Now Reading
Amasu okugcina amapani okubhaka ehlanzekile
Dark Light

Amasu okugcina amapani okubhaka ehlanzekile

Sekukaningi ngizwa ababhaki bekhala ngokwehluleka kwabo ukugcina amapani okubhaka ehlanzekile. Kujwayelekile ukuthi amapani okubhaka abukeke engcolile emva kokusetshenziswa izikhathi eziningana. Lokhu kusuke kungesiyona neze inkomba yokuthi amapani awawashwa, kodwa insila yamafutha kanye nokusha ihlala isilela njalo emva kokubhaka nokugcina sekunzima ukuwasusa ngokuphelele. Ngihlale ngiyala ababhaki ukuthi bangalindi insila ize ibe ningi ngokweqile emapanini nokugcina sekunzima ukuyisusa. Isithombe esikulolu daba sikhombisa lokhu kugcola esikhuluma ngakho. Ngiyethemba uke wayibona le nsila emapanini akho okubhaka. Izindaba ezimnandi ukuthi ikhona indlela yokuhlanza amapani aphinde abukeke kahle futhi.

Angikwexwayise nokho: uma sekwedlule isikhathi eside kakhulu amapani akho uwasebenzisa ungawasusi ngale ndlela engizokhuluma ngayo namuhla ukungcola, kungathatha isikhashana ukuthi isuke yonke insila ekuwona. Kungakuqedi amandla ukubona kungasuki ngokuphelele lokhu kungcola. Yizame izikhashana ezimbalwa le ndlela yokuhlanza, uzowubona njalo umehluko emva kokuwahlanza. Njengoba uzobona namuhla, iBaking Soda ayisizi nje kuphela ekukhukhumaliseni inhlama, kodwa iphinde ibe yisithako esisebenza kahle kakhulu ekuhlanzeni izinto eziningi. Njengasekubhakeni, uma uzohlanza amapani akho kufanele uzikale kahle izithako zakho ukuze uthole imiphumela oyifi sayo. Zintathu nje qha izithako ozozidinga ekuhlanzeni kwakho amapani okubhaka: amanzi, iBaking Soda kanye noviniga omhlophe. Kuya ngokuthi makhulu noma maningi kangakanani amapani ozowahlanza.

Usuyophindaphinda lesi sikali ngendlela efanelekile ukuze ingxube yakho yanele inani lamapani akho. Hlanganisa ingxenye yenkomishi yeBaking Soda kanye nengxenye yenkomishi kaviniga, bese ufaka amanzi anele endishini. Ngesikhathi uhlanganisa namanzi kuzoba nokuhlohloza kanye namagwebu. Yikona lokhu kushayisana kwezithako okwenza kusuke konke ukungcola emapanini akho. Faka amapani akho phakathi endishini. Ngiye ngibone kusebenza kahle kakhulu uma ngigcina amapani ami ephakathi kule ngxube ubusuku bonke, kodwa ke uma uxinekile ngasesikhathini, ungawagcina ihora kuya kwamabili. Emva kwalokho uzobe ususebenzisa isiponji ukuhlanza amapani akho. Uzozibonela futhi nangaphambi nje kokuwathinta ukuthi amanzi azobe engcolile ngenxa yokungcola okuphumayo. Ngiyakuncoma ukufaka amagilavu ngesikhathi usebenza ukuvikela ukuhwayeka kwezandla zakho.

Emva kokuhlikihla ngesiponji, hlanza amapani akho ngamanzi ahlanzekile axutshwe nensipho yokuhlanza izitsha. Emva kwalokhu, qiniseka ukuthi uyawesula amapani akho ngendwangu ome keqe. Lokhu kuvikela ukuthomba emapanini. Uma usuwahlanzile amapani akho, ngiyazi uzofi sa ngathi angephinde angcole. Kunendlela engakusiza ukuwagcina ehlanzekile. Ungaphinde uyisebenzise futhi le ndlela emapanini akho amasha ukuvikela ukuthi angcole nawo. Njalo uma uzobhaka, yendlala iphepha lokubhaka ngaphambi kokuqulela inhlama yakho epanini. Uma ungenalo leli phepha lokubhaka, ungasebenzisa ifoyli ye- aluminiyamu. Ngale ndlela, ipani lakho lizovikeleka. Okuhle ngala maphepha wukuthi awakuzweli ukushisa, ngakho ikhekhe lakho angeke liphazamiseke nganoma iyiphi indlela. Ngiyethemba la masu azokusiza ekubhakeni kwakho.

Amabhisikidi emfologo

Ake sicobelelana ngendlelakwenza elula yokubhaka lolu hlobo lwebhisikidi.

See Also

Izithako

  • Ama-100g ebhotela elithambile, elingaphumi efrijini
  • Ithispuni elilodwa (1) leVanilla Essence
  • Ama-50g kashukela ocolisekile (Caster Sugar)
  • Ama-150g kafl awa iSelf-Raising

Indlelakwenza

  • Shisisa uhhavini ngokuwubeka ku-180°C.
  • Lungisa ipani (eliyisicaba) ngokubeka iphepha lokubhaka kulona, bese ulibeka eceleni.
  • Endishini enkulu, faka ibhotela bese ulicuba ngomshini kagesi uze ube sakhilimu.
  • Qulela iVanilla Essence bese uhlanganisa ngesipuni esikhulu.
  • Qulela ushukela uqhubeke uhlanganise ngesipuni.
  • Faka ufl awa, uhlanganise, uqikelele ukuthi azikho izigaxa eziba senhlameni yakho. Ngiyakuncoma kakhulu ukuxuba ngesandla.
  • Hlukanisa inhlama uyenze amabhola amancane
  • Beka amabhola epanini lokubhaka. Qikelela ukuthi ushiya izikhala ezanele phakathi kwamabhola akho.
  • Cindezela amabhola akho ngengemuva lemfologo ukuze abe sasicaba. Qikelela nokho ukuthi angacabalali kakhulu.
  • Faka ipani kuhhavini, ubhake imizuzu ephakathi kweyishumi nanhlanu kuya kwengamashumi amabili (kuya ngokuthi ufi sa ashe kanjani).
  • Khipha amabhisikidi akho uwabeke esithebeni sokupholisa aphole.
  • Ukuhlobisa amabhisikidi akho noma ufuna ukunambitheka okwehlukile, ungacobhoza ingxenye eyodwa yebhisikidi ngalinye kushokoledi oncibilikisiwe.
Scroll To Top