Izinsolo zomsanka: Laguqa iTheku lansondo



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Laziwa njengesizinda sentuthuko nomlomo wokungena komnotho kweleNdlovukazi uMthaniya. Inqgalasizinda yalo efana nenkundla iMoses Mabhida ne-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre kubatshazwa umhlaba wonke. Kulo leli dolobha lapho enye yamanyunivesi ahlonishwayo emhlabeni i-University of KwaZulu-Natal kanye nechweba elikhulukazi lapho kushitshana khona imikhumbi litholakala khona. Ulwandle lwalo oluluhlaza luyinoni kubavakashi abavela kuwo wonke amagumbi omane omhlaba. Leli yiTheku nokuyidolobha labantu ababalelwa ezigidini ezintathu. Le yindawo yabantu abambalabala ngoba cishe zonke izinhlanga namasiko kutholakala lapha.
Ubungako balo kubonakala ngisho kusabelomali salo njengoba sikhonjwa ezigidigidini ezingama-R 50.8. Nokho lolu dumo seliqala ukugqwala ngenxa yezinsolo zomsanka wenkohlakalo okhonjwa kubaholi balo bezombusazwe. Lezi zinsolo sezinabele nasezisebenzini njengoba kuthangi lokhu kuvele enkantolo lowo oyiMeneja yalo uMnu uSipho Nzuza ngazo belu izinsolo zomsaka wenkohlakalo. Yize kusalindwe icala kanjalo nesinqumo senkantolo lesi sigameko siqubule imibuzo ekutheni engabe leli dolobha lisenabo yini abaphathi abanamava nabaqotho. Uba semabhetshini nje uNzuza wendlalelwe yilowo owayeyiMeya yedolobha, uNkk uZandile Thelma Ruth Gumede (uKaMajola) nabanye. OluKaMajola luzamazamise izinhlaka zeqembu lakhe i-African National Congress (ANC) njengoba kuvele izinkulumo zokuthi ukuboshwa kwakhe nokwamlahlekisela ngesikhundla njengeMeya yokuqala yesifazane yoHlanga.
Nokho kukhona abathi yebo zibe khona izigameko zomsaka ngesikhathi sikaKaMajola kepha bathi ufi ke sekuvele sekonakele. Bathi umgodi wagubheka ngesikhathi sikamufi uJohn Mchunu owangeSihlalo wenhlangano esifundeni iTheku. Yize esesenhlabathini okaJama kepha ukukhuluma nephunga kusamlandela njengoba kwakuthiwa amavenge amathenda ayabiwa nguye engekho ngisho eMkhandlwini. Phezu kwezinsolo uze wendela koPhakade, uMchunu kungekho nkantolo emthole enecala.
Ngonyaka wezi-2011 kwaba nezinsolo zenkohlakalo yethenda yezigidigidi ezintathu zamarandi eyayithinta inkampani i-Environmental Waste Solution (EWS) okwavela ukuthi owayeyiMeya yoMkhandlu iTheku ngaleso sikhathi uMnu u-Obed Mlaba nomndeni wakhe babe nevenge kuyo ngandlela thizeni. Ukukhuluma kwangaleso sikhathi kwabe kuthi uXimba (abakwaMlaba) nowayesezophuma esikhundleni wabe ‘eseqoqa’ ukuze kuthi angaphuma ungafi umbele. Lezi zinsolo zaqina ngesikhathi kuvela ukuthi ngokwamaphepha umnikazi nowayenamasheya amaningi ku-EWS, kwabe kunguMnu uRichard Wardrop inkampani yakhe yaqokwa uMasipala njengengakwazi ukwenza umsebenzi wokuguqula imfucuza ikhiqize amandla kagesi esizindeni sokulahla udoti esikuBisasar Road, eThekwini.
Okunye okwavela kwaba wukuthi i-EWS yaqokwa nakuba kwakunombiko kacwhepheshe wophiko lukadoti kulo Mkhandlu owawuveza ukukhathazeka ukukhathazeka ngokuthi ayinawo amandla okwenza lo msebenzi. Ngokwemibiko kachwepheshe eyathunyelwa ekomitini eliqoka izinkampani ezizokwenzela lo Mkhandlu imisebenzi, enye inkampani yaseThekwini iRe-Ethical yiyo eyayifake isicelo esiqondile futhi kwakufanele inikwe lo msebenzi. Okwabe sekuvela ukuthi amadodakazi kaMlaba nabanye babe sebesungula inkampani eyayibizwa ngokuthi yi-Own Environmental Waste Solutions (Pty) Ltd yanikezwa umsebenzi kwaphuma ekaWardrop.
