Lenza njani ibhizinisi uma umhlaba umile



UDhlomo ungungoti wezamabhizinisi nombhali wamabhuku ehlukene ngokwakhiwa nokuphathwa kwamabhizinisi
Ngalesi sikhathi semvalelwakhaya (Lockdown) ngingakusho ngiqiniseke ukuthi kunezingxenye zomhlaba ezisemqoka ezime nse, okuyokuba nzima ukuphinda zisukume. Kunezimboni ezivaliwe kuze kube kwehlulwa lo mkhuhlane iCOVID-19. Isimo semvalelwakhaya sihlasele ezinhleni zonke zempilo kwezwela. Uma abantu bejabulile bajabula kamnandi uma kunalabo abahlanganyele nabo bezwakalise kubo injabulo yabo. Ngokunjalo uma abantu bedabukile beqhatha usizi, umthwalo abawuthwele uyaye uzwakala uba lula uma bethwalisene nezihlobo nabangane bakude nabaseduze. Zombili lezi zinhla zihambisana nomculo wakhona olethwa bukhoma abantu behlangene.
Lapha kusuke kushiyana ukwenza ngoba abantu basuke besebenzisa imali yabo, abanye besebenzisa leyo abebeyibekele leso sikhathi esibaficile, njengemingcwabo. Ngalesi sikhathi, lapho ukuhlanganyela emibuthanweni kuvaliwe, kusho ukuthi kuvalwe ukujikeleza kwemali, ishintsha izandla. Kusengathi umhlaba umile kulabo abakule migudu yempilo. Ngenkathi ngisemncane, ngisesemabangeni aphansi emfundo, ngafunda isifundo esasibizwa ngegama Ezezwe Nezalo. Kuleso sifundo ngafundiswa ukuthi umhlaba uyazungeza. Kulokho kuzungeza kwakheka ubusuku nemini, futhi ngakolunye uhlangothi kwakheka ubusika nehlobo.
Uthisha wangifundisa ukuthi umhlaba awukakaze ume ungazungezi. Ngakukholwa lokho futhi namanje ngisakukholwa. Ukuzungeza komhlaba yikho okwenza impilo ibe mnandi futhi ihlobiseke. Ngakho-ke zonke izinto ezisungulwayo emhlabeni zinamathela ekusebenzeni komhlaba. Uluntu nalo lwakhe impilo yalo yafuza umhlaba. Umuntu esezelwe uyagijima angemi enze okuthile esaphefumula kuze kuphele mhla waphuma umphefumulo. Uma umuntu esungula ibhizinisi wenza isiqiniseko ukuthi lizosebenza lingemi aze aledlulisele kwabanye. Akayivali nje iminyango yebhizinisi engazi ukuthi uyophinde ayivule nini. Ngalokho ngichaza ukuthi noma ivaliwe iminyango kulungiswa okuthile kusuke kulungiselelwe kahle futhi kusuke kunqunywe isikhathi elizovula ngaso, kulinganiselwe nezindleko zokuqhuba umsebenzi kusavaliwe.
Akusiyo impilo ukuthi kuyokuba nesikhathi esingahlelelwanga futhi esingenamkhawulo obekiwe, lapho usomabhizinisi eyovala ahlale ekhaya.
Mhlawumbe uyazibuza njengoba ufunda ukuthi sibhekephi. Kungifikele ukuthi njengoba impilo kumabhizinisi akhona ezweni imile kulesi sikhathi, lapho bonke abantu bephoqekile ukuhlala emakhaya, maningi amabhizinisi angasezukuvuka ngenxa yezindleko. Phela ngenkathi esungulwa amabhizinisi asuke ehlelelwa impilo eqhubekayo ingemi.
Njengoba kuyisonto lePhasika esikulo, izinhlelo zePhasika amabhizinisi aziqale ngonyaka owedlule. Kunezingubo zokugqoka ebezihlelelwe ukudayiswa ngezinsuku zePhasika ebezizokwenza izigidi zamarandi. Yinkulu futhi imali efakiwe ukuze lo mkhiqizo ulungele lesi sikhathi.
Le mali ebeyizongena esikhwameni sebhizinisi, yiyo futhi ebeyizosetshenziswa ukuqhubeka nomsebenzi wesikhathi esilandelayo. Abasiki bengqephu basebenza ngesikhathi sonyaka bese belungiselela isikhathi esithile sonyaka ukuthi kuyobe kwenzekani bese behlela umkhiqizo wangaleso sikhathi. Uma behlela angikholwa ukuthi bebeke bakuhlela ukuthi kuyokuba nesikhathi lapho izitolo ezidayisa izingubo zokugqoka ziyokube zivalwe thaqa. Lokhu kusho ukuthi umkhiqizo osewukhokhelwe, obekufanele udayiswe ngesikhathi esithile uzovulwa sewudlulelwe yisikhathi ngoba kuzokube sekuphakathi nobusika. Kuyinto eyaziwayo ukuthi izingubo zasehlobo azifani nezasebusika. Kusobala ukuthi lemvalelwakhaya izokwedlula sekusebusika, izitolo zingasalitholanga ithuba lokudayisa izimpahla zasehlobo ziziqede ngesikhathi esanele. Uma ucabanga lokhu kuba sobala ukukhahlamezeka komnotho kuzokube kuqhamuka kuphi futhi kumele sikulindele.
