Now Reading
Uhlu lukhomba ukuqhubulushwa kwabesifazane
Dark Light

Uhlu lukhomba ukuqhubulushwa kwabesifazane

Kuyacaca ukuthi kusenabantu eNingizimu Afrika abangakholelwa ebuhlakanini nasemandleni abantu besifazane. Uma kubhekisiswa uhlu lwabantu olukhishwe ngesonto eledlule lwabazongenela ukhetho lokuhola iSouth African Sports Confederation and Olympic Committee (Sascoc), kuyacaca ukuthi abesifazane basavalelwa ngaphandle. Ohlwini kuvela amagama abesilisa abali-12 kanti ayisithupha awabesifazane aphakanyisiwe. Ukhetho lubekelwe umhla zingama-28 kule nyanga. Ngaphambi kokuvela kohlu, besekusuke omkhulu umsindo ngesikhathi kuvela ukuthi abantu abanjengoNtambi Ravele noCecilia Molokwane bagquzuliwe ngesikhathi befuna ukungenela ukhetho.

Kuvele ukuthi amalungu eTennis South Africa (TSA) uRavele onguSihlalo wayo, anxenxwe ngabathile kuSascoc ukuthi bangamvoteli. Ngokunjalo noMolokwane kuthiwa uhanjwe ngemuva ngabathile ukuthi inhlangano yeNetball ayiholayo, ingaliphakamisi igama lakhe. Nokho amagalelo alezi zikhulu zabesifazane ayaziwa. URavele, odabuka eLimpopo okwafakwa igama lakhe ku-2012 Sport Hall of Fame, nguye owayeseqhulwini lokusungulwa kweWomen and Sport in South Africa (WASSA) ngowezi-1996. Usuke lapho wasungula iSA Women and Sport Foundation (SAWASF) abuye waba uSihlalo wayo. Nguye futhi ongomunye wabasunguli be-Africa Women Sport Network (AWSN). Useke waba nguSihlalo weBoxing SA nokwaba ingqophamlando ezweni.

Ugixabezwe lesi sikhundla kuWheelchair Tennis South Africa neNetball South Africa. URavele uke wafundisa enyuvesi iSport Marketing, waba yiSekela likaMqondisi eMnyangweni Wezemidlalo kuzwelonke kanti waba yiGeneral Manager of Marketing and Corporate Communications kuPremier Soccer League (PSL). Uhlala njengelungu emabhodini kuLaureus Sport for Good South Africa, kuGauteng Tourism Authority nakuTennis South Africa. Useke wahlala kubhodi leSport Science Institute of South Africa (SSISA), iWomen Sports International (WSI) ne-International Netball Federation(INF). Selokhu uMolokwane aqokwa njengoMengameli weNetball South Africa, uyabonakala umehluko afike nawo. Iqembu lesizwe iProteas likhala lemuka nemiklomelo emithathu kuSA Sports Awards ayeseThekwini ngonyaka odlule.

See Also

INetball SA yaqokwa njengeFederation of the Year, yena uMolokwane, wagoduka nomklomelo we-Administrator of the Year kwathi iProteas yaqokwa njengeTeam of the Year. Lokhu kwakungenxa yokuqeda endaweni yesine kuNetball World Cup eyayise-England kanti anqoba i-African Netball Championship eyayibanjelwe eCape Town. Kukhulunywa ukuthi abaxhasi bayabanganisana ukudla ndawonye neProteas kungenxa yobuholi bukaMolokwane, ozalelwe ePretoria noqashwe njengoMsizi Wemeneja eHhovisi lezemidlalo kuMasipala wasePolokwane. Nakunobhutshuzwayo bambalwa abesifazane abasezikhundleni ezimqoka. URia Ledwaba ungomunye wamasekela kaDanny Jordan onguMengameli weSA Football Association (Safa).

UMato Madlala namanje usabanjisiwe ekubeni iBamba leCEO kuPremier Soccer League. NgokoMthethosisekelo weSascoc, kumele abesifazane babe uhhafu wamalungu ebhodi ale nhlangano ehlale inomsebenzi wokuthi izwe likhipha abadlali abayolimela ku-Olympics nakuParalympics. Eminyakeni eli-10 iSascoc ibivamise ukubhalwa kabi, kusolwa abaholi ngokungaphathi kahle imali.

Uhlu oluphakanyisiwe lumi kanje:

  • KwesikaMengameli: UBarry Hendricks (osabambile njengoMengameli weSascoc)‚ u-Alan Fritz (Swimming)‚ uKaya Majeke (Body-building) noWinston Meyer (Lifesaving).
  • KweseSekela Mengameli: UKobus Marais (Disabled Sport)‚ uDebbie Alexander (Triathlon)‚ uLwandile Simelane (Hockey)‚ uHendricks‚ uFritz‚ uMeyer noMajeke.
  • KweseSekela Lesibili likaMengameli: UMeyer‚ uMarais‚ u-Alexander‚ uMajeke noSimelane.
  • Amalungu ebhodi: URiad Davids (Tennis)‚ uJean Pierre Naude (Western Cape Sports Confederation)‚ uKim Pople (Canoeing)‚ uMoekie Grobbelaar (Disabled Sport)‚ uLinda Zwane (Soccer) ‚ uDavid Maralack (Athletics)‚ uSabelo Mthiyane (Basketball)‚ uWendy Gila (Roller Sport‚ uQondisa Ngwenya (Gymnastics‚ uNomsa Mahlangu (University Sport)‚ uMashilo Matsetela (Softball)‚ uMeyer‚ uMajeke noSimelane.
Scroll To Top