Zaqhubeka nokumlandela izinsolo uXimba njengoba ngoNhlolanja wezi-2012 yena nowayeyiMeneja yalo Masipala, uMnu uMichael Sutcliffe, babalwa nezinye izikhulu ekungenzini kahle okuhlanganisa inkohlakalo, ukungaphathi kahle embikweni wophenyo olwalwenziwe iManase & Associates. Lolu phenyo lwalujutshwe uMphathiswa Wezokubusa Ngokubambisana KwaZulu-Natal, uNomusa MaDube Ncube, ukuphenya izinsolo zokukhwatshaniswa kwamathenda, inkohlakalo nokukhwabanisa okwakuthinta izikhulu eziphezulu kulo Mkhandlu. Lokhu kwalandela umbiko wowayenguMcwaningimabhuku uMnu uTerence Nombembe wangowezi-2009/10 owathi uMkhandlu iTheku usebenzise kabi imali eyizigidi zamarandi ezingama-532.
Ngaleso sikhathi uMaDube Ncube wathi umbiko wathola ukusetshenziswa kwemali ngendlela engafanele wuMasipala iminyaka emithathu eyayibalelwa ngaphezu kwezigidigidi zamarandi ezi- 2.188. Umbiko waveza nokuthi kwakungalandelwanga umthetho olawula ukusetshenziswa kwemali kaMasipala, iMunicipal Finance Management Act, kwasetshenziswa kabi umgomo wokukhishwa kwemisebenzi okuphuthumayo ukuze kunikwe izinkampani ezithandwa ngabathile imisebenzi. Waphinde wadalula ukuthi kwakunobufakazi obanele bokuthi uMlaba wasebenzisa amandla akhe njengeMeya ngokungafanele ukunika inkampani ayenobudlelwano nayo umsebenzi kulo Masipala.
Kwatholwa ukuthi uSutcliffe wehluleka ukubika izenzo zokukhwabanisa emaphoyiseni ngokwenzenjalo wephula uMthetho Wokusetshenziswa Kwemali KoMasipala noWokunqandwa Nokulwa Nezenzo Zenkohlakalalo (Prevention and Combating of Corrupt Activities Act. Ngokombiko, uSutcliffe waze waveza izenzo zenkohlakalo emuva konyaka lapho ayehlatshwa ngemibuzo abaphenyi ababehlanganisa lo mbiko. Kwavela ukuthi okungenani amakhansela ali-10 ayesasebenzela uMkhandlu nayengasekho nezikhulu ezingaphezulu kwezili-13, babesolwa ngenkohlakalo nokwephula umthetho ngokwenzela uMasipala imisebenzi nokwehluleka ukukuveza lokho.
Sekuwumlando ukuthi uMlaba owagcina ejutshwe ukuba yiNxusa lakuleli e-United Kindom (UK) emuva kokushiya kwesobuMeya, uke waphinde wasolwa ngokusebenzisa leli Hhovisi ukuzihlomulisa. Usolwe ngokusebenzisa isikhundla sakhe ukuzihlomulisa yena nenhlangano yakhe esiza umphakathi. Kuthiwa wayesebenzisa amaphepha anegama likaHulumeni waseNingizimu Afrika ukuhlanganisa izivumelwano zamabhizinisi akhe. Ngesikhathi ekhonjwa indlela eLondon, abenhlangano iSouth African Bussiness Abroad (SABA) nokuyiqoqo losomabhizinisi onhloso zabo kuwukukhongela elakuleli abatshalizimali, bathi ngomlomo womsungulu wayo uMnu uXolani Xala nowathi umlaba ‘yiqola isibili’: “Inhlangano iSABA ayinandawo yemigulukudu, futhi asizihlanganisi nezigelekeqe.
UMlaba kufanele aboshwe, akaboshwe avalelwe iminyaka yilapho okufanele ahlale khona nabangani bakhe. Simile ekwenzeni ngokusemandleni ethu ukuthuthukisa amabhizinisi hhayi imigulukudu,” kusho uXala Okunye okushaqisayo ngokwenzeka eThewini yikuthi kumakhansela ali-110, kuthiwa ingxenye yawo izothinteka uma selithethwa icala nokungasho ukuthi kuyothi kuyovotwa ngonyaka ozayo amanye amadoda namakhosizi kuyobe bayobe besashishilaza emabhetshini. Lokhu kuyokwenza bashishibezeke ngelibhaxa, ngapha zinkantolo, nkanti negcindezi yeqembu uma sekwenziwa uhlu izobe iphezulu. I-ANC nengcindezi Kusobala ukuthi iqembu elibusayo liyawazi umonakalo ongalethwa yilokhu okwenzeka eThekwini yikho laqoma ukumbisa uKaMajola nesigungu sakhe labe selifolosa ngabasha ngaphansi koholo lweMeya UMxolisi Kaunda ongumfana wendawo ngoba wakhe lapha emaQadini, kweseNkosi uMqoqi kaMzonjani Ngcobo. Okwaba ngumlamdo yikho ukuthi uKaunda noKaMajola baphuza uMzinyathi bobabili.