Uma siqhubeka nokuyihlaziya siyibukela eduze imboni yendwangu nemfashini singenza izibonelo ezithile ezicacisa isimo esibhekene nale mboni lapho kunezindwangu eziqale ukusikwa zathungwa phakathi nonyaka owedlule, kulungiselelwa lobu busika. Uma beqeda labo abathungayo zahlolwa zabe sezithunyelwa ezikhungweni ezehlukene lapho abanikazi bezinkampani bezozihlela ngezitolo ezizodayiswa kuzo. Ngiyazi ukuthi ezinye zalezi zindwangu kuqale iLockdown seziyizingubo, sezibekwe lapho izitolo ezinkulu zezingubo zigcina izimpahla zazo ngaphambi kokuzithumela ezitolo. Akusibo abasiki nabathungi kuphela abebesebenza lo msebenzi, kodwa kukhona nalabo abenza izibalo ukuthi izokuba khona yini inzuzo uma lo msebenzi sewuqediwe. Khona lapho isikhathi siyaqhubeka sekuzolandela ihlobo nalo elidinga ukulungiselelwa ngendlela eyehlukile, evumelana nezidingo zehlobo. Umsebenzi okufanele ngabe sewuyaphela owokulungisa izingubo zasehlobo eziyokuba sezitolo ngenyanga kaNtulikazi nekaNcwaba.
Ngenze isibonelo ngezitolo zezinto zokugqoka, kodwa lokhu kuyazithinta nezinye izimboni ngendlela eyehlukile. Umehluko okhona ngemboni yendwangu neyezingubo wukuthi yona izitolo zezingubo zivalwe thaqa kulesi sikhathi, okusho ukuma nse kweketango lomkhiqizo. Angazi ukuthi uma bewungase unikwe ithuba lokweluleka lolu chungechunge losomabhizinisi abathintekayo, kazi bewungathini. Kulukhuni satshe. Kwabanye kuzofana nokuqala phansi, usungula ibhizinisi elisha.
Kulesi sibonelo esingenhla ngizama ukuveza iketango lemisebenzi exhumene futhi esebenzelanayo kule mboni ngaphambi kokuba izimpahla zifinyelele ezitolo kubathengi. Uma sezisezitolo kusuke sekusekugcineni.
Inkampani i-Edcon sekuyisikhathi kubikwa ukuthi seyiyavala ngenxa zokwehla kwenzuzo, kodwa kubuye kuqhamuke abathile bayitakule, iphinde isebenze. Le nkampani inezitolo kuwo wonke amadolobha aseNingizimu Afrika, okubalwa kuzo izitolo u-Edgars nezakwaJet. Kwamanye amadolobha zibalwa ngazimbili nangaphezulu. Lokhu kusho ukuthi abantu abaqashiwe babalelwa ezinkulungwaneni ezingama-44. Inkampani inezitolo zakwa-Edgars ezibalelwa kuma-650. Ngakho-ke kunika isithombe sokuthi impahla ethungiwe edayiswa kulezi zitolo iyinani elibalelwa ezigidini zamarandi. Isikhathi esingangenyanga kungasethshenzwa kungenza le nkampani ingabe isavuka emva kwalesi siwombe.
Ekhuluma ngezwi elingenaso isibindi lowo onguMphathi Jikelele wenkampani i-Edcon, uMnu uGrant Pattison, ngaphambi kokuqala kwalezi zinsuku ezingama-21 zemvalelwakhaya usichaze njengesimo esingase sisho ukuvalwa unomphela kweminyango yezitolo zakwa-Edgars. Emasontweni amabili ngaphambi kokuba uMengameli wezwe enze isimemezelo i-Edcon ilahlekelwe yimali obekufanele ingene kuyo engamaphesenti angama-45 kanti futhi yalahlekelwa yimali obekuzothengwa ngayo ebalelwa ezigidini ezingama-R400. Ngala masonto amathathu emvalelwakhaya le nkampani izolahlekelwa yimali eyizigidi ezingama-R800.
Amukho onempendulo eqondile nephelele ukuthi emva kwalesi sibhicongo seCOVID-19 amabhizinisi azosimama kanjani futhi umnotho uzokube umi kanjani. Kusobala ukuthi kumele sizilungiselele isikhathi esinzima kunazo zonke leli lizwe elake labhekana naso.