Now Reading
Amasu okugcina amapani okubhaka ehlanzekile
Dark Light

Amasu okugcina amapani okubhaka ehlanzekile

Sekukaningi ngizwa ababhaki bekhala ngokwehluleka kwabo ukugcina amapani okubhaka ehlanzekile. Kujwayelekile ukuthi amapani okubhaka abukeke engcolile emva kokusetshenziswa izikhathi eziningana. Lokhu kusuke kungesiyona neze inkomba yokuthi amapani awawashwa, kodwa insila yamafutha kanye nokusha ihlala isilela njalo emva kokubhaka nokugcina sekunzima ukuwasusa ngokuphelele. Ngihlale ngiyala ababhaki ukuthi bangalindi insila ize ibe ningi ngokweqile emapanini nokugcina sekunzima ukuyisusa. Izithombe ezingenhla zikhombisa lokhu kugcola esikhuluma ngakho. Ngiyethemba uke wayibona le nsila emapanini akho okubhaka. Izindaba ezimnandi ukuthi ikhona indlela yokuhlanza amapani aphinde abukeke kahle futhi.

Angikwexwayise nokho: uma sekwedlule isikhathi eside kakhulu amapani akho uwasebenzisa ungawasusi ngale ndlela engizokhuluma ngayo namuhla ukungcola, kungathatha isikhashana ukuthi isuke yonke insila ekuwona. Kungakuqedi amandla ukubona kungasuki ngokuphelele lokhu kungcola. Yizame izikhashana ezimbalwa le ndlela yokuhlanza, uzowubona njalo umehluko emva kokuwahlanza. Njengoba uzobona namuhla, iBaking Soda ayisizi nje kuphela ekukhukhumaliseni inhlama, kodwa iphinde ibe yisithako esisebenza kahle kakhulu ekuhlanzeni izinto eziningi. Njengasekubhakeni, uma uzohlanza amapani akho kufanele uzikale kahle izithako zakho ukuze uthole imiphumela oyifi sayo. Zintathu nje qha izithako ozozidinga ekuhlanzeni kwakho amapani okubhaka: amanzi, iBaking Soda kanye noviniga omhlophe.

Kuya ngokuthi makhulu noma maningi kangakanani amapani ozowahlanza. Usuyophindaphinda lesi sikali ngendlela efanelekile ukuze ingxube yakho yanele inani lamapani akho. Hlanganisa ingxenye yenkomishi yeBaking Soda kanye nengxenye yenkomishi kaviniga, bese ufaka amanzi anele endishini. Ngesikhathi uhlanganisa namanzi kuzoba nokuhlohloza kanye namagwebu. Yikona lokhu kushayisana kwezithako okwenza kusuke konke ukungcola emapanini akho. Faka amapani akho phakathi endishini. Ngiye ngibone kusebenza kahle kakhulu uma ngigcina amapani ami ephakathi kule ngxube ubusuku bonke, kodwa ke uma uxinekile ngasesikhathini, ungawagcina ihora kuya kwamabili. Emva kwalokho uzobe ususebenzisa isiponji ukuhlanza amapani akho. Uzozibonela futhi nangaphambi nje kokuwathinta ukuthi amanzi azobe engcolile ngenxa yokungcola okuphumayo. Ngiyakuncoma ukufaka amagilavu ngesikhathi usebenza ukuvikela ukuhwayeka kwezandla zakho. Emva kokuhlikihla ngesiponji, hlanza amapani akho ngamanzi ahlanzekile axutshwe nensipho yokuhlanza izitsha.

See Also

Emva kwalokhu, qiniseka ukuthi uyawesula amapani akho ngendwangu ome keqe. Lokhu kuvikela ukuthomba emapanini. Uma usuwahlanzile amapani akho, ngiyazi uzofi sa ngathi angephinde angcole. Kunendlela engakusiza ukuwagcina ehlanzekile. Ungaphinde uyisebenzise futhi le ndlela emapanini akho amasha ukuvikela ukuthi angcole nawo. Njalo uma uzobhaka, yendlala iphepha lokubhaka ngaphambi kokuqulela inhlama yakho epanini. Uma ungenalo leli phepha lokubhaka, ungasebenzisa ifoyli yealuminiyamu. Ngale ndlela, ipani lakho lizovikeleka. Okuhle ngala maphepha wukuthi awakuzweli ukushisa, ngakho ikhekhe lakho angeke liphazamiseke nganoma iyiphi indlela. Ngiyathemba lamasu azokusiza ekubhakeni kwakho.

Scroll To Top