawa kowesilisa oneminyaka yobudala engama-27 isidumbu sakhe esatholwa ngeledlule sidindilizile endaweni yokuphola ePolokwane okusolwa ukuthi wabulawa abafundi sesiqubule ukukhuluma ngokuziphatha kwabafundi bajike badedelwe ezinkantolo ngoba kuthiwa basebancane ngeminyaka.

Udaba lokubulawa kukaMnu uThoriso Themane lusabalale ezinkundleni zokuxhumana lapho kubonakala abafundi abafake umfaniswano bemjaha maqede bamshaya ngezikhali ezehlukene aze awe. Abafundi ababonakala kule vidiyo kuthiwa ngabesikole iCapricorn High School. NgoLwesithathu kuboshwe abafundi beBanga 9 neBanga 10 abahlanu, izolo kuphinde kwaboshwa oyedwa.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Moatshe Ngoepe uthe njengoba uphenyo lusaqhubeka baningi abanye abafundi abazoboshwa ngalesi sigameko.

Umfelandawonye wezinhlangano zomphakathi ezisebenzisana namaphoyisa ekulweni nobugebengu, iCommunity Policing Forum, zithi sekujwayelekile ukuthi abafundi benze amacala futhi abasuke bewahlosile kodwa badedelwe ngoba beancane ngeminyaka. Le nhlangano ithi abafundi sebecasha ngomfaniswano nomthetho ubazwele okugcina ngokuthi imizamo yokulwa nobugebengu ingaphumeleli ngoba kuyafana nokuthi basebenzela emuva. Khonamanjalo izolo iNkantolo Yesifunda iLehurutshe eNorth West igwebe umfundi oneminyaka yobudala eli-17 iminyaka eyishumi ngokubulala uthisha wakhe ngonyaka odlule. Ikhipha isigwebo iMantshi uNkk uWinnie Malane uthe uMnu uGadimang Mokolobate wabulawa ngesihluku.

“Wayesesimweni sokungakwazi ukuzivikela ngesikhathi ehlangana nokufa. Ngokubona kwami ukubulawa kwakhe kwakuhleliwe. Akazange amsukele umfundi okwase kungaze kwenze ukuthi abulawe. Wabulawa eaphe abafundi ababebhala izivivinyo zabo. Wayengalindele ukuthi angehlelwa isimo esinjena,” kusho uMalan.

UMokolobate wagwazwa ngumfundi esesikoleni iRamotshere zili-13 kuMandulo wezi-2018 emuva kokuba emthethisile ngoba engafuni ukubamba ulayini nabanye abafundi. Umfundi wagijima waya kubo wabuya nommese wagwaza uthisha washona efika esibhedlela.

See Also

Sekukaningi izinhlangano zomphakathi zibika ngodlame nendlela engamukelekile yokuziphatha kwabafundi ezikoleni.

Okhulumela uMnyango Wezemfundo Eyisisekelo uMnu u-Elijah Mhlanga ukugcizelele ukuthi uMnyango uhlala ngokuba nemikhankaso yokugasela kungazelelwe ezikoleni ngenhloso yokuthungatha izikhali nezidakamizwa. Uthe le mikhankaso bayenza ngokubambisana namaphoyisa futhi imiphumela yayo iyabonakala. Izinhlangano zomphakathi zikhala ngokuthi noma abafundi bebanjwa nzikhali nezidakamizwa kodwa abathwaswa amacala.

Scroll To Top