UKaunda, inkosazane emhlophe uNks uBelinda Scott oyiSekela leMeya, kwabe sekuthunyelwa nengwevu kwezombusazwe nomzabalo wabesifazane uNkk uWeziwe Thusi. Okwabe kusobala wukuthi ngalaba abathathu iqembu lalithi liyakhuculula nokho amadlambi eTheku kubukeka esabengama okwamanje. Bafikele phezu kwamadede okubalwa izinsolo zenkohlakalo, ukuxathuka kwethu ngenxa kadoti ongaqoqwa, wukuhlakazeka phakathi kwabalandeli beqembu ngenxa yokukhishwa koKaMajola. Okunye abazithele kukho zimbodla zezisebenzi zikaMasipala ebese zinyinyitheka ngenxa yamantshontsho acosheka emavengeni abahlonishwa.
Lokhu kufakazelwe yikho ukuboshwa kukaNzunza kanye noMnu uSandile Charles Ngcobo obephethe umnyango okuyiwo oklomelisa ngamathenda. OkukaNgcobo kujulile ngoba kuthinta ngisho inkehli yakhe uNkk uVuyiswa Ngcobo okuthi wacosha esithebeni esinonile kwavela ihhashi lensimbi, ubunsense bemoto. Lokhu kwabe kuyisipheko esabe sidluliswa ngomunye wosomabhizinisi owayethi ‘akwande emaQadini. OkukaMshazi (uNzuza) kubonakala sengathi kuphathelene nenduku yakhe ayisebenzisa lapho kwabe kungafanele khona njengoba kuthiwa wazininda ngokusayina imiqulu osekutholakala ukuthi yiyo eyazala umsanka wenkohlalo.
Kusobala ukuthi yize kuyophithizela enkantolo zili-16 kuMbasa nonyaka, abalingisi abamqoka lapha kuyobe kungabamangalelwa u-16, okaMajola no- 17 uMshazi. Bonke abazobe besebhetshini baboshwa ngabhande linye ngokuthi bacosha amavenge namantshontsho ezigidini ezingama-R430. Le nkece kuthiwa yabe ingumklamo wokuqoqwa kukadoti elokishini eMlaza eningizimu neTheku. Icala leli ngumphikwa Yize kubamangali lolu daba luqonde ngqo, ukuthi kukhona inkohlakalo eyenziwe ngakho abasolwa abajeze, kubamangalelwa akunjalo. Okwamanje bonke abasolwa bayawaphika amacala.
Ukuphikwa kwabo kwehlukene, kukhonba abathi banindelwa ngenxa yepolitiki kanti kukhona abathi kwasayina abanye bona abangeni kulokho. Uma kwukuthi wonke la makhansela abalwayo aya enkantolo nengase ithi abangasondeli eCity Hall njengomgomo webheyili nokuyinto eshiwo koKaMajola kungase kusho khona ukuthi iTheku liyoxhuga kuyoze kuyovotwa njengoba phela amakhansela ayobe esavika izembe. Sekukhona abathi vele kuyefana njengoba izinkinga zidlangile nje. Leli phephandaba like labika ngodaba oluthinta ukuzazelana kweTheku kanye nabemboni yamatekisi. Kulokhu izikhulu ezithize zisolwa ngokungahambisi kahle nosekuholele ekutheni uhlelo iGo!Durban ludonde. Okunye okuxake iTheku muva nje wudaba lokungaqoqwa kukadoti nosekudale ukungenami kwezakhamizi. Kuleli sonto uKaunda uzithole esephoqeleka ukuba ashweleze kubakhokhintela. Akukho ukungabaza ukuthi iTheku liphansi kwegcindezi nokusobala ukuthi abezokuxhuma kulo Masipala kumele basebenze ngamandla ukukhuculula izinkulumo eseziba yinkolelo yokuthi iTheku leli seliyisizinda somsanka wenkohlakalo.