Now Reading
Ibhola lombhoxo linezinhlobo ezimbili zokulidlala
Dark Light

Ibhola lombhoxo linezinhlobo ezimbili zokulidlala

Omunye wemidlalo okungekudala udlalwa noma ulandelwa ngaboHlanga yilowo webhola lombhoxo. Ngenxa yobandlululo aboHlanga babekhishwa inyumbazana kulo mdlalo, bagcina sebegxile emdlalweni kanobhutshuzwayo. Kusezindaweni ezagcina sezingaphansi kwe-Eastern neWestern Cape lapho singacimanga khona isibani salo mdlalo kwaboHlanga. Yize-ke babedlala bodwa namaKhaladi nabadeshi ambalwa abahlamuka ubandlululo. Nasemveni kokuphela ngokusemthethweni kobandlululo ngonyaka we-1994, kuthathe isikhathi ukuthi kubonakale aboHlanga kulo mdlalo njengoba abadeshi babekhombisa ukuzabalaza bengafuni ukudla ngalukhezo lunye naboHlanga kulo mdlalo kangangokuthi ngowe-1995 mhla iNingizimu Afrika inqoba iNdebe YoMhlaba kwakunomdlali oyedwa oliKhaladi.

Uma kudonsiswana ngokukhishwa kwaboHlanga emdlalweni wombhoxo, kwakuhlale kuvezwa isithombe sohlobo lwe-15’s. Ngaleyo ndlela kwakheka isithombe kwabaningi boHlanga sokuthi lo mdlalo unohlobo olulodwa. Ngokuhamba kwesikhathi nokwanda kwaboHlanga kulo mdlalo, kube sekuvuka nothando lohlobo lwesibili, njengoba kukhona lolo olubizwa nge-7’s. Ngabe luhluke ngani kolwe-15’s. Njengoba namagama esho, kolwama- 7’s abadlali abagijima enkundleni babayisikhombisa, kolwama-15’s babe li-15 iqembu ngalinye. Mayelana nenkundla, akufani nasebholeni likanobhutshuzwayo lapho uma kudlala abadlali aba-5 nhlangothi zombili, kusetshenziswa isigamu senkundla. Lapha kusetshenziswa inkundla elinganayo kuzozombili izinhlobo nemithetho iyefana. Lapha singabala isibonelo sokungaphasi ibhola phambili. Omunye umehluko phakathi kwalezi zinhlobo zomdlalo wombhoxo yisikhathi.

See Also

Owe-15’s udlalwa imizuzu engama-80 kanti lowo we-7’s udlalwa eli-14. Kuma-7s akudlalwa umdlalo owodwa ngeviki kepha eyisithupha idlalwa ezinsukwini ezimbili ezilandelanayo, kuphume ingqwele. Ku-7s isikramu, lapho abadlali bengquzulana njengezinkunzi zezinkomo, sibandakanya abadlali abathathu kuphela. Nasekuphosweni kwebhola ebeliphumele ngaphandle kubanabadlali abathathu kuphela. Kuma-15’s kujwayeleke ukuthi umdlali ophethe ibhola akhashwe abadlali abathathu noma abane kodwa ngenxa yesibalo esincane sabadlali kuma-7s, ukhashwa umdlali oyedwa kuphela. Lokhu kuholela ekutheni kusheshe kucace imiphumela. Ibanga phakathi kwabadlali abahlaselayo likhulu okusho ukutho namaphasi kufanele abe made futhi ashaye esikhonkosini. Naphakathi kwalabo abavikayo ibanga likhulu. Lokho kwenza kungabi khona ukuthi umdlali amakwe ababili. Kubuye kwenze kubaluleke nakakhulu ukucupha izikhala. Uma umdlali omumakayo eke wakulahla kulukhuni ukuthi uzakwenu alekelele ukuvala isikhala osusivulile. Ngaleyo ndlela kusho ukuthi iqhina seliphunyukile. ISekela lomqeqeshi wamaBhokobhoko aphumelele iNdebe YoMihlaba yama-15s bekunguMzwandile Stick odlale isikhathi kuma-7s waze waba ngukaputeni.

Scroll To